Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe kuyafaneleka ukuba omunye woFakazi BakaJehova aye emshadweni wesihlobo esingeyena uFakazi noma womuntu amjwayele?
Imishado iyizenzakalo ezijabulisayo, futhi kuyaqondakala ukuthi umKristu angathanda ukujabula nabashadayo. Yiqiniso, izingane ezimenyiwe kufanele zenze okushiwo abazali noma abanakekeli bazo, ngoba banelungelo lokwenza isinqumo kule ndaba. (Efesu 6:1-3) Kodwa kuthiwani uma indoda engeyena uFakazi kaJehova icela umkayo ongumKristu ukuba ahambe nayo baye emshadweni ozobe usesontweni? Unembeza wakhe ungase umvumele ukuba aye njengesibukeli nje, ezimisele ukungahlanganyeli kunoma imiphi imicikilisho yenkolo ehlobene nalesi senzakalo.
Ngakho, ngokuyisisekelo ukuthi umuntu uyaya yini emshadweni othile noma cha, kuyisinqumo somuntu siqu. Nokho, umKristu ngamunye kufanele aqaphele ukuthi uyolandisa kuJehova futhi kumelwe acabangele izimiso eziningana ezingokomBhalo lapho enza isinqumo ngokuya emshadweni womuntu ongeyena uFakazi.
Okubaluleke kunakho konke engqondweni yomKristu kufanele kube isifiso sokwamukelwa uNkulunkulu. UJesu wathi: “UNkulunkulu unguMoya, futhi abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Ngakho, oFakazi BakaJehova abahlanganyeli ezenzakalweni ezixuba izinkolo, njengemithandazo, amasiko noma imicikilisho engqubuzana neqiniso leBhayibheli.—2 Korinte 6:14-17.
UmKristu uyaqaphela ukuthi isinqumo sakhe singathinta nabanye. Uma unquma ukuya, ingabe izihlobo zakho ziyothukuthela uma ungahlanganyeli ngokugcwele kukho konke okwenziwa emshadweni? Kudingeka kucatshangelwe nethonya okungaba nalo kwamanye amakholwa. (Roma 14:13) Ngisho noma wena noma amanye amalungu omkhaya wakho engaphetha ngokuthi ukuya emshadweni womuntu ongeyena uFakazi ngeke kube nenkinga, ingabe kungaba nethonya elibi kubafowenu nodadewenu abangamaKristu? Ingabe kungalimaza unembeza wabanye?
Imishado ehilela izihlobo ezingebona oFakazi ingabangela izimo eziyinselele. Kuthiwani uma ucelwa ukuba ube impelesi? Noma kuthiwani uma umuntu oshade naye engeyena uFakazi futhi efuna ukuba uhlanganyele ngokugcwele? Uma kuzoshadelwa ehhovisi likahulumeni futhi kuzoshadisa umahluleli noma isikhulu sikahulumeni, ukuya kuwo kungase kusho nje ukuba ufakazi esenzakalweni esingokomthetho.
Nokho, kunezinye izinto okumelwe sizicabangele uma umshado uzoba sesakhiweni senkolo noma uzohlanganiswa umfundisi. Ukuze ulalele unembeza wakho oqeqeshwe ngeBhayibheli futhi ugweme ukuyekethisa ezinkolelweni zakho noma ukwenza okuthile okungase kuphoxe abashadayo, ungase unqume ukungayi. (IzAga 22:3) Ungazivikela wena nomndeni ekukhathazekeni okukhulu ngokuzichaza kusengaphambili izinkolelo zakho ezisekelwe eBhayibhelini, ubonise ukuthi uzimisele ukuhlanganyela ngezinga elingakanani noma mhlawumbe usikisele ezinye izindlela.
Ngemva kokucabangisisa ngazo zonke izici, amanye amaKristu angase anqume ukuthi ngeke kube okungafaneleki ukuya emshadweni womuntu ongeyena uFakazi uma ungeke ube nangxenye. Kodwa uma umKristu ebona ukuthi ngokuba khona, angase alingeke ukuba ayekethise ezimisweni zikaNkulunkulu, angaphetha ngokuthi izingozi ziningi kakhulu kunezinzuzo. Uma enquma ukungayi emshadweni kodwa aye edilini elenziwa ngemva kwawo njengoba emenyiwe, kufanele azimisele ukuba ‘zonke izinto azenzele inkazimulo kaNkulunkulu.’ (1 Korinte 10:31) Lapho senza izinqumo ezinjalo, “yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo” wemfanelo. (Galathiya 6:5) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi siyini isinqumo sakho, khumbula ukuthi okubalulekile ukuba ulondoloze unembeza omuhle kuJehova uNkulunkulu.