Iyini Injongo Yokuphila?
KUNGANI IMPENDULO IBALULEKILE? Zimbalwa izinto ezicindezelayo ekuphileni kwabantu kunombono wokuthi ukuphila akunanjongo. Ngakolunye uhlangothi, umuntu onenjongo ecacile yokuphila uyakwazi ukubhekana nezimo ezinzima. UViktor E. Frankl, isazi sezinzwa esasinda nasekuQothulweni Kwesizwe, wabhala: “Ngikusho ngesibindi ukuthi, akukho lutho emhlabeni olungasiza umuntu ngokuphumelelayo ukuba asinde ngisho nasezimweni ezimbi kakhulu, kunolwazi lokuthi kukhona injongo ekuphileni kwakhe.”
Kodwa, kunemibono eminingi nengqubuzanayo ngale ndaba. Abantu abaningi banomuzwa wokuthi umuntu ngamunye angazinqumela ukuthi iyini injongo yokuphila. Ngokuphambene nalokho, abanye abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo bafundisa ukuthi ayikho injongo yangempela yokuphila.
Nokho, indlela enengqondo kakhulu yokuthola injongo yokuphila iwukuya kuMniki-kuphila, uJehova uNkulunkulu. Ake ucabange ngalokho iZwi lakhe elikushoyo ngale ndaba.
Lokho Okushiwo YiBhayibheli
IBhayibheli lifundisa ukuthi uJehova uNkulunkulu wayenenjongo ekhethekile ngowesilisa nowesifazane lapho ebadala. UJehova wanika abazali bethu bokuqala umyalo olandelayo.
UGenesise 1:28. “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe, nithotshelwe yizinhlanzi zolwandle nezidalwa ezindizayo zamazulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihamba phezu komhlaba.”
Injongo kaNkulunkulu yayiwukuba u-Adamu no-Eva nezingane zabo benze umhlaba wonke ube yipharadesi. Wayengahlosile ukuba abantu baguge futhi bafe; engafuni nokuthi isintu sonakalise indalo. Kodwa, ngenxa yezinqumo ezingahlakaniphile zabazali bethu bokuqala, sizuze isono nokufa. (Genesise 3:2-6; Roma 5:12) Noma kunjalo, injongo kaJehova ayikashintshi. Ngokushesha umhlaba uzoba yipharadesi.—Isaya 55:10, 11.
UJehova wasidala sinamandla angokomzimba nangokwengqondo okufeza injongo yakhe. Akasidalelanga ukuba siziphilele ngaphandle kwakhe. Phawula ukuthi injongo kaNkulunkulu ngathi ichazwe kahle emiBhalweni yeBhayibheli elandelayo.
UmShumayeli 12:13. “Isiphetho sendaba, njengoba sekuzwakele konke, yilesi: Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.”
UMika 6:8. “Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?”
UMathewu 22:37-39. “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Lona ngumyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala. Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’”
Indlela Impendulo YeBhayibheli Eletha Ngayo Ukuthula Kwengqondo Kwangempela
Noma yimuphi umshini oyinkimbinkimbi ukuze usebenze kahle, kufanele usetshenziselwe injongo yawo futhi ngendlela umenzi wawo ahlose ukuba usetshenziswe ngayo. Ngendlela efanayo, ukuze sigweme ukuzilimaza—ngokomoya, ngokwengqondo, ngokomzwelo noma ngokomzimba—kudingeka sisebenzise ukuphila kwethu ngendlela uMenzi wethu ayehlose ngayo. Cabangela indlela ukwazi injongo kaNkulunkulu okusilethela ngayo ukuthula kwengqondo kulezi zici ezilandelayo zokuphila.
Lapho benquma ukuthi yini eza kuqala, abaningi namuhla bazinikela ekuqongeleleni ingcebo. Kodwa, iBhayibheli lixwayisa ngokuthi “labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo.”—1 Thimothewu 6:9, 10.
Ngakolunye uhlangothi, labo abafunda ukuthanda uNkulunkulu kunokuthanda imali bathola imfihlo yokwaneliseka. (1 Thimothewu 6:7, 8) Bayakwazisa ukubaluleka kokusebenza kanzima futhi banesibopho sokunakekela izidingo zabo ezingokwenyama. (Efesu 4:28) Kodwa basithatha ngokungathí sina nesixwayiso sikaJesu: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili; ngoba uyozonda enye athande enye, noma anamathele kwenye, adelele enye. Anikwazi ukuba yizikhonzi zikaNkulunkulu nezeNgcebo.”—Mathewu 6:24.
Ngakho-ke, esikhundleni sokwenza umsebenzi wokuziphilisa noma ukuphishekela ingcebo kuze kuqala, labo abathanda uNkulunkulu bakhathalela ngokuyinhloko ukwenza intando yakhe ekuphileni kwabo. Bayazi ukuthi uma ukuphila kwabo kugxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu, khona-ke uJehova uNkulunkulu uyobanakekela. Empeleni, uJehova ukubheka njengesibopho ukwenza kanjalo.—Mathewu 6:25-33.
Lapho besebenzelana nabantu, abaningi bazibeka kuqala. Namuhla, izwe alinakho ukuthula, ngokuyinhloko ngenxa yokuthi abantu abaningi ‘sebengabazithandayo, abangenalo uthando lwemvelo.’ (2 Thimothewu 3:2, 3) Lapho othile ebadumaza noma engavumelani nombono wabo, baveza “ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza.” (Efesu 4:31) Kunokuba kulethe ukuthula kwengqondo, ukuntula ukuzithiba okunjalo kumane nje ‘kubhebhezele umbango.’—IzAga 15:18.
Ngokuphambene nalokho, labo abalalela umyalo kaNkulunkulu wokuba bathande umakhelwane njengoba bezithanda bona ‘banomusa komunye nomunye, banobubele besisa, bathethelelana ngokukhululekile.’ (Efesu 4:32; Kolose 3:13) Ngisho nalapho abanye bengabaphathi ngomusa, bazama ukulingisa uJesu, okwathi lapho ethukwa ‘wangaphindisela’ ngokuthuka.” (1 Petru 2:23) NjengoJesu, bayaqonda ukuthi kuletha ukwaneliseka kweqiniso ukukhonza abanye, ngisho nalabo abangase bangakwazisi lokho abakwenzelwayo. (Mathewu 20:25-28; Johane 13:14, 15; IzEnzo 20:35) UJehova uNkulunkulu ubanika umoya wakhe labo abalingisa iNdodana yakhe, futhi lo moya ukhiqiza ukuthula kwangempela ekuphileni kwabo.—Galathiya 5:22.
Kodwa-ke, umbono wakho ngekusasa ungakuthonya kanjani ukuthula kwakho kwengqondo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Umuntu udinga injongo ecacile ekuphileni
[Isithombe ekhasini 7]
UJesu usifundisa indlela esingakuthola ngayo ukuthula kwengqondo