Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 10/22 k. 18-k. 19
  • Isparrow—Umngane Noma Isitha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isparrow—Umngane Noma Isitha?
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokuba Ibhekwe Njengeshinga
  • Izici Ezihlengayo
  • INgqapheli Ekubonayo Ukubaluleka Kwethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Impicabadala Yondlunkulu BaseBrithani
    I-Phaphama!—2001
  • UJehova Uzibalile “Zona Kanye Izinwele Zekhanda Lenu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ubalulekile Emehlweni KaNkulunkulu!
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 10/22 k. 18-k. 19

Isparrow—Umngane Noma Isitha?

OMAKHELWANE abasha basanda kungena endlini yabo. Ngemva kokukhipha abebeqashe kuyo futhi baxosha noma yiziphi izibukeli ezithanda izindaba, sebezinzile ukuze benze umsebenzi wansuku zonke wokukhulisa nokondla umkhaya.

Igama labo, elithi sparrow, lisetshenziswa ezinyonini eziningi ezihlukahlukene, kodwa ngokuvamile libhekisela emalungwini omndeni wamahlokohloko. Amasparrow ngokuvamile ayizinyoni ezincane, ezinganakekile ezinezinsiba ezimpunga, ezinsundu, nezimnyama. Amaningi awo angabaculi abanekhono.

Nokho, mhlawumbe amasparrow awalona uhlobo lomakhelwane ongabakhetha. Ngoba nakuba abanye bewatusa ngesibindi sawo nokuzifanelanisa nezimo, lezinyoni ezincane ziye zangathandeka kwezinye izindawo.

Isizathu Sokuba Ibhekwe Njengeshinga

Isparrow sasekhaya (Passer domesticus), noma iEnglish sparrow, sathuthwa sisuka eYurophu siyiswa eNyakatho Melika ngo-1851 ngamathemba okuthi sasiyokhulula imithi emiswenyeni ebhubhisayo. Nokho, ngokushesha amasparrow athola ukuthi ukuhlala edolobheni kwakulula kunokuhlala emaphandleni. Ngakho esikhundleni sokudla izinambuzane, aphendukela ekudleni izinsalela zokudla futhi ngokushesha achwephesha ekhonweni lokuhlasela imigqomo kadoti. “Ukuzifanelanisa nezimo kanye nobudlova” besparrow sasekhaya, kuphawula incwadi ethi North American Birds, “kufana nesimo sabafuduki abanoboya njengebuzi elinsundu, ibuzi elimnyama, kanye negundwane lasekhaya.”

Amasparrow akha amakhaya awo angcolile, angahlanzekile kuzo zonke izingosi ezicashile. Izimpaphe, uboya, nezingubo ezilahliwe kuphakathi kwezinhlanganisela azithandayo ekwakheni izidleke. Ngokuvamile axosha izinyoni zendawo abe esethatha ngokweyisa izidleke zazo, echoboza amaqanda abaqashi abakhishiwe. Ngaphezu kwalokho, amasparrow abhubhisa izinhlobo ezihlukahlukene zezithelo, futhi adla izithelo esezivuthwa nemifino ethambile, esemincane.

EBrazil, lapho isparrow sasekhaya sangeniswa futhi khona ngamabomu, asizange nje kuphela silimaze izitshalo kodwa futhi saxosha inyoni ethandekayo okuthiwa itico-tico. Njengoba ilingana nesparrow futhi ifana naso ngombala, itico-tico iyinyoni encane enobungane, ewusizo ebulala izinambuzane ezilimaza izitshalo.

Izici Ezihlengayo

Nokho amasparrow ayizinyoni ezithanda ukudlala ezinswininiza ngezwi eliqhaqhazelayo, futhi abantu abaningi bayakujabulela ukuwabuka njengoba ebhakuzisa amaphiko esuka othini lwawo eya phansi aphinde abuyele khona. Omunye umbukeli wezinyoni uyalandisa: “Cishe sinezidleke zamasparrow eziyisikhombisa endaweni eseduze nendlu yethu. . . . Ungathola iqembu lalezinyoni lidlala emanzini ngesikhathi esisodwa, futhi lizishayanisa njengoba lidlala. Ezinye ‘ziyathatheka’ ngempela. Ziyatshuza zishaye amaphiko, futhi ziyaluze ziye ngapha nangapha, zilule amaphiko azo kuze kube yilapho sezicishe zigcwale amanzi. Ngemva kwalokho, zigxumela othangweni, zisule imilomo yazo, zizithintithe ngendlela inja ebingenza ngayo, zilunguze emanzini bese ziphinda zitshuzela phakathi. Lokhu kungaqhubeka cishe isikhathi esingangehora ngesikhathi esisodwa, bese zindiza zihambe ziphinde zibuye futhi esikhathini esingangehora elilodwa noma amabili.” Ngezinye izikhathi amasparrow angabonakala futhi ezigingqa othulini emhlabathini owomile emgwaqweni noma ezimbalini.

Ngokuthakazelisayo, amasparrow kuyakhulunywa ngawo eBhayibhelini. Kabili, uJesu wasebenzisa lezinyoni ezinganakekile ekufanekiseni ukunakekela kukaNkulunkulu kothando. Lapho ethumela abaphostoli bakhe abangu-12 beyoshumayela, uJesu wababuza: “Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na?” wayesechaza: “Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo. Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.” Kamuva enkonzweni yakhe, uJesu waphinda lomfanekiso, ngaleyondlela egcizelela ukuthi njengoba uNkulunkulu engakhohlwa ngisho nesparrow eyodwa, ngeke abakhohlwe labo abamkhonzayo.​—⁠Mathewu 10:​29, 31; Luka 12:​6, 7.

Ngokusobala, uJehova uNkulunkulu uyazisa yonke indalo yakhe, kokubili encane nenkulu. Futhi nakuba izici zezidalwa ezithile zingase zizenze zingathandeki kithina, izinhlobo eziningi nezihlukahlukene zezinto eziphilayo zibonakalisa ukuhlakanipha koMdali wethu oMuhle.​—⁠IHubo 104:⁠24.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela