Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 6/15 kk. 16-17
  • Ingabe Ukulungele Ukumelela Ukholo Lwakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukulungele Ukumelela Ukholo Lwakho?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngingabhekana Kanjani Nokungabi Nabulungisa?
    I-Phaphama!—1999
  • Abantwana Besikole BaseNigeria Bayabusiswa Ngenxa Yokwethembeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ngingasebenzelana Kanjani Kahle Nothisha Wami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Othisha—Kungani Sibadinga?
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 6/15 kk. 16-17

Ingabe Ukulungele Ukumelela Ukholo Lwakho?

WAKE wabhekana yini nesimo lapho wazizwa uphoqeleka ukuba umelele ukholo lwakho? Cabanga ngalokho okwenzeka kuSusana, udade waseParaguay oneminyaka engu-16 ubudala, owayefunda esikoleni esiphakeme. Lapho besekilasini, othile wathi oFakazi BakaJehova abalisebenzisi “iTestamente Elidala” futhi abakholelwa kuJesu Kristu noma kuMariya. Abanye bathi oFakazi bangabantu abashiseka ngokweqile abangakhetha ukufa kunokuba bamukele usizo lwezokwelapha. Wawuyosabela kanjani?

USusana wathandaza kuJehova wayesephakamisa isandla. Isifundo sase sizophela, ngakho wacela uthisha ukuba amnike imvume yokuyolungiselela ingxoxo ngezinkolelo zakhe njengomunye woFakazi BakaJehova. Uthisha wavumela phezulu. Emasontweni amabili alandela, uSusana walungiselela leyo ngxoxo, esebenzisa incwajana ethi OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?

Lwafika usuku lwaleyo ngxoxo. USusana wachaza umsuka wegama elithi oFakazi BakaJehova, ithemba esinalo ngekusasa nesizathu esenza singavumi ukumpontshelwa igazi. Wabe esenika ikilasi ithuba lokubuza imibuzo. Iningi labafundi laphakamisa izandla. Uthisha wahlabeka umxhwele ngezimpendulo ezingokomBhalo zale ntombazane.

Omunye umfundi wathi, “Ngake ngaya eHholo LoMbuso, futhi kwakungekho nesithombe esisodwa nje.” Uthisha wafuna ukwazi isizathu salokho. USusana wafunda iHubo 115:4-8 no-Eksodusi 20:4. Emangele, uthisha wathi, “Pho kungani amasonto ethu egcwele izithombe kanti iBhayibheli liyazilahla?”

Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo yaqhubeka imizuzu engu-40. Lapho uSusana ebuza ikilasi ukuthi lingathanda yini ukubuka i-video ethi No Blood—Medicine Meets the Challenge, lavuma lonke. Ngakho, uthisha wahlela esinye isikhathi ngakusasa. Ngemva kwe-video, uSusana wachaza izindlela ezihlukile zokwelapha ezamukelwa abanye oFakazi BakaJehova. Ngokuphathelene nale ndaba uthisha wathi: “Bengingazi ukuthi kunezindlela zokwelapha ngaphandle kwegazi eziningi kangaka; futhi bengingazazi izinzuzo zako. Ingabe lezi zindlela zisetshenziswa koFakazi BakaJehova kuphela?” Lapho ezwa ukuthi zingasetshenziswa nakubantu bonke, uthisha wathi, “Ngokuzayo lapho oFakazi BakaJehova befika kwami, ngizobamukela.”

Ingxoxo uSusana ayeyilungiselele ukuba ithathe imizuzu engu-20 yagcina ibe amahora amathathu. Ngemva kwesonto, abanye abafundi banikeza izingxoxo ngezinkolelo zamasonto abo. Ngemva kwengxoxo kwabuzwa imibuzo eminingi, kodwa labo bafundi abakwazanga ukulumelela ukholo lwabo. Uthisha wabuza, “Umfundi onguFakazi kaJehova ukwazile ukumelela ukholo lwakhe, nina nihlulwa yini?”

Baphendula: “Phela bona bayalifunda iBhayibheli. Thina asilifundi.”

Ebheka uSusana, uthisha wathi: “Ulifunda ngempela iBhayibheli futhi uyazama ukwenza lokho elikushoyo. Kumelwe unconywe.”

USusana wayengase akhethe ukuthula. Nokho, ngokukhuluma walandela isibonelo esihle sentombazanyana engumIsrayeli igama layo elingashiwongo, eyayithunjwe abaseSiriya. Yahlala emzini kajenene waseSiriya, uNahamani, owayenesifo esibi sesikhumba. Le ntombazanyana engumIsrayeli yathi endlovukazini yayo: “Ukube nje inkosi yami ibiphambi komprofethi oseSamariya! Khona-ke ubeyoyiphilisa ochokweni lwayo.” Ayikwazanga ukuthula, yakhuluma ngoNkulunkulu weqiniso. Ngenxa yalokho, inkosi yayo, uNahamani, yaba umkhulekeli kaJehova.—2 AmaKh. 5:3, 17.

Ngokufanayo, uSusana akakwazanga ukuthula angakhulumi ngoJehova nangabantu bakhe. Ngokuthatha isinyathelo sokumelela ukholo lwakhe lapho izinkolelo zakhe zibekelwa inselele, uSusana wayelalela lo myalo ongokomBhalo: “Ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, ngaso sonke isikhathi nikulungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Pet. 3:15) Ingabe ukulungele ukumelela ukholo lwakho futhi uthathe isinyathelo lapho kuvela ithuba?

[Izithombe ekhasini 17]

La mathuluzi angakusiza ukuba umelele ukholo lwakho

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela