Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 6/15 k. 28
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umphostoli uPawulu wathi ‘wonke u-Israyeli wayeyosindiswa.’ (Roma 11:26) Ingabe wayesho ukuthi kunesikhathi lapho wonke amaJuda ayeyophendukela ebuKristwini?
  • “UIsrayeli Wonke Uyakusindiswa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ukubeka Uphawu U-Israyeli KaNkulunkulu
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
  • Ofakazi AbangamaKristu Abayizakhamuzi Zasezulwini
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • AmaJuda
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 6/15 k. 28

Imibuzo Evela Kubafundi

Umphostoli uPawulu wathi ‘wonke u-Israyeli wayeyosindiswa.’ (Roma 11:26) Ingabe wayesho ukuthi kunesikhathi lapho wonke amaJuda ayeyophendukela ebuKristwini?

Cha, wayengasho lokho. Njengesizwe, inzalo ka-Abrahama engokwenyama yamenqaba uJesu njengoMesiya. Eminyakeni yangemva kokufa kukaJesu, kwaba sobala ukuthi akuwona wonke amaJuda ayezophendukela ebuKristwini. Noma kunjalo, wayeqinisile uPawulu uma ethi ‘wonke u-Israyeli wayeyosindiswa.’ Sikusho ngani lokhu?

UJesu wathi kubaholi benkolo bamaJuda bosuku lwakhe: “Niyophucwa umbuso kaNkulunkulu unikwe isizwe esithela izithelo zawo.” (Math. 21:43) Ngenxa yokuthi isizwe sakwa-Israyeli sisonke samenqaba uJesu, uJehova wayeyonaka isizwe esisha, esingokomoya. UPawulu wabiza lesi sizwe ngokuthi “u-Israyeli kaNkulunkulu.”—Gal. 6:16.

Ezinye izindinyana emiBhalweni YamaKristu YesiGreki ziyakufakazela ukuthi “u-Israyeli kaNkulunkulu” wakhiwa amaKristu agcotshwe ngomoya angu-144 000. (Roma 8:15-17; IsAm. 7:4) Ukuthi leli qembu laliyohlanganisa nabangewona amaJuda kuqinisekiswa isAmbulo 5:9, 10, esibonisa ukuthi amaKristu agcotshiwe aphuma “kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe.” Injongo yokukhethwa kwamalungu ka-Israyeli ongokomoya yayiwukuba abe ‘ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu futhi ayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.’ Nakuba uJehova amlahla u-Israyeli ukuba angabe esaba isizwe sakhe esikhethekile, abantu ngabanye abangama-Israyeli babengabuyisana naye. Yilokho okwenzeka kubaphostoli namanye amaKristu amaningi okuqala. Yebo, lawo maJuda, njengabo bonke abanye abantu, kwakudingeka athengwe ngegazi likaJesu Kristu.—1 Thim. 2:5, 6; Heb. 2:9; 1 Pet. 1:17-19.

Ukuthi iningi lamaJuda enyama ekhulwini lokuqala lalahlekelwa ithuba lokuba ababusi noJesu akuzange kuyishafise injongo kaNkulunkulu. Lokhu kwakungenakwenzeka ngoba uJehova wathi ngomprofethi wakhe: “Liyoba njalo nezwi lami eliphuma emlonyeni wami. Ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.”—Isaya 55:11.

Lokhu kuyiqiniso ngokuqondene nenjongo kaNkulunkulu yokumisa ababusi abangu-144 000 ukuba babuse kanye neNdodana yakhe ezulwini. IBhayibheli likwenza kucace ukuthi uNkulunkulu wayeyogcoba inani eliphelele labangu-144 000. Liyophelela nakanjani!—IsAm. 14:1-5.

Ngakho, lapho uPawulu ebhala ukuthi ‘wonke u-Israyeli wayeyosindiswa,’ wayengabikezeli ukuthi wonke amaJuda ayeyoguqukela ebuKristwini. Kunalokho, wayesho ukuthi injongo kaNkulunkulu yokuba kube nama-Israyeli angokomoya angu-144 000 abusa ezulwini neNdodana yakhe, uJesu Kristu, yayiyogcwaliseka. Ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, inani eliphelele—“wonke u-Israyeli”—laliyosindiswa, ekugcineni libuse njengamakhosi nabapristi eMbusweni kaMesiya.—Efe. 2:8.

[Isithombe ekhasini 28]

Abagcotshiwe baphuma “kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela