UNkulunkulu Uye Wangibonisa Isihe
Njengoba ilandiswa nguBolfenk Moc̆nik
“Manje qina.” Lawa kwakungamazwi aqinile, aphuthumayo ashiwo umama lapho enganga. Amasosha asihlukanisa, futhi kwaqala ukuqulwa kwecala. Ekugcineni, sakhishwa isigwebo: iminyaka emihlanu ejele. Mhlawumbe abantu abaningi babezokhungatheka. Kodwa eqinisweni, ngezwa ukuthula okukhulu. Ake ngichaze.
IZENZAKALO ezichazwe ngenhla zenzeka ngo-1952 eSlovenia.a Kodwa empeleni indaba yami iqala cishe eminyakeni engu-20 ngaphambi kwalokho, ngo-1930. Yilapho abaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi, bahlela khona ukuba kubhapathizwe iqembu ezweni lakithi. Abazali bami, uBerta noFranz Moc̆nik, babephakathi kwalabo ababhapathizwa. Ngaleso sikhathi ngangineminyaka eyisithupha, udadewethu, uMajda, enemine. Umuzi wakithi owawusedolobheni laseMaribor wawuyisikhungo semisebenzi yobuKristu.
U-Adolf Hitler wathatha umbuso eJalimane ngo-1933 futhi waqala ukushushisa oFakazi. OFakazi abaningi baseJalimane bathuthela eYugoslavia beyosiza ngomsebenzi wokushumayela. Abazali bami babekuthanda ukwamukela abantu abanjalo abathembekile njengezihambi. Esinye sezihambi engisikhumbula kahle kwakunguMartin Poetzinger, okwathi kamuva wachitha iminyaka engu-9 emakamu okuhlushwa amaNazi. Kamuva impela, kusukela ngo-1977 kuya ekufeni kwakhe ngo-1988, wakhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova.
Lapho esivakashele, uMartin njalo wayelala embhedeni wami, mina nodadewethu silale ekamelweni nabazali bethu. Wayene-encyclopedia encane enombala ogqamile engangena ephaketheni eyayishukumisa ingqondo yami yobuntwana. Ngangithanda ukuyiphenya leyo ncwadi.
Isikhathi Sovivinyo Olunzima
Ngo-1936, njengoba umbuso kaHitler wawukhula, abazali bami baya emhlanganweni wezizwe oyingqopha-mlando eLucerne, eSwitzerland. Njengoba ubaba ayenebhesi emnandi, ngaleso sikhathi wakhethwa ukuba aqophe izintshumayelo zeBhayibheli kamuva ezazidlalelwa abaninikhaya kulo lonke elaseSlovenia. Ngokushesha nje ngemva kwalowo mhlangano oyingqopha-mlando, oFakazi eYurophu baqala ukushushiswa kabuhlungu. Abaningi bahlupheka kakhulu futhi bafa emakamu okuhlushwa amaNazi.
Ngo-September 1939, kwaqala iMpi Yezwe II, futhi ngo-April ka-1941, amasosha amaJalimane athatha izingxenye ezithile zeYugoslavia. Izikole zaseSlovenia zavalwa. Senqatshelwa ukusebenzisa ulimi lwethu emphakathini. Njengoba oFakazi BakaJehova bengaluthathi uhlangothi kuzo zonke izingxabano zezombangazwe, benqaba ukuhlanganyela emizamweni yempi.b Ngenxa yalokho, abaningi baboshwa kanti abanye babulawa—kuhlanganise nensizwa egama layo linguFranc Drozg, engangiyazi kakhulu. Iqembu lamaNazi labadubuli lalenza umsebenzi walo endaweni eyayiqhele ngamamitha angaba yikhulu ukusuka ekhaya. Ngisambona kahle umama evala izindlebe zakhe ngendwangu, ezama ukuvimba umsindo wezibhamu. Amazwi okugcina kaFranc encwadini yakhe yokuvalelisa umngane wakhe omkhulu ayethi, “Ngizokubona eMbusweni kaNkulunkulu.”
Inkambo Engizisola Kakhulu Ngayo
Ngangineminyaka engu-19 ngaleso sikhathi. Nakuba ngangimhlonipha uFranc ngokuma kwakhe eqinile, nganginovalo. Ingabe nami ngangizokufa? Ukholo lwami lwalubuthakathaka, futhi ubuhlobo bami noJehova bungaqinile. Ngabe sengibuthelwa ebusosheni. Ukwesaba kwakukukhulu kunokholo lwami, ngakho nganikela khona.
Ngathunyelwa lapho impi yayibambene khona nelaseRussia. Ngokushesha ngabona amasosha ebutho lethu ewa ngapha nangapha. Impi yayesabeka futhi inesihluku. Unembeza wami wawulokhu ungihlupha. Ngamncenga uJehova ukuba angithethelele nokuba angiphe amandla okuhamba ngendlela elungile. Lapho ukuhlasela okukhulu kwezitha kudala isiphithiphithi ebuthweni lethu, ngathola intuba yokubaleka.
Ngangazi ukuthi uma ngike ngabanjwa, ngizobulawa. Phakathi nezinyanga ezingu-7 ezalandela, ngathola izindawo ezihlukahlukene zokucasha. Ngaze ngakwazi ukuthumela iposikhadi kuMajda elinamazwi athi: “Sengimshiyile umqashi wami futhi sengisebenzela omunye.” Ngangiqonde ukuthi sengifuna ukusebenzela uNkulunkulu manje, kodwa kwathatha isikhathi eside ngaphambi kokuba ngikwenze ngempela lokho.
Ngo-August 1945, ngemva kwezinyanga ezintathu iJalimane licele umaluju emaButhweni Asizanayo, ngakwazi ukubuyela eMaribor. Kuyamangalisa ukuthi sonke—ubaba, umama nodadewethu—sasisindile kuleyo mpi esabekayo. Kodwa ngaleso sikhathi kwase kubusa amaKhomanisi, futhi ayeshushisa oFakazi BakaJehova. Umsebenzi wokushumayela wawuvinjelwe ngokusemthethweni, kodwa oFakazi baqhubeka beshumayela ngomshoshaphansi.
Ngo-February 1947, oFakazi abathathu abathembekile—uRudolf Kalle, uDus̆an Mikić no-Edmund Stropnik—bagwetshwa intambo. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, lezi zigwebo zashintshwa zaba iminyaka engu-20 ejele. Imithombo yezindaba yakusakaza kabanzi konke lokhu, futhi ngaleyo ndlela abantu abaningi bazi ngokuphathwa kabi koFakazi. Lapho ngifunda ngalokhu ezihlokweni zamaphephandaba, inhliziyo yami yaba buhlungu kakhulu. Ngangazi ukuthi yini okwakufanele ngiyenze.
Ngiyaqina Ngokomoya
Kwakubuhlungu ukuqaphela ukuthi kudingeka ngimelele iqiniso leBhayibheli, ngakho ngaqinisa imizamo yami ukuze ngisetshenziswe emsebenzini wethu wokushumayela ngomshoshaphansi. Futhi ngenxa yokufunda iBhayibheli ngokuzimisela, ngaqina ngokomoya ngakwazi ukuyeka imikhuba emibi, efana nokubhema ugwayi.
Ngo-1951, ngabhapathizwa ngibonakalisa ukuzinikezela kwami kuNkulunkulu, futhi ngabuyela endleleni yokuphila engangiyishiye cishe eminyakeni eyishumi ngaphambili. Ekugcineni, ngaqala ukubona ukuthi uJehova unguBaba wangempela—uthembekile, uqotho futhi unothando olungapheli. Nakuba ngangenze izinqumo ezimbi lapho ngisemusha, ngathintwa isiqinisekiso seBhayibheli sokuthi uNkulunkulu uyathethelela. NjengoBaba onothando, uNkulunkulu waqhubeka engidonsa “ngamagoda othando.”—Hoseya 11:4.
Phakathi naleso sikhathi esinzima, sasiqhuba imihlangano yobuKristu ngomshoshaphansi emakhaya oFakazi abahlukahlukene, futhi sasishumayela ngokwethukela. Ngaboshwa ngingakaqedi nonyaka ngibhapathiziwe. Umama wangibona kancane ngaphambi kokuqulwa kwecala. Njengoba ngishilo ekuqaleni, wanginkonkoshela lapho enganga futhi wanginxusa: “Manje qina.” Ngakho lapho ngigwetshwa iminyaka emihlanu ejele, ngehlisa umoya ngaba nesibindi.
Ngafakwa esitokisini esincane nezinye iziboshwa ezintathu, ngakho ngakwazi ukuhlanganyela iqiniso leBhayibheli nabantu okungenzeka ukuthi babengeke bafinyelelwe. Nakuba ngangingenalo iBhayibheli noma izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, ngamangala ukuthi ngangikwazi ukukhumbula imibhalo nezincazelo zayo engangizithole esifundweni seBhayibheli sami siqu. Ngangilokhu ngitshela ezinye iziboshwa ukuthi uma kwakudingeka ngidonse iminyaka emihlanu, uJehova wayezonginika amandla okukwenza lokho. Kodwa, angangikhulula ngaphambi kwesikhathi. Ngazibuza ukuthi uma ekwenza lokho, ubani owayengamelana naye?
Ukukhonza Sinezinga Elithile Lenkululeko
Ngo-November 1953, uhulumeni waxolela iziboshwa; futhi bonke oFakazi BakaJehova ababeboshiwe bakhululwa. Ngabe sengithola ukuthi umsebenzi wethu wokushumayela wawusunezinyanga ezimbili uvunyelwe. Ngokushesha saqala ukuhlela kabusha amabandla nomsebenzi wethu wokushumayela. Sathola indawo yemihlangano egumbini elingaphansi kwebhilidi elalimaphakathi nedolobha laseMaribor. Sabeka uphawu odongeni olwaluthi: “IBandla LoFakazi BakaJehova LaseMaribor.” Ukukhonza uJehova ngenkululeko kwagcwalisa izinhliziyo zethu ngenjabulo nangokwazisa okujulile.
Ekuqaleni kuka-1961, ngaqala ukukhonza njengephayona elivamile. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha, ngamenywa ukuba ngiyokhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eYugoslavia. LaliseZagreb, eCroatia. Ngaleso sikhathi kwakuyigumbi elincane nje kusebenza kulo amadoda amathathu. Amanye amaKristu ayehlala eduze nalapho ayefika phakathi nosuku ezosiza ekukhiqizeni umagazini INqabayokulinda ngezilimi zendawo.
Abesifazane abangamaKristu abahlala eduze nalapho nabo babesiza ngomsebenzi. Phakathi kwezinye izinto, babehlanganisa amakhasi omagazini. Ngangenza imisebenzi ehlukahlukene, kuhlanganise ukufunda umsebenzi osuhunyushiwe, ukuhumusha, ukuthumela izincwadi, nokuhlanganisa amarekhodi.
Ukushintsha Isabelo
Ngo-1964, ngabelwa ukuba ngikhonze njengombonisi ojikelezayo, okwakuhlanganisa ukuhambela amabandla amaningi oFakazi njalo ukuze ngiwaqinise ngokomoya. Ngangiwazisa kakhulu lo msebenzi. Isikhathi esiningi, ngangihamba ngisuke kwelinye ibandla ngiye kwelinye ngebhasi noma ngesitimela. Ukuze ngifinyelele oFakazi abahlala emadolobheni amancane, ngangivame ukuhamba ngebhayisikili noma ngezinyawo, ngezinye izikhathi ngixhafuze odakeni olufika emaqakaleni.
Zazikhona neziwombe ezihlekisayo. Omunye umzalwane ongumKristu wake wangiphelezela lapho ngiya ebandleni elilandelayo ngekalishi elidonswa yihhashi. Njengoba sasihamba emgwaqweni oyibhuqu onezikhisi, kwaphuma elinye lamasondo ekalishi. Savuka phansi sobabili. Njengoba sasihleli ebhuqwini, sibuka ihhashi, nalo lasigqolozela kusengathi limangele. Ngisho nangemva kweminyaka eminingi, sasihleka lapho sikhumbula lesi senzakalo. Uthando olungenabuzenzisi lwalabo bafowethu abathandekayo basemaphandleni luyinjabulo engingasoze ngayikhohlwa.
Edolobheni laseNovi Sad, ngajwayelana noMarika, owayeyiphayona. Uthando lwakhe lweqiniso leBhayibheli nentshiseko yakhe enkonzweni kwangihlaba umxhwele kangangokuba ngafuna ukushada naye. Ngemva kwesikhathi esithile sishadile, saqala ukukhonza amabandla ndawonye emsebenzini wokujikeleza.
Umkhaya wakithi wawubekezelele obawo ubunzima phakathi nokuvinjelwa. Ubaba wamangalelwa ngamanga kuthiwa wayesizana nezitha phakathi nempi futhi walahlekelwa umsebenzi. Kwaphela isikhathi eside elwela ukubuyela emsebenzini, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya futhi ngenxa yalokho wadumala kakhulu. Ukholo lwakhe lwaba buthakathaka okwesikhashana, kodwa wabuye waluvuselela ngaphambi kokuba ashone. Wayekhuthele ebandleni lakubo lapho eshona ngo-1984. Umama owayethobekile futhi ethembekile washona kuqala ngo-1965. UMajda usakhonza ebandleni laseMaribor.
Inkonzo Yethu E-Austria
Ngo-1972, mina noMarika sathola isimemo sokuyoshumayela e-Austria kubantu abaningi baseYugoslavia ababesebenza lapho. Lapho sifika eVienna, inhloko-dolobha, sasingazi ukuthi lesi sabelo sasingezukunqamuka. Kancane kancane, kwamiswa amabandla namaqembu amasha akhuluma izilimi zaseYugoslavia kulo lonke elase-Austria.
Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ukukhonza njengombonisi ojikelezayo, ngihambela la mabandla andayo namaqembu kulo lonke izwe. Kamuva, sacelwa ukuba sihambele naseJalimane naseSwitzerland, lapho kwakumiswe khona amabandla anjalo. Ngakwazi ukusiza ekuhleleni imihlangano eminingi yesifunda neyesigodi kula mazwe.
Ngezinye izikhathi, imihlangano enjalo emikhulu yesigodi yayihanjelwa amalungu eNdikimba Ebusayo, futhi ngaphinde ngahlangana noMartin Poetzinger. Saxoxa ngezenzakalo zeminyaka engu-40 eyayandulele lapho ayesavame ukuvakashela ekhaya. Ngambuza, “Ingabe usayikhumbula indlela engangithanda ngayo ukuphenya i-encyclopedia yakho encane?”
Waphendula njengoba ephuma endlini, “Yima kancane.” Wabuya nale ncwadi wanginika yona. Wathi, “Yithathe iyisipho esivela kumngane.” Le ncwadi iseyingxenye eyigugu yomtapo wami wezincwadi.
Nginezinkinga Zempilo Kodwa Ngisashiseka
Ngo-1983, kwatholakala ukuthi nginomdlavuza. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngatshelwa ukuthi wawungeke welapheke. Lena kwakuyinkathi ecindezelayo, ikakhulukazi kuMarika, kodwa ngenxa yokunakekela kwakhe kothando nokusekela kwamaKristu amaningi, ngisajabulela ukuphila okunenjongo nokwanelisayo.
Mina noMarika sisaqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele eVienna. Ngokuvamile, ngivukela ehhovisi legatsha ekuseni ngiyokwenza umsebenzi wokuhumusha, uMarika uzigcina ematasa emsebenzini wokushumayela edolobheni. Kungijabulisa kakhulu ukubona indlela iqembu elincane lezifiki zaseYugoslavia elaba oFakazi eliye lakhula ngayo laba ngaphezu kuka-1 300 e-Austria. Mina noMarika sibe nelungelo lokusiza eziningi zazo ukuba zifunde iqiniso leBhayibheli.
Eminyakeni yamuva nje, ngibe nelungelo lokuhlanganyela ezimisweni zokunikezelwa kwezakhiwo ezintsha zamahhovisi egatsha emazweni ayengamariphabhuliki aseYugoslavia—eCroatia ngo-1999 naseSlovenia ngo-2006. Ngangingomunye walabo asebekhulile abacelwa ukuba balandise ngabakukhumbulayo ngesiqalo somsebenzi wokushumayela kuleli zwe eminyakeni engaba ngu-70 edlule.
Ngempela uJehova unguBaba onothando ohlale ekulungele ukuzithethelela kakhulu izeqo namaphutha ethu. Yeka ukuthi ngijabula kanjani ngokuthi akabheki iziphambeko! (IHubo 130:3) Ngempela, uye waba nomusa nesihe kimi.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngaleso sikhathi kwakunamariphabuliki ayisithupha, kuhlanganise neSlovenia, ayakha iYugoslavia.
b Ukuze uthole izizathu ezingokomBhalo zokwenqaba koFakazi BakaJehova ukuya empini, bheka isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini” ekhasini 22 lalo magazini.
[Isithombe ekhasini 27]
Kusukela kwesokunxele kuya kwesokudla: Abazali bami, uBerta noFranz Moc̆nik, uMajda kanye nami, eMaribor, eSlovenia, ngawo-1940
[Isithombe ekhasini 29]
Nginomkami uMarika