Ingabe Akulungile Ukusebenzisa Igama LikaNkulunkulu?
EMIBHALWENI YESIHEBHERU, ngokuvamile okuthiwa “iTestamente Elidala,” igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 libhalwe ngokuthi יהוה (lifundwa kusukela kwesokudla kuya kwesokunxele). Ngamanye amazwi, igama likaNkulunkulu libhalwe ngezinhlamvu ezine zesiHebheru u-Yohdh, He, Waw no-He, ngokuvamile ezihunyushwa ngokuthi YHWH.
Endulo, amaJuda aba nenkolelo-ze yokuthi akulungile ukusebenzisa igama likaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, enqaba ukuliphimisela, futhi aqala ukubhala amanye amagama emibhalweni yawo esikhundleni salo. Kodwa abahumushi abaningi beBhayibheli baye bahumusha leli gama ngokuthi “Yahweh,” noma “Jehova.” Enye yezinguqulo ezenza lokho i-Jerusalem Bible yamaKatolika. Ngokwale nguqulo, lapho uMose ebuza uNkulunkulu ukuthi kufanele aphendule athini uma ama-Israyeli ebuza ukuthi uthunywe ubani, uNkulunkulu waphendula: “Kumelwe uthi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘UYahweh, uNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe, ungithume kini.’ Leli igama lami kuze kube phakade; ngizokhulekelwa ngaleli gama kuzo zonke izizukulwane.”—Eksodusi 3:15.
Lapho ethandaza, uJesu washo lokhu ngokusebenzisa kwakhe igama likaNkulunkulu: “Ngibazisile igama lakho futhi ngizoqhubeka ngilazisa.” Kanti emthandazweni owaziwa ngokuthi uBaba Wethu, uJesu wathi: “Baba wethu osezulwini, maliphathwe ngobungcwele igama lakho.”—Johane 17:26; Mathewu 6:9, JB.
Ngakho, kungase kukumangaze ukwazi ukuthi encwadini yakhe yamuva ethi Jesus of Nazareth, uPapa Benedict XVI washo lokhu mayelana nokusebenzisa igama likaNkulunkulu: “Ama-Israyeli . . . ayenembile ngokwenqaba ukuphimisela leli gama likaNkulunkulu, elibhalwa ngokuthi YHWH, ukuze agweme ukulehlisela ezingeni lamagama onkulunkulu bamaqaba. Ngendlela efanayo, izinguqulo zamuva zeBhayibheli zazenza iphutha ngokubhala leli gama—ama-Israyeli ayelibheka njengeliyimfihlakalo nelingenakuphinyiselwa—njengokungathi elinye nje lamagama asendulo.”
Wena ucabangani? Ingabe kulungile noma akulungile ukusebenzisa igama likaNkulunkulu? Uma uJehova ngokwakhe ethi: “Leli igama lami kuze kube phakade; ngizokhulekelwa ngaleli gama kuzo zonke izizukulwane,” ukhona yini ongamphikisa kufanele?
[Isithombe ekhasini 30]
UJesu walisebenzisa igama likaNkulunkulu emthandazweni