Londolozani ‘Intambo Emicu Mithathu’ Emshadweni
‘Intambo emicu mithathu ayinakugqashulwa ngokushesha.’—UMSH. 4:12.
1. Ubani owashadisa umbhangqwana wokuqala?
NGEMVA kokudala izitshalo nezilwane, uJehova uNkulunkulu wadala umuntu wokuqala, u-Adamu. Kamuva wabangela u-Adamu ukuba ehlelwe ubuthongo obukhulu, wabe esesebenzisa olunye lwezimbambo zakhe ukuze amenzele umsizi ophelele. Lapho embona, u-Adamu wathi: “Ekugcineni usekhona oyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami.” (Gen. 1:27; 2:18, 21-23) Ebonisa ukuthi uyajabula ngalona wesifazane ayesanda kumdala, uJehova wawushadisa lo mbhangqwana wokuqala wawubusisa.—Gen. 1:28; 2:24.
2. USathane walubangela kanjani uqhekeko phakathi kuka-Adamu no-Eva?
2 Okudabukisayo ukuthi kungakabiphi, leli lungiselelo likaNkulunkulu lomshado lahlaselwa. Kanjani? Isidalwa somoya esibi, kamuva esaziwa ngokuthi uSathane, sakhohlisa u-Eva ukuba adle emthini okwakuwukuphela kwawo lo mbhangqwana owawuwenqatshelwe ukuba uwudle. Ngemva kokuba u-Eva ewudlile, u-Adamu wahlanganyela nomkakhe ekuvukeleni ilungelo likaNkulunkulu lokubusa nesiqondiso sakhe esihle. (Gen. 3:1-7) Lapho uJehova ebuza lo mbhangqwana ukuthi wenzeni, kwaba sobala ukuthi ubuhlobo bawo base bumuncu. U-Adamu wasola umkakhe, wathi: “Owesifazane onginike yena ukuba abe nami, unginikile isithelo somuthi ngadla.”—Gen. 3:11-13.
3. Imuphi umbono oyiphutha amanye amaJuda ayenawo?
3 Sekungamakhulu eminyaka uSathane esebenzisa izindlela eziningi eziwubuqili ukuze enze abantu abashadile bangezwani. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi uye wasebenzisa abaholi benkolo ukuba bafundise izinto eziphathelene nomshado ezingasekelwe emiBhalweni. Abanye abaholi bamaJuda balulaza izindinganiso zikaNkulunkulu, bavumela amadoda ukuba ahlukanise nomkawo ngezizathu ezingathí shu njengokuthela usawoti omningi ekudleni. Kodwa uJesu wathi: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye, uyaphinga.”—Math. 19:9.
4. Ilungiselelo lomshado lihlaselwa kanjani namuhla?
4 Namanje uSathane umatasa uzama ukuqhekeza imishado. Imishado yongqingili, imibhangqwana ekipitayo nezehlukaniso ezitholakala kalula kufakazela ukuthi uyaphumelela impela kule ndaba. (Funda amaHebheru 13:4.) NjengamaKristu, yini esingayenza ukuze sigweme ukuthonywa imibono ephambene ngomshado ethé chithi saka? Ake sibone ezinye zezici ezenza umshado ube ojabulisayo nophumelelayo.
Gcinani UJehova Esemshadweni Wenu
5. Inkulumo ethi ‘intambo emicu mithathu’ isho ukuthini ngokuqondene nomshado?
5 Ukuze umshado uphumelele futhi uhlale njalo, uJehova kumelwe abe ingxenye yawo. IZwi lakhe lithi: ‘Intambo emicu mithathu ayinakugqashulwa ngokushesha.’ (UmSh. 4:12) Inkulumo ethi ‘intambo emicu mithathu’ ingokomfanekiso. Lapho le nkulumo engokomfanekiso isetshenziswa endabeni yomshado, ihlanganisa indoda nomfazi, imicu emibili, ethandelene nomucu obaluleke kakhulu, uJehova uNkulunkulu. Ukuba munye noNkulunkulu kunikeza umbhangqwana amandla angokomoya okubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga, futhi kuyisihluthulelo sokuthola injabulo enkulu emshadweni.
6, 7. (a) Yini amaKristu angayenza ukuze aqiniseke ukuthi uNkulunkulu uba semshadweni wawo? (b) Yini udade othile ayazisayo ngomyeni wakhe?
6 Kodwa yini engase yenziwe umbhangqwana oshadile ukuze uqiniseke ukuthi umshado wawo unjengentambo emicu mithathu? Umhubi uDavide wahlabelela: “O Nkulunkulu wami, ngikujabulele ukwenza intando yakho, nomthetho wakho usezibilinini zami.” (IHu. 40:8) Ngokufanayo, uthando lwethu ngoNkulunkulu lusishukumisela ukuba simkhonze ngenhliziyo ephelele. Ngakho-ke, indoda nomfazi kufanele bahlakulele ubuhlobo obufudumele noJehova futhi bakujabulele ukwenza intando yakhe. Kufanele futhi balwele ukusizana ukuze baqinise uthando lwabo ngoNkulunkulu.—IzAga 27:17.
7 Uma ngempela umthetho kaNkulunkulu usezibilinini zethu, izimfanelo ezinjengokholo, ithemba nothando ziyobonakala futhi ziyosiza ekuqiniseni umshado. (1 Kor. 13:13) UmKristu othile ogama lakhe linguSandra, oneminyaka engu-50 eshadile, uthi: “Isiqondiso neseluleko esingokomoya engisithola kumyeni wami kuhlanganise nothando lwakhe ngoJehova oludlula analo ngami kuyizici engizazisa kunazo zonke kuye.” Madoda ashadile, kungashiwo yini okufanayo ngani?
8. Yini edingekayo ukuze abashadile bathole ‘umvuzo omuhle’?
8 Njengombhangqwana, ingabe nibeka izinto ezingokomoya nezithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwenu? Ngaphezu kwalokho, ingabe ngempela ubheka oshade naye njengomngane wakho enibambisene naye ekukhonzeni uJehova? (Gen. 2:24) Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Ababili bangcono kunoyedwa, ngoba banomvuzo omuhle ngomsebenzi wabo onzima.” (UmSh. 4:9) Yebo, indoda nomfazi kumelwe basebenze kanzima ukuze bathole ‘umvuzo omuhle’ wokuba nomshado onothando nohlala njalo obusiswe uNkulunkulu.
9. (a) Imiphi imithwalo yemfanelo amadoda anayo? (b) NgokweyabaseKolose 3:19, indoda kufanele imphathe kanjani umkayo?
9 Imizamo eyenziwa indoda nomfazi ukuze baphile ngezimfuneko zikaNkulunkulu ibonisa ukuthi ukhona emshadweni. Amadoda anesibopho esiyinhloko sokondla umkhaya nokuwunakekela ngokomoya. (1 Thim. 5:8) Akhuthazwa nokuba acabangele izidingo ezingokomzwelo zomkawo. KweyabaseKolose 3:19, siyafunda: “Nina madoda, qhubekani nithanda omkenu futhi ningabathukutheleli kakhulu.” Esinye isazi seBhayibheli sathi inkulumo ethi ‘ukubathukuthelela kakhulu’ ihlanganisa “ukubakhakhabisa, ukubashaya, ukubagodlela uthando, ukungabanakekeli, ukungabondli, ukungabavikeli nokungabasizi.” Kusobala ukuthi impatho enjengale ayifaneleki ekhaya lamaKristu. Indoda esebenzisa ubunhloko bayo ngendlela enothando yenza kube lula ngomkayo ukuzithoba kuyo.
10. Isiphi isimo sengqondo abafazi abangamaKristu okufanele basibonise?
10 Abafazi abangamaKristu abafuna ukugcina uJehova esemishadweni yabo kumelwe nabo baphile ngezimfuneko zikaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Abafazi mabazithobe kubayeni babo njengokungathi bazithoba eNkosini, ngoba indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla.” (Efe. 5:22, 23) USathane wakhohlisa u-Eva, wathi ukungabuswa uNkulunkulu kungaletha injabulo engapheli. Ngokusobala, umoya wokuzibusa uyabonakala namuhla emishadweni eminingi. Nokho, kwabesifazane abesaba uNkulunkulu, ukuzithoba ezinhlokweni zabo ezinothando akuyona into engathandeki. Bayakhumbula ukuthi uJehova wenza u-Eva ukuba abe “umphelelisi” womyeni wakhe, ngokusobala okuyinto uJehova ayibheka njengesikhundla esihloniphekile. (Gen. 2:18) Umfazi ongumKristu owamukela leli lungiselelo ngokuzithandela, ngempela “ungumqhele” kumyeni wakhe.—IzAga 12:4.
11. Omunye umzalwane uthi yini eyasiza umshado wakhe?
11 Enye into esizayo ekugcineni uNkulunkulu esemshadweni iwukuba umbhangqwana utadishe iZwi lakhe ndawonye. UGerald, oseneminyaka engu-55 eshadile futhi ojabule emshadweni wakhe, uthi, “Isici esibaluleke kakhulu ekwenzeni umshado uphumelele ukufunda nokutadisha iBhayibheli ndawonye.” Uyanezela, “Ukwenza izinto ndawonye, ikakhulukazi ezingokomoya, kwenza abantu abashadile basondelane kakhudlwana komunye nomunye nakuJehova.” Ukutadisha iBhayibheli ndawonye kusiza umkhaya ukuba ugcine izindinganiso zikaJehova zicacile ezingqondweni, kuqinise ingokomoya lawo futhi uqhubeke uthuthuka.
12, 13. (a) Kungani kubaluleke kakhulu ukuba umbhangqwana uthandaze ndawonye? (b) Imiphi eminye imisebenzi engokomoya eqinisa umshado?
12 Abantu abashadile abajabulayo babuye bathandaze ndawonye. Lapho indoda ‘ithulula inhliziyo yayo’ ithandazele ngokukhethekile izinto ezithinta ukuphila kwabo njengombhangqwana, isibopho somshado siyoqina. (IHu. 62:8) Ngokwesibonelo, ngemva kokuba ninxuse uMninimandla onke ukuba aninike isiqondiso, yeka indlela okungaba lula ngayo ukukhohlwa ingxabano enibe nayo! (Math. 6:14, 15) Ngokwenza ngokuvumelana nomthandazo wenu, kuyafaneleka ukuzimisela ukusiza oshade naye ‘nokuqhubeka nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile.’ (Kol. 3:13) Khumbulani ukuthi ukuthandaza kubonisa ukuthi nincike kuNkulunkulu. INkosi uDavide yathi: “Amehlo abo bonke abheka kuwe ngethemba.” (IHu. 145:15) Uma sithandaza futhi sithembela kuNkulunkulu, ziba mbalwa izinto ezisikhathazayo ngoba siyazi ukuthi ‘uyasikhathalela.’—1 Pet. 5:7.
13 Enye indlela eyinhloko yokugcina uJehova esemshadweni iwukuya emihlanganweni yebandla nokusebenza ndawonye enkonzweni. Emihlanganweni yethu, imibhangqwana ifunda izindlela zokumelana “namaqhinga” asetshenziswa uSathane ukuze ahlukanise imikhaya. (Efe. 6:11) Indoda nomfazi abasebenza ndawonye njalo enkonzweni bafunda ukuba “ngabagxilile, abangenakunyakaziswa.”—1 Kor. 15:58.
Lapho Kuvela Izinkinga
14. Iziphi izinto ezingavivinya umshado?
14 Kungenzeka ukuthi ukusikisela okungenhla anikweshwami, kodwa kunganjani nixoxe ngakho ngokukhululekile? Bonani ukuthi azikho yini izindawo ezidinga ukuthuthukiswa emshadweni wenu. Nokho, iBhayibheli liyavuma ukuthi ngisho nalabo abagcina uNkulunkulu esemishadweni yabo “bayoba nosizi enyameni yabo.” (1 Kor. 7:28) Ukungapheleli kwethu, ithonya elibi laleli zwe elingenamthetho nezingibe zikaDeveli, kuvivinya ngisho nemishado yezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile. (2 Kor. 2:11) Kodwa uJehova uyasisiza ukuba sibhekane nalokho kucindezeleka. Yebo, singakwazi ukubhekana nakho. UJobe, indoda ethembekile, wafelwa imfuyo, izikhonzi nayizingane zakhe. Noma kunjalo, iBhayibheli lithi: “Kukho konke lokhu uJobe akazange one noma amsole uNkulunkulu.”—Jobe 1:13-22.
15. Ukucindezeleka kungabangela abantu ukuba benzeni, futhi iyiphi indlela engcono abantu abashadile abangakusingatha ngayo lokhu?
15 Ngakolunye uhlangothi, umkaJobe wathi kuye: “Namanje usabambelele ngokuqinile ebuqothweni bakho? Mthuke uNkulunkulu ufe!” (Jobe 2:9) Yebo, lapho kugadla usizi noma kuvela izimo ezinzima, ukucindezeleka ngokomzwelo kungabangela omunye ukuba enze ngobuwula. Indoda ehlakaniphile yathi: “Ukucindezelwa kukodwa kungenza ohlakaniphileyo enze ngendlela yokusangana.” (UmSh. 7:7) Uma oshade naye ekhuluma nawe ngesankahlu ngoba ebhekene nobunzima noma ‘ecindezelekile,’ zama ukwehlisa umoya. Ukuphindisela kungase kubangele omunye wenu noma nobabili ukuba nisho okuthile okuyokwenza isimo sibe sibi kakhulu. (Funda iHubo 37:8.) Ngakho, ungayinaki noma iyiphi “inkulumo ewuwangala” oshade naye angase ayisho ngoba ekhungathekile noma edangele.—Jobe 6:3.
16. (a) Amazwi kaJesu akuMathewu 7:1-5 asebenza kanjani emshadweni? (b) Kungani ukuba olinganiselayo kubaluleke kakhulu emshadweni?
16 Abantu abashadile kudingeka babhekane namaqiniso. Omunye angase aphawule izinto ezithile angazithandi kumuntu ashade naye abese ezitshela ukuthi angamlungisa. Ngothando nangesineke ungase ukwazi ukusiza oshade naye ukuba kancane kancane athuthuke. Nokho, ungakhohlwa ukuthi uJesu wathi umuntu ophawula amaphutha amancane omunye ufana nomuntu obona umucwana osesweni lomfowabo, kodwa ahluleke ukubona “ugongolo” olukwelakhe iso. UJesu wasiyala: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa.” (Funda uMathewu 7:1-5.) Lokhu akusho ukuthi amaphutha amakhulu kufanele ashalazelwe. URobert, osezohlanganisa iminyaka engu-40 eshadile wathi: “Ukukhulumisana ngokukhululekile nangokungagwegwesi bese nizimisela ukwamukela izinto eziphawulwa omunye kungase kudinge ukuba nenze izinguquko ezithile ekuphileni.” Ngakho, yiba olinganiselayo. Kunokuba ukhathazeke kakhulu ngezimfanelo ongathanda ukuzibona koshade naye, funda ukwazisa nokujabulela izimfanelo ezinhle anazo manje.—UmSh. 9:9.
17, 18. Lapho ubunzima buba ngaphezu kwamandla, ungalutholaphi usizo?
17 Ukushintsha kwezimo ekuphileni kungase kube uvivinyo. Umbhangqwana ungase ubhekane nezinselele lapho uba nezingane. Oshade naye noma ingane ingase igule kakhulu. Abazali asebegugile bangase badinge ukunakekelwa okukhethekile. Izingane esezikhulile zingase zihambe zihlale kude nasekhaya. Ezinye izinguquko zingadalwa ukunakekela imisebenzi engokwasezulwini nemithwalo yemfanelo. Zonke lezi zinguquko zingase zibangele ukucindezeleka ngezinga elithile emshadweni.
18 Uma ubunzima obusemshadweni wakho bukwenza uzizwe sengathi awusenamandla okubuthwala, yini ongayenza? (IzAga 24:10) Ungalilahli ithemba! Ayikho into engajabulisa uSathane njengokubona enye yezinceku zikaNkulunkulu ishiya ukukhulekela okuhlanzekile. Angajabula afe uma umbhangqwana ungenza lokho. Ngakho, yenzani konke eningakwenza ukuze niqiniseke ukuthi umshado wenu uhlala uyintambo emicu mithathu. IBhayibheli linezindaba eziningi zabantu abahlala bethembekile naphezu kokuvivinywa kanzima. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi, uDavide wathulula inhliziyo yakhe kuJehova, wathi: “O Nkulunkulu, ngibonise umusa, ngoba umuntu ofayo . . . uyaqhubeka engicindezela.” (IHu. 56:1) Ingabe wake waba nomuzwa wokuthi “umuntu ofayo” uyakucindezela? Kungakhathaliseki ukuthi ukucindezeleka kwakho kubangelwa umuntu okude noma osondelene naye, khumbula: UDavide wawathola amandla okukhuthazela, nawe ungawathola. UDavide wathi: “Ngambuza uJehova, wangiphendula, wangikhulula kukho konke ukwethuka kwami.”—IHu. 34:4.
Izibusiso Ezengeziwe
19. Singawavika kanjani amagalelo kaSathane?
19 Kulesi sikhathi sokuphela, imibhangqwana eshadile kudingeka ‘iqhubeke iduduzana futhi yakhana.’ (1 Thes. 5:11) Ningakhohlwa, uSathane usaqhubeka egomela ngokuthi sigcina ubuqotho bethu kuJehova ngenxa yezinzuzo zobugovu. Uyosebenzisa zonke izindlela angazisebenzisa, kuhlanganise nokuletha izinkinga emshadweni ukuze ephule ubuqotho bethu kuNkulunkulu. Ukuze sivike amagalelo akhe, kudingeka sithembele ngokuphelele kuJehova. (IzAga 3:5, 6) UPawulu wabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Fil. 4:13.
20. Ukugcina uNkulunkulu esemishadweni yethu kunaziphi izibusiso?
20 Ziningi izibusiso zokugcina uNkulunkulu esemshadweni. UJoel nomkakhe asebeneminyaka engu-51 beshadile bazitholile lezi zibusiso. UJoel uthi: “Ngimbonga njalo uJehova ngomkami nangobuhlobo bethu obujabulisayo. Ungumngane omuhle kakhulu.” Lo mbhangqwana wenza ngani? “Ngaso sonke isikhathi sizama ukubonisana umusa, sibekezelelane futhi sithandane.” Uma nje sisaphila kulesi simiso sezinto, akekho kithi oyokwenza kahle kakhulu lokhu. Noma kunjalo, masizikhandle sisebenzise izimiso zeBhayibheli futhi sigcine uJehova esemishadweni yethu. Uma senza lokhu, imishado yethu iyofana “nentambo emicu mithathu [engenakugqashulwa] ngokushesha.”—UmSh. 4:12.
Uyakhumbula?
• Kusho ukuthini ukugcina uJehova esemshadweni?
• Imibhangqwana eshadile kufanele yenzeni lapho kuvela izinkinga?
• Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu ukhona emshadweni?
[Izithombe ekhasini 18]
Ukuthandaza ndawonye kusiza imibhangqwana eshadile ukuba ikwazi ukubhekana nezimo eziyinselele