Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 9/15 kk. 20-24
  • Melana ‘Nomoya Wezwe’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Melana ‘Nomoya Wezwe’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ukhetha Umoya Ongcwele Noma Umoya Wezwe?
  • Bona Izimpawu Zokuqala Eziyisixwayiso
  • ‘Ningalokothi Nisindwe’
  • Gwema Ukukhathazeka Ngokweqile
  • Qhubeka ‘Unaka Umoya’
  • Hamba Ngomoya, Uphile Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • ‘Egameni Lomoya Ongcwele’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Yamukela Umoya KaNkulunkulu, Hhayi Owezwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Kungani Kufanele Siqondiswe Umoya KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 9/15 kk. 20-24

Melana ‘Nomoya Wezwe’

“Asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu.”—1 KOR. 2:12.

1, 2. (a) Esikhathini esidlule, kungani kwakusetshenziswa imizwilili ezimayini zaseBrithani? (b) AmaKristu abhekene nayiphi ingozi?

NGO-1911, iziphathimandla zaseBrithani zamisa umthetho owawuhloselwe ukusindisa ukuphila kwabantu abasebenza ezimayini zamalahle. Imayini ngayinye kwakumelwe ibe nezinyoni ezimbili ezibizwa ngokuthi imizwilili. Ngayiphi injongo? Uma kuqubuka umlilo emayini, abatakuli babeyothatha le mizwilili bangene nayo emgodini. Lezi zinyoni ezincane ziyashesha ukuzwa uma kunamagesi anobuthi, njenge-carbon monoxide. Uma umoya uqala ukungcoliswa yila magesi anobuthi, lezi zinyoni zibonisa izimpawu zokungaphatheki kahle, zize ziwe nasogodweni ezihlala kulo. Lezi zimpawu zaziba yibika elibalulekile. I- carbon monoxide iyigesi engabonakali futhi engenaphunga ebulala ngokwenza amagqamuzana egazi abomvu angawudlulisi umoya-mpilo emzimbeni. Uma bengayiqapheli le ngozi, abatakuli babengaquleka, bafe bengazange baqaphele ukuthi bahogele ubuthi.

2 Ngomqondo ongokomoya, amaKristu abhekene nesimo esifana nesabantu abasebenza emayini. Kanjani? Lapho uJesu enikeza abafundi bakhe umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle emhlabeni wonke, wayazi ukuthi wayebathumela endaweni eyingozi, ebuswa uSathane nomoya wezwe. (Math. 10:16; 1 Joh. 5:19) UJesu wayekhathazeke kakhulu ngabafundi bakhe kangangokuthi ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe wathandaza kuYise: “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi.”—Joh. 17:15.

3, 4. Isiphi isixwayiso uJesu asinika abafundi bakhe, futhi kungani kufanele sibe nesithakazelo kuso?

3 UJesu waxwayisa abalandeli bakhe ngengozi eyayingababulala ngokomoya. Amazwi akhe asho lukhulu kithina esiphila phakathi nesiphelo salesi simiso sezinto. Wanxusa abafundi bakhe: “Hlalani niphapheme . . . ukuba niphumelele ekuphunyukeni kuzo zonke lezi zinto ezimiselwe ukwenzeka, nasekumeni phambi kweNdodana yomuntu.” (Luka 21:34-36) Nokho, kuyajabulisa ukuthi uJesu wathembisa nokuthi uYise wayeyobanikeza umoya ongcwele ukuze ubakhumbuze futhi ubasize ukuba bahlale bephapheme futhi beqinile.—Joh. 14:26.

4 Kuthiwani ngathi namuhla? Ingabe lowo moya ongcwele usatholakala ukuze usisize? Uma usekhona, yini okumelwe siyenze ukuze siwuthole? Uyini umoya wezwe, futhi usebenza kanjani? Singamelana kanjani nawo ngokuphumelelayo?—Funda eyoku-1 Korinte 2:12.

Ingabe Ukhetha Umoya Ongcwele Noma Umoya Wezwe?

5, 6. Umoya ongcwele ungasenzelani, kodwa yini okumelwe siyenze ukuze siwuthole?

5 Umoya ongcwele kaNkulunkulu awugcinanga ukutholakala ngekhulu lokuqala. Usatholakala nanamuhla, futhi ungasinika amandla okwenza okulungile nomdlandla enkonzweni yakhe. (Roma 12:11; Fil. 4:13) Ungaveza nezimfanelo ezinhle kithi, ezinjengothando, umusa nobuhle, izici ‘zezithelo zomoya ongcwele.’ (Gal. 5:22, 23) Nokho, uJehova uNkulunkulu akabaniki umoya wakhe ongcwele abantu abangawufuni.

6 Ngakho, kuyoba ukuhlakanipha ngathi ukuzibuza, ‘Yini engingayenza ukuze ngithole umoya ongcwele?’ IBhayibheli libonisa ukuthi kunezinto eziningi esingazenza. Isinyathelo esibalulekile silula ngempela—ukuwucela kuNkulunkulu. (Funda uLuka 11:13.) Esinye isinyathelo esiwusizo siwukutadisha nokusebenzisa iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe ngomoya. (2 Thim. 3:16) Yiqiniso, akuwona wonke umuntu omane nje afunde iBhayibheli othola umoya kaNkulunkulu. Kodwa lapho umKristu oqotho etadisha iZwi likaNkulunkulu, angathola imicabango nemibono evela eZwini eliphefumulelwe. Kubalulekile nokuba samukele ukuthi uJehova umise uJesu njengommeleli waKhe nalowo uNkulunkulu asinika ngaye umoya wakhe. (Kol. 2:6) Ngakho, sifuna ukulingisa isibonelo sikaJesu futhi siphile ngokuvumelana nezimfundiso zakhe. (1 Pet. 2:21) Lapho siqhubeka silwela ukuba njengoKristu, yilapho siyowuthola ngokwengeziwe umoya ongcwele.

7. Umoya wezwe ubathonya kanjani abantu?

7 Ngakolunye uhlangothi, umoya wezwe uthonya abantu ukuba babonakalise ubuntu bukaSathane. (Funda eyabase-Efesu 2:1-3.) Umoya wezwe usebenza ngezindlela eziningana. Njengoba sizibonela ngawethu namuhla, ukhuthaza ukuhlubuka ezindinganisweni zikaNkulunkulu. Ukhuthaza “isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho.” (1 Joh. 2:16) Uveza imisebenzi yenyama, njengobufebe, ukukhonza izithombe, ukusebenzisa imimoya, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo nokudakwa. (Gal. 5:19-21) Ugqugquzela nenkulumo yezihlubuki engcolisa okungcwele. (2 Thim. 2:14-18) Ngempela, lapho umuntu ezivumela ngokwengeziwe ukuba athonywe umoya wezwe, uya ngokuya efana noSathane.

8. Yikuphi ukukhetha sonke okumelwe sikwenze?

8 Asinakuvikeleka ngokuphelele emathonyeni amabi. Umuntu ngamunye kumelwe akhethe lokho ayokuvumela ukuba kubuse ukuphila kwakhe—umoya ongcwele noma umoya wezwe. Labo ababuswa umoya wezwe bangagqashula ethonyeni lawo futhi bavumele ukuba ukuphila kwabo kuqondiswe umoya ongcwele. Nokho, okuphambene nalokhu kungenzeka. Labo ababeholwa umoya ongcwele isikhathi esithile bangabanjwa umoya wezwe. (Fil. 3:18, 19) Ake sixoxe ngezindlela esingamelana ngazo nomoya wezwe.

Bona Izimpawu Zokuqala Eziyisixwayiso

9-11. Iziphi ezinye zezimpawu eziyisixwayiso zokuthi kungenzeka sesithonywa umoya wezwe?

9 Abantu ababesebenza ezimayini zamalahle eBrithani okukhulunywe ngabo ekuqaleni, babesebenzisa imizwilili ukuze babone ukuthi kunegesi enobuthi emoyeni. Uma umuntu osebenza emayini ebona le nyoni iwa ogodweni lwayo, wayazi ukuthi kudingeka athathe isinyathelo ngokushesha ukuze asinde. Ngomqondo ongokomoya, yiziphi ezinye zezimpawu zokuqala eziyisixwayiso zokuthi sesithonywa umoya wezwe?

10 Lapho siqala ukufunda amaqiniso aseZwini likaNkulunkulu futhi sanikezela ukuphila kwethu kuJehova, mhlawumbe sasifunda iBhayibheli ngentshiseko. Kungenzeka sasithandaza njalo ngokusuka enhliziyweni. Sasikujabulela nokuba khona emihlanganweni yebandla, siyibheka njengomthombo wokuqabuleka ngokomoya, njengamanzi kumuntu owomile. Leyo nkambo yasisiza ukuba siphunyuke emoyeni wezwe futhi singaphinde sithonywe yiwo.

11 Ingabe sisazama ukufunda iBhayibheli usuku ngalunye? (IHu. 1:2) Ingabe sithandaza njalo ngokusuka enhliziyweni? Ingabe sisayithanda imihlangano yebandla? Ingabe siba khona kuyo yonke isonto ngalinye? (IHu. 84:10) Noma ingabe sesiyiyekile eminye yale mikhuba emihle? Yiqiniso, kungenzeka ziningi izinto ezidinga isikhathi namandla ethu, futhi kungaba inselele ukulondoloza isimiso esihle sezinto ezingokomoya. Kodwa uma sesiyiyekile eminye yale mikhuba yethu emihle, kungenzeka yini ukuthi sesithonywa umoya wezwe? Ingabe manje sizozikhandla ukuze sivuselele imikhuba emihle esasinayo?

‘Ningalokothi Nisindwe’

12. UJesu wabaxwayisa wathini abafundi bakhe, futhi ngani?

12 Yini enye esingayenza ukuze simelane nomoya wezwe? Lapho uJesu eyala abafundi bakhe ukuba ‘bahlale bephapheme,’ wayesanda kubaxwayisa ngezingozi ezithile. Wathi: “Qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila, ngokungazelelwe lolo suku lunifice ngaso leso sikhathi, njengogibe.”—Luka 21:34, 35.

13, 14. Ngokuphathelene nokudla nokuphuza, imiphi imibuzo okuyofaneleka ukuba sizibuze yona?

13 Cabanga ngaleso sixwayiso. Ingabe uJesu wayekulahla ukujabulela ukudla nokuphuza? Cha! Wayewazi la mazwi kaSolomoni: “Sengiyazi ukuthi akukho lutho olungcono . . . kunokuba umuntu ajabule futhi enze okuhle phakathi nokuphila kwakhe; nokuthi wonke umuntu adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu.” (UmSh. 3:12, 13) Noma kunjalo, uJesu wayazi ukuthi umoya wezwe ukhuthaza ukungazithibi kulezo zinto.

14 Singaqiniseka kanjani ukuthi umoya wezwe awukazibulali izinzwa zethu maqondana nokuminza noma ukuphuza ngokweqile? Singase sizibuze: ‘Ngisabela kanjani lapho ngifunda iseluleko esiseBhayibhelini noma esisezincwadini zethu mayelana nokuminza? Ingabe ngithambekele ekusishalazeleni leso siyalo njengesingafanele noma eseqisayo, mhlawumbe ngibe nezaba noma ngikuthethelele engikwenzayo?a Ngisibheka kanjani iseluleko esiphathelene notshwala? Uma ngibuphuza, ngisibheka kanjani iseluleko sokuphuza ngokusesilinganisweni noma sokuzigwema ngokuphelele ‘izikhathi zokudakwa’? Ingabe ngisibukela phansi, ngibe nomuzwa wokuthi ngasizathu simbe asisebenzi kimi? Uma abanye bengitshela ukuthi bayakhathazeka ngokuphuza kwami, ingabe ngiyazivikela futhi ngithukuthele? Ingabe ngifaka kwabanye umoya wokungasinaki leso seluleko seBhayibheli?’ Yebo, isimo sengqondo somuntu siwuphawu lokuthi usethonywa umoya wezwe yini noma cha.—Qhathanisa neyabaseRoma 13:11-14.

Gwema Ukukhathazeka Ngokweqile

15. UJesu waxwayisa ngakuphi ukuthambekela kwabantu?

15 Esinye isinyathelo esibalulekile ekumelaneni nomoya wezwe sihilela ukulawula ukukhathazeka. UJesu wayazi ukuthi njengoba siyizidalwa ezingaphelele, sithambekele ekukhathazekeni ngezinto ezivamile. Ngothando wathi kubafundi bakhe: “Yekani ukukhathazeka.” (Math. 6:25) Kuyaqondakala ukuthi siyakhathazeka ngezinto ezibalulekile, njengokujabulisa uNkulunkulu, ukunakekela imithwalo yemfanelo yobuKristu nokondla imikhaya yethu. (1 Kor. 7:32-34) Ngakho, yini esingayifunda esixwayisweni sikaJesu?

16. Umoya wezwe ubathonya kanjani abantu abaningi?

16 Umoya wezwe, nokuqokomisa kwawo ukugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho, uthonya abantu abaningi ukuba bakhathazeke ngokungadingekile. Izwe lifuna sikholelwe ukuthi imali yenza umuntu alondeke nokuthi ukubaluleka komuntu akulinganiswa ngezimfanelo zakhe ezingokomoya, kodwa ngobuningi nangohlobo lwezinto anazo. Labo abadukiswa yila manga bayogqilazwa ukufuna ingcebo futhi bayohlale beshabashekela ukuthola izinto ezintsha, ezinkulu neziphambili. (IzAga 18:11) Lowo mbono osontekile ngezinto ezibonakalayo wenza umuntu akhathazeke ngokweqile bese engathuthuki ngokomoya.—Funda uMathewu 13:18, 22.

17. Singakugwema kanjani ukukhathazeka ngokweqile?

17 Singakugwema ukukhathazeka ngokweqile uma silalela umyalo kaJesu: “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga [kukaNkulunkulu].” UJesu usiqinisekisa ngokuthi uma senza lokhu, izinto esizidinga ngempela siyozenezelelwa. (Math. 6:33) Singabonisa kanjani ukuthi siyasikholelwa lesi sethembiso? Enye indlela iwukufuna kuqala ukulunga kukaNkulunkulu—ukuphila ngokuvumelana nendinganiso kaNkulunkulu yokulungile mayelana nezindaba zezimali. Ngokwesibonelo, siyakugwema ukuqamba amanga lapho sigcwalisa amafomu entela noma ukukhuluma ngisho namanga “amancane” kwezamabhizinisi. Senza konke okusemandleni ethu ukukhokha izikweleti zethu, ‘u-Yebo wethu asho uYebo.’ (Math. 5:37; IHu. 37:21) Ukwethembeka okunjalo kungase kungamenzi umuntu acebe, kodwa kumenza abe nokuma okuhle noNkulunkulu, abe nonembeza ohlanzekile futhi kukunciphise kakhulu ukukhathazeka.

18. UJesu wasibekela siphi isibonelo esihle, futhi sizuza kanjani ngokumlingisa?

18 Ukufuna uMbuso kuqala kuhilela ukubeka izinto ezibalulekile kuqala. Cabanga ngesibonelo sikaJesu. Ngezinye izikhathi, wayegqoka ingubo yekhethelo. (Joh. 19:23) Wayeke achithe isikhathi nabangane abahle bajabulele ukudla newayini. (Math. 11:18, 19) Kodwa izinto ezibonakalayo nokuzijabulisa kwakunjengesinongo noma kunandisa ukuphila kwakhe, kungezona izinto ezibaluleke kakhulu kuye. Ukudla kukaJesu kwakuwukwenza intando kaJehova. (Joh. 4:34-36) Ukuphila kwanelisa kakhulu lapho silingisa isibonelo sikaJesu! Siyajabula lapho sisiza abantu abacindezelekile ukuba bathole induduzo evela emiBhalweni. Sithola uthando nokusekelwa ibandla. Sijabulisa inhliziyo kaJehova. Lapho izinto ezibalulekile ziza kuqala, izinto ezibonakalayo nokuzijabulisa akusibusi. Kunalokho, siyakulawula noma kuba amathuluzi asisiza ukuba sikhulekele uJehova. Aba mancane amathuba okunqotshwa umoya wezwe lapho sishiseka kakhulu emsebenzini osekela uMbuso kaNkulunkulu.

Qhubeka ‘Unaka Umoya’

19-21. Singaqhubeka kanjani ‘sinaka umoya,’ futhi kungani kufanele senze kanjalo?

19 Izenzo zandulelwa imicabango. Lokho abaningi abakubheka njengezenzo ezingenangqondo ngokuvamile kusuke kushukunyiswe imicabango engokwenyama. Yingakho umphostoli uPawulu esikhumbuza ngesidingo sokuqapha imicabango yethu. Wabhala: “Labo abavumelana nenyama babeka izingqondo zabo ezintweni zenyama, kodwa labo abavumelana nomoya bazibeka ezintweni zomoya.”—Roma 8:5.

20 Singakugwema kanjani ukuba imicabango yethu—ngaleyo ndlela nezenzo zethu—ibuswe umoya wezwe? Ngomqondo ongokomfanekiso, kumelwe sifake isisefo ezingqondweni zethu, silwele ukusefa inkulumo-ze yezwe ngezinga esingase sikwazi ukwenza ngalo. Ngokwesibonelo, lapho sikhetha ezokuzijabulisa, siyakugwema ukuvumela izingqondo zethu ukuba zingcoliswe izinhlelo ezikhuthaza ukuziphatha okubi noma ubudlova. Siyazi ukuthi umoya kaNkulunkulu ongcwele, noma ohlanzekile, ngeke uhlale engqondweni engcolile. (IHu. 11:5; 2 Kor. 6:15-18) Ngaphezu kwalokho, sivumela umoya kaNkulunkulu ukuba ungene ezingqondweni zethu ngokufunda iBhayibheli njalo, ngokuthandaza, ngokuzindla nangokuba khona emihlanganweni. Sibambisana nalowo moya njengoba sihlanganyela njalo emsebenzini wobuKristu wokushumayela.

21 Ngokuqinisekile, kumelwe simelane nomoya wezwe nezifiso zenyama ozikhuthazayo. Ukwenza kanjalo kuwufanele umzamo wethu oqotho ngoba uPawulu uthi, “ukunaka inyama kusho ukufa, kodwa ukunaka umoya kusho ukuphila nokuthula.”—Roma 8:6.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuminza kuyisimo sengqondo esibonakala ngokuba yigovu noma ngokuzitika ngokweqile. Ngakho, asibonakali ngobukhulu bomzimba womuntu, kodwa sibonakala ngesimo sakhe sengqondo ngokudla. Umuntu angase abe nomzimba olingene, noma aze abe nomzimba omncane, kodwa abe isiminzi. Ngakolunye uhlangothi, kwezinye izimo ukukhuluphala ngokweqile kungabangelwa ukugula noma ufuzo. Iphuzu eliyinhloko liwukuthi kungakhathaliseki ukuthi umuntu unomzimba ongakanani angabhekwa njengesiminzi uma eyigovu endabeni yokudla.—Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 2004.

Uyakhumbula?

• Yini okufanele siyenze ukuze sithole umoya ongcwele?

• Iziphi ezinye zezindlela esingase sithonywe ngazo umoya wezwe?

• Singamelana kanjani nomoya wezwe?

[Isithombe ekhasini 21]

Ngaphambi kokuba uye emsebenzini noma esikoleni, thandazela umoya ongcwele

[Izithombe ekhasini 23]

Kumelwe sigcine izingqondo zethu zihlanzekile, sihlale sithembekile kwezamabhizinisi, futhi silinganisele emikhubeni ethile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela