Umbukiso Onenjongo
“KWENZIWANI kule ndawo?” Abaningi abadlula ngasesakhiweni esikhulu soFakazi BakaJehova eMogale City (eKrugersdorp), eduze naseGoli, eNingizimu Afrika, bazibuza lowo mbuzo. Ngakho oFakazi banquma ukuba nombukiso ezakhiweni zegatsha ngo-October 12 no-13, 2007. Injongo yawo yayikabili—ukuchitha amahemuhemu kanye nokubonisa umphakathi lokho ihhovisi legatsha elikwenzayo ukuze lisekele umsebenzi uJesu Kristu ayala ukuba wenziwe.—Mathewu 28:19, 20.
Labo abakhonza ehhovisi legatsha babeka izimpawu ezinkulu esangweni zokwamukela umphakathi, futhi bahambisa izimemo ezikhethekile komakhelwane. Kwamenywa nosomabhizinisi ihhovisi legatsha elisebenzelana nabo kanye nemikhaya yabo. Basabela kanjani? Izivakashi ezingaphezu kuka-500 ezingebona oFakazi zaboniswa izakhiwo.
Into eyinhloko eyakhanga abantu umshini wokunyathelisa i-MAN Roland Lithoman, onyathelisa omagazini abangaba ngu-90 000 ngehora. Izivakashi zahlatshwa umxhwele nayindawo enkulu yokuthumela izincwadi esingatha amathani ezincwadi angaphezu kwangu-14 ngosuku, kanjalo nendawo yokuhlanganisa izincwadi. OFakazi eminyangweni ehlukahlukene balungiselela imibukiso emihle, kuhlanganise nomunye ofingqa umlando wokunyathelisa ngomshini, kusukela emshinini i-Gutenberg kuya emishinini yokunyathelisa yesimanje. Omunye umbukiso wawubonisa indlela igatsha eliyinakekela ngayo indawo ezungezile. Ngokwesibonelo, kunomshini okhethekile okhipha isisi esinobuthi nephunga emishinini yokomisa izincwadi, kanye nezisefo eziqoqa izimvuthu zephepha eliyolahlwa.
Iphephandaba lendawo lanyathelisa isihloko esithi amavolontiya angu-700 ahlala kule ndawo “ayizikhonzi ezimisiwe ezizinikezele kuJehova.” Labuya lakhuluma “ngenhlanzeko enkulu nokuhamba ngesikhathi kwayo yonke into” endaweni yokunyathelisa. Indoda ethile eyayibaphikisa oFakazi BakaJehova nayo yavakasha. Kamuva yabhala incwadi efundeka kanje: “Ngiyanihalalisela. Akuvamile ukuba umuntu abone ubuhle obungaka.”
Izivakashi eziningi zabonga ngokuthi zazibone lezi zakhiwo futhi zamangala ukubona ukuthi igatsha lalinezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi ezingu-151 futhi linyathelisela amazwe angu-18 e-Afrika eseningizimu nemaphakathi. Abantu bamukelekile ukuzobona izakhiwo zegatsha zoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ngesikhathi somsebenzi. Kungani ungahleli isikhathi sokuvakasha ngokuthintana nehhovisi legatsha langakini?
[Isithombe ekhasini 14]
Ukufika kwezivakashi ezakhiweni zegatsha
[Isithombe ekhasini 14]
Isimemo
[Izithombe ekhasini 15]
Izakhiwo zegatsha laseNingizimu Afrika eMogale City, eNingizimu Afrika
[Isithombe ekhasini 15]
Umshini wokunyathelisa i-MAN Roland Lithoman
[Isithombe ekhasini 15]
Indawo yokuhlanganisa izincwadi
[Isithombe ekhasini 15]
Umnyango othumela izincwadi