Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe OFakazi BakaJehova Bakholelwa Ukuthi Yibo Kuphela Abayosinda?
OFakazi BakaJehova bacabanga ukuthi bayitholile inkolo yeqiniso. Ukube bebengacabangi kanjalo, bebeyozishintsha izinkolelo zabo. Njengabalandeli bezinkolo eziningi, oFakazi BakaJehova bathemba ukuthi bayosindiswa. Kodwa, bakholelwa nawukuthi akuwona umsebenzi wabo ukwahlulela ukuthi obani abayosindiswa. Ekugcineni, uNkulunkulu onguMahluleli. Nguye onqumayo.—Isaya 33:22.
IZwi likaNkulunkulu lembula ukuthi labo abayosindiswa akumelwe nje bagcine ngokufuna insindiso kuphela kodwa kumelwe futhi babambisane noMsindisi. Ngokwesibonelo: Ake sithi umuntu othile uyaduka njengoba ehamba ehlane. Ufuna ukuthola indlela. Ingabe uzokufa, noma uzosinda? Umphumela uxhomeke endleleni asabela ngayo lapho esizwa. Ngenxa yokuqhosha, angase angalwamukeli usizo lomtakuli, noma umsindisi. Ngakolunye uhlangothi, angazithoba amukele usizo futhi aphephe.
Ngokufanayo, insindiso iyotholwa yilabo ababambisana noMtakuli wesintu, uJehova uNkulunkulu. Insindiso iyisipho esivela kuNkulunkulu, kodwa akubona bonke abantu abayoyithola. INdodana kaNkulunkulu, uJesu, yathi: “Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena.”—Mathewu 7:21.
OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi uNkulunkulu usindisa kuphela labo ababonisa ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu futhi abalandela izimfundiso zakhe eduze. (IzEnzo 4:10-12) Cabangela izimfuneko ezintathu ezibalulekile zokusinda ezembulwa eZwini likaNkulunkulu.
(1) UJesu watshela abangane bakhe: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Isibonelo sikaJesu uqobo sokunikela ukuphila kwakhe ngenxa yabanye sigcizelela ukubaluleka kothando. Labo abathanda abanye babonisa imfanelo ebalulekile ukuze umuntu asinde.
(2) Lapho uJesu ethandaza kuYise wathi: “Ngibazisile igama lakho.” (Johane 17:26) UJesu wayazi ukuthi igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, libaluleke kangakanani kuYise. Wathandazela ukuba igama likaYise ‘lingcweliswe.’ (Mathewu 6:9) Ukungcwelisa igama likaNkulunkulu kuhlanganisa ukwazi lelo gama nokuliphatha njengelibalulekile nelingcwele. NjengoJesu, labo abafuna insindiso kufanele basebenzise igama likaNkulunkulu. Kufanele bafundise nabanye ngegama likaNkulunkulu nezimfanelo zakhe. (Mathewu 28:19, 20) Empeleni, yilabo kuphela ababiza igama likaNkulunkulu abayosindiswa.—Roma 10:13.
(3) UJesu watshela uPontiyu Pilatu: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.” (Johane 18:36) Bambalwa namuhla ababonisa ukholo eMbusweni, noma kuhulumeni kaNkulunkulu, uJesu ayiNkosi yawo. Kunalokho, bathembela ezinhlanganweni zabantu. Ngokuphambene nalokho, labo abayosindiswa basekela uMbuso kaNkulunkulu ngokwethembeka futhi bafundisa abanye indlela oyokhulula ngayo sonke isintu esithembekile.—Mathewu 4:17.
Ngemva kokufunda ngezinye zezimfuneko zensindiso, abafundi bakaJesu bathi: “Ubani okungenzeka asindiswe?” UJesu waphendula: “Izinto ezingenakwenzeka kubantu zingenzeka kuNkulunkulu.” (Luka 18:18-30) OFakazi BakaJehova bazama ngokuzimisela ukufinyelela izimfuneko zokusindiswa. Bayazikhandla nasekusizeni abanye ukuba basindiswe.