Ukukhonza UNkulunkulu ‘Nganhliziyonye Nangomphefumulo Munye’
AMAJUDA namaproselithe angunge abafundi bakaJesu Kristu. Lezi zivakashi zize eMkhosini wePhentekoste eJerusalema, zivela ezindaweni ezikude njengaseRoma entshonalanga naseParte empumalanga. Kulesi sixuku kuzwakala izilimi ezihlukahlukene. Nokho, iningi labafundi bakaJesu abakhuluma naso lingelaseGalile. Ezinye zalezi zivakashi ezididekile ziyabuza: “Kwenzeka kanjani ukuba, ngamunye wethu ezwe ulimi lwakhe azalwa nalo?”—IzE. 2:8.
Umphostoli uPetru uyasukuma abese echaza ukuthi lesi simangaliso abasibonayo sisekelwephi. Kuba nomphumela omuhle ngaso leso sikhathi. Kubhapathizwa izinkulungwane zabafundi abasha! (IzE. 2:41) Nakuba ibandla likhula ngokushesha, lihlala linobunye. Umlobi weBhayibheli uLuka uthi: “Uquqaba lwalabo ababeye bakholwa lwalunhliziyonye futhi lumphefumulo munye.”—IzE. 4:32.
Izinkulungwane ezabhapathizwa ngePhentekoste lika-33 C.E. zazifuna ukuhlala eJerusalema isikhathi esijana ukuze zifunde okwengeziwe ngenkolo yazo entsha. Kodwa zazingazilungiselele ukuhlala isikhathi eside. Ngakho, kwaba nelungiselelo lesikhashana lokuqoqa iminikelo. Amanye amakholwa adayisa ngokuzithandela izimpahla zawo futhi aletha leyo minikelo kubaphostoli ukuze babele abaswele. (IzE. 2:42-47) Yeka umoya omuhle wothando nokuphana!
Selokhu kwathi nhlo, amaKristu eqiniso abonisa umoya wothando nokuphana. Namuhla, ibandla lobuKristu liyaqhubeka likhonza uJehova ‘nganhliziyonye nangomphefumulo munye.’ AmaKristu ngamanye anikela ngokuzithandela ngesikhathi, amandla nangezimali ukuze kushunyayelwe izindaba ezinhle futhi kuthuthukiswe izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu.—Bheka ibhokisi elithi “Izindlela Abanye Abakhetha Ukunikela Ngazo.”
[Ibhokisi ekhasini 6, 7]
IZINDLELA ABANYE ABAKHETHA UKUNIKELA NGAZO
IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE
Abaningi babekela eceleni noma bahlele ukuba kube nemali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “UMsebenzi Womhlaba Wonke.”
Inyanga ngayinye, amabandla athumela le mali ehhovisi loFakazi BakaJehova elikhonza izwe akulo. Iminikelo yokuzithandela yezimali ingase ithunyelwe ngokuqondile e-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa, Attention: Accounting Office, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini. Amasheke athunyelwa kuleli kheli elingenhla kufanele abhalelwe i-“Watch Tower Society.” Sicela uthintane nehhovisi legatsha uma ufisa ukunikela ngamatshe ayigugu (jewellery) noma ezinye izinto eziyigugu. Le minikelo kufanele ihambisane nencwadi emfushane echaza ukuthi lokhu kuyisipho esiqondile.
UKUPHA OKUHLELIWE
Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe umsebenzi woMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:
Umshuwalense: I-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.
Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa njengesipho esiqondile.
Izakhiwo Nezindawo: Izakhiwo nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa ngokwenza isipho esiqondile noma, uma kuyindawo yokuhlala, ngokuba igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo esaphila. Thintana nehhovisi legatsha lezwe lakini ngaphambi kokubhalisa isakhiwo noma indawo ngegama leNhlangano.
Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingashiyelwa i-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, ungathintana ne-Accounting Office ngencwadi noma ngocingo ekhelini elingezansi, noma ungase uthintane nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini.
Accounting Office
Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa
Private Bag X2067
Krugersdorp
1740
South Africa
Ucingo: 011 761 1000