Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 11/15 kk. 22-23
  • Uyayithola Yini Injabulo Elethwa “Ilungelo Lokupha Ngomusa”?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyayithola Yini Injabulo Elethwa “Ilungelo Lokupha Ngomusa”?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhonza UNkulunkulu ‘Nganhliziyonye Nangomphefumulo Munye’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ukunikela Ngenhliziyo Enamileyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • ‘Masinikele Umnikelo KaJehova’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • “Isibusiso SikaJehova Siyacebisa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 11/15 kk. 22-23

Uyayithola Yini Injabulo Elethwa “Ilungelo Lokupha Ngomusa”?

AMAKRISTU okuqala eFilipi ayaziwa ngokusekela kwawo ukukhulekela kweqiniso ngesandla esivulekile. Encwadini yakhe ephefumulelwe awabhalela yona, umphostoli uPawulu wathi: “Ngaso sonke isikhathi ngibonga uNkulunkulu wami njalo lapho nginikhumbula kukho konke ukuninxusela nonke, njengoba nginxusa ngenjabulo, ngenxa yomnikelo eniwenzele izindaba ezinhle kusukela osukwini lokuqala kuze kube yilo mzuzu.” (Fil. 1:3-5) UPawulu wayelukhumbula kahle usuku uLidiya nendlu yakhe ababhapathizwa ngalo futhi ngenxa yomoya wakhe wokungenisa izihambi, wabacindezela oPawulu nayeshumayela nabo ukuba bahlale kwakhe.—IzE. 16:14, 15.

Kungakabiphi, ibandla elalisanda kumiswa eFilipi lathumelela uPawulu kabili izinto zokumsekela ngesikhathi ehleli amasonto amaningana namanye amakholwa eThesalonika, eqhele cishe ngamakhilomitha angu-160. (Fil. 4:15, 16) Ngemva kweminyaka embalwa, ngesikhathi abaseFilipi nabanye abazalwane baseMakedoniya bekhungethwe ukuhlupheka ‘nobumpofu obukhulu,’ bezwa ngokuntula kwamaKristu ayeshushiswa eJerusalema, bafuna ukuwasiza. UPawulu wafakaza ukuthi ngempela lokhu ‘kwakungaphezu kwamandla abo.’ Noma kunjalo, wabhala: ‘Babelokhu besincenga ngokuncenga okukhulu becela ilungelo lokupha ngomusa.’—2 Kor. 8:1-4; Roma 15:26.

Eminyakeni engaba yishumi ngemva kokuba abaseFilipi bemukele ubuKristu, babesaqhubeka bebonisa umoya wokupha ofanayo. Ngemva kokuzwa ukuthi uPawulu wayeboshiwe eRoma, bathumela u-Ephafrodithu ukuba amhambisele izinto ezithile, ibanga lamakhilomitha angu-1 287 ezweni nasolwandle. Kusobala ukuthi abaseFilipi babefuna ukumsekela uPawulu ukuze aqhubeke eqinisa abazalwane futhi eshumayela, ngisho noma eboshiwe.—Fil. 1:12-14; 2:25-30; 4:18.

Namuhla, amaKristu eqiniso akubheka njengelungelo ukusekela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Athuthukisa izithakazelo zoMbuso ngokunikela ngesikhathi, amandla nangezimali zawo. Ibhokisi elikulesi sihloko libonisa ezinye izindlela nawe ongahlanganyela ngazo ekusekeleni lo msebenzi kaNkulunkulu.

[Ibhokisi emakhasini 22, 23]

IZINDLELA ABANYE ABAKHETHA UKUNIKELA NGAZO

IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE

Abaningi babekela eceleni noma bahlele ukuba kube nemali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “Umsebenzi Womhlaba Wonke.”

Inyanga ngayinye, amabandla athumela le mali ehhovisi loFakazi BakaJehova elikhonza izwe akulo. Iminikelo yokuzithandela yezimali ingase futhi ithunyelwe ngokuqondile e-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa, Attention: Accounting Office, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini. (Iminikelo yokuzithandela echazwe ngezansi nayo ingathunyelwa ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini.) Amasheke athunyelwa kuleli kheli elingenhla kufanele abhalwe ukuthi “Watch Tower Society.” Kunganikelwa nangamagugu okuhloba (jewelry) noma ezinye izinto eziyigugu. Le minikelo kufanele ihambisane nencwadi emfushane echaza ukuthi lokhu kuyisipho esiqondile.

UKUPHA OKUHLELIWE

Ngaphezu kwezipho zemali eziqondile, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe umsebenzi woMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:

Umshuwalense: I-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.

Ama-akhawunti Asebhange: Izimali ezikuma-akhawunti asebhange, izitifiketi zezimali ezitshaliwe noma izimali umuntu azibeke kuma-akhawunti omhlalaphansi zingabhalwa ukuba zigcinelwe noma zikhokhelwe i-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa lapho efa, ngokuvumelana nemithetho yamabhange endawo.

Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa njengesipho esiqondile noma njengegama okumelwe kudluliselwe kulo uma kwenzeka ufa (Transfer on Death).

Izakhiwo Nezindawo: Izakhiwo nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa ngokwenza isipho esiqondile noma, uma kuyindawo yokuhlala, ngokuba igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo esaphila. Thintana nehhovisi legatsha lezwe lakini ngaphambi kokubhalisa isakhiwo noma indawo ngegama leNhlangano.

Izincwadi Zefa Nezikhwama Zokutshala Imali: Impahla noma imali ingashiyelwa i-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho, noma umuntu angacela ukuba imali ayitshale esikhwameni esithile idluliselwe kuyi-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa. Isikhwama sokutshala imali esizuzisa inhlangano engokwenkolo singanikeza izinzuzo ezithile mayelana nezezintela.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, ungathintana ne-Accounting Office ngocingo noma ngencwadi ekhelini elingezansi, noma ungase uthintane nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini.

Accounting Office

Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa

Private Bag X2067

Krugersdorp 1740 South Africa

Ucingo: 011 761 1000

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela