Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 12/1 k. 8
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Umbazi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Isizathu Sokuba Sisebenze
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UJohane Ubhapathiza UJesu
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Ukwazi “Umqondo KaKristu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 12/1 k. 8

Ingabe Bewazi?

Hlobo luni lomsebenzi uJesu ayengalwenza njengombazi?

Usingayise kaJesu wayengumbazi. UJesu wafunda ikhono elifanayo. Lapho eqala inkonzo yakhe eneminyaka “engaba ngamashumi amathathu,” wayengabhekwa nje ‘njengendodana yombazi’ kodwa yena ngokwakhe wayengumbazi.—Luka 3:23; Mathewu 13:55; Marku 6:3.

Emzini wakubo kaJesu, kungenzeka ukuthi abantu babedinga amathuluzi okulima njengamageja namajoka, ngokuvamile ayenziwe ngokhuni. Phakathi kweminye imikhiqizo yababazi evamile kwakuba impahla yasendlini—amatafula, izihlalo, izigqiki, namakhabethe—kuhlanganise neminyango, amafasitela, izingidi zokhuni, nemishayo yokhuni. Empeleni, ingxenye yomsebenzi wombazi yayihlanganisa nokwakha.

Emfanekisweni, uJohane uMbhapathizi wakhuluma ngembazo, ithuluzi okungenzeka ukuthi uJesu nabanye ababazi babelisebenzisela ukugawula izihlahla. Ngemva kwalokho, babengenza imishayo ngezingodo esakhiweni noma bahambe nazo baye lapho bebazela khona. Akungabazeki ukuthi le ngxenye yomsebenzi yayidinga amandla amakhulu. (Mathewu 3:10) U-Isaya ubala amathuluzi ayesetshenziswa ababazi ngosuku lwakhe: “Umqophi wokhuni yena, uye welula umucu wokulinganisa; uyaludweba ngoshoki obomvu; ulusebenza ngesiphalo sokhuni; uqhubeka eludweba ngekhampasi.” (Isaya 44:13) Imivubukulo iqinisekisa ukusetshenziswa kwamasaha ensimbi, izando zamatshe nezipikili zethusi ngezikhathi zeBhayibheli. (Eksodusi 21:6; Isaya 10:15; Jeremiya 10:4) Kunengqondo ukuphetha ngokuthi uJesu wayezisebenzisa izinto ezinjengalezi.

Babengobani “abaphathi bebhange” uJesu akhuluma ngabo komunye wemifanekiso yakhe, futhi babesebenza kanjani?

UJesu wakhuluma ngenkosi eyajezisa isigqila sayo esiyivila, ithi: “Bekufanele ngabe imali yami yesiliva uyibeke kubaphathi bebhange, lapho ngifika bengiyokwamukela lokho okungokwami kanye nenzalo.”—Mathewu 25:27.

Izikhungo ezinkulu zezimali esizaziyo namuhla zazingekho ngenkathi kaJesu. Kodwa, ababolekisa ngemali babekade baqala ukubakhokhela inzalo abantu ababebeka izimali zabo kubo futhi befuna inzalo enkulu kulabo abababoleka imali. Ngokwe-Anchor Bible Dictionary, yayivamile inzalo yemali-mboleko eGrisi ngekhulu lesine B.C.E. Futhi phakathi nenkathi yokuthula yamaRoma, inzalo yonyaka yemali ebolekiwe kuwo wonke uMbuso WaseRoma yayishintshashintsha phakathi kwamaphesenti amane nayisithupha.

UMthetho KaMose wawukwenqabela ukufuna inzalo emalini ebolekwa ama-Israyeli ampofu. (Eksodusi 22:25) Lo mthetho kubonakala sengathi wawusebenza kuphela emalini eyayibolekwa abampofu. Kodwa, njengoba kubonisiwe emfanekisweni kaJesu, kwakuyinto evamile ukuthola inzalo emalini egcinwe kwababolekisa ngemali, noma “abaphathi bebhange.” Ngakho, njengokuvamile uJesu wasebenzisa into izilaleli zakhe ezaziyijwayele.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela