Inhlanzeko—Ibaluleke Ngani?
Sekuyizinkulungwane zeminyaka isintu sihlushwa ubhadane lwezifo. Abanye abantu bazitshela ukuthi lezi zinto ziwuphawu lolaka lukaNkulunkulu futhi zalethelwa ukuba zijezise abenzi bokubi. Ukuhlola ngesineke okwenziwayo nokucwaningisisa emakhulwini amaningi eminyaka kwembule ukuthi ngokuvamile zibangelwa izidalwa ezincane ezisizungezile.
Abacwaningi kwezokwelapha bathola ukuthi amagundane, amaphela, izimpukane nomiyane konke kungadlulisela izifo. Bathola nokuthi abantu ngokuvamile bazilandela izifo ezithathelwanayo ngokuntula nje inhlanzeko. Kubonakala sengathi inhlanzeko ingenza umehluko phakathi kokufa nokuphila.
Ngokusobala, amazinga enhlanzeko angahluka kuye ngesizinda nezimo. Ezindaweni lapho bengekho khona ompompi noma isimiso esifanele sokukhucululwa kwendle, inhlanzeko ingaba yinselele ngempela. Noma kunjalo, uNkulunkulu wanikeza ama-Israyeli imiyalo ephathelene nenhlanzeko lapho enqamula ihlane—okungesinye sezimo ezinzima kakhulu ongazicabanga umuntu angagcina kuzo izinga elifanele lenhlanzeko!
Kungani inhlanzeko ibalulekile kuNkulunkulu? Uyini umbono ofanele ngenhlanzeko? Yiziphi izinto ezilula wena nomkhaya wakho eningazenza ukuze ninciphise izifo?
ISIKOLE sesiphumile, futhi umfanyana okuthiwa uMax,a ohlala eCameroon, usefikile ekhaya. Elambile futhi omile, ungena endlini yakubo ephansi, aphulule inja yakhe, abeke isikhwama sakhe sezincwadi phezu kwetafula elisegumbini lokudlela, ahlale phansi, alindele ukudla kwakhe ngabomvu.
Unina, osekhishini, umzwile uMax engena futhi umlethela irayisi elishisayo nesishebo sikabhontshisi. Kodwa ubuso bakhe buyashintsha lapho ebona isikhwama sezincwadi etafuleni elihlanzekile. Ubheka indodana yakhe abese eyibiza ngezwi elinensayo, “Maaax!” Indodana yakhe iyaqonda ukuthi usho ukuthini, ngokushesha isusa isikhwama sayo, bese igijima iyogeza izandla. Ngokushesha iyabuya izokudla ukudla kwayo ebikulindele ngabomvu. Isho ngokuzisola, “Ngiyaxolisa Mama, bese ngikhohliwe.”
Umama onakekelayo angenza lukhulu uma kuziwa kwezempilo nokuhlanzeka, nakuba edinga ukubambisana nawo wonke amalungu omkhaya. Njengoba indaba kaMax ibonisa, kudingeka ukuqeqesha okuqhubekayo ngoba inhlanzeko idinga umzamo ongaphezi futhi abantwana badinga izikhumbuzo njalo.
Unina kaMax uyaqaphela ukuthi ukudla kungathola amagciwane ngezindlela eziningi. Ngakho akagezi nje izandla zakhe kuphela ngaphambi kokuba athinte ukudla kodwa futhi ugcina ukudla kumboziwe ukuze kungahlalwa yizimpukane. Ngokuqiniseka ukuthi ukudla akuhlali kungamboziwe nangokugcina indlu ihlanzekile, akanayo inkinga enkulu yamagundane namaphela.
Isizathu esibalulekile esenza unina kaMax aqaphe ngale ndlela ukuthi ufuna ukujabulisa uNkulunkulu. Uyachaza, “IBhayibheli lithi abantu bakaNkulunkulu kumelwe babe ngcwele ngoba uNkulunkulu ungcwele.” (1 Petru 1:16) Uyanezela, “Ubungcwele buyafana nokuhlanzeka. Ngakho ngifuna umuzi wami uhlanzeke, futhi ngifuna umkhaya wami ubukeke uhlanzekile. Kuyavunywa, lokhu kungenzeka kuphela uma wonke amalungu omkhaya efaka isandla.”
Kubalulekile Ukubambisana Emkhayeni
Njengoba unina kaMax eqaphela, ukuhlanzeka komkhaya kuyinto okufanele wonke amalungu omkhaya afake isandla kuyo. Ngezikhathi ezithile, eminye imikhaya ihlala phansi ndawonye ixoxe ngezidingo zayo nangokuthi ingathuthukisa kuphi, kokubili endlini nangaphandle. Lokhu kwenza nomkhaya ube nobunye futhi kukhumbuze ilungu ngalinye ngendima yalo ekunakekeleni inhlalakahle yabanye. Ngokwesibonelo, umama angase achazele izingane zakhe ezindala ukuthi kungani kufanele zigeze izandla ngemva kokuya endlini yangasese nangemva kokuphatha izinto ezinjengemali nangaphambi kokudla. Nazo zingaqikelela ukuthi ezisencane ziyibheka njengebalulekile le ndaba.
Imisebenzi yasekhaya ehlukahlukene ingahlukaniselwa wonke amalungu omkhaya. Umkhaya ungase unqume ukuhlanza indlu njalo isonto ngalinye futhi uhlele ukukhuculula indlu kanye noma kabili ngonyaka. Kuthiwani ngegceke? Umlondolozi wemvelo uStewart L. Udall, ephawula nge-United States, wathi: “Siphila ezweni elilahlekelwa ubuhle, eliqhubeka liba libi, eliphelelwa yizindawo ezivulekile, nendawo ezungezile iwohlozwa ukungcola nomsindo nsuku zonke.”
Ingabe unombono ofanayo ngendawo ohlala kuyo? Esikhathini esidlule ngisho nanamuhla emadolobheni athile e-Afrika Ephakathi, omemezayo ushaya insimbi edolobheni ukuze enze abantu bamnake. Ngezwi eliphakeme, ukhumbuza umphakathi ukuba uhlanze idolobha, kukhucululwe indle, kuncwelwe izihlahla, kusishulwe ukhula, futhi kuqoqwe nodoti.
Ukulahlwa kukadoti kuyinkinga emhlabeni wonke futhi kwenza iziphathimandla eziningi ziphathwe ikhanda. Abanye omasipala basalela emuva ekuqoqeni udoti, okuwenza unqwabelane emigwaqweni. Izakhamuzi zingase zicelwe ukuba zisize. Njengezakhamuzi ezinhle, amaKristu aphakathi kwabantu bokuqala abasabelayo futhi babambisane nemithetho kaKhesari ngaphandle kokukhononda. (Roma 13:3, 5-7) AmaKristu eqiniso azimisele ukwenza konke okusemandleni ukuze abe neqhaza kulokhu. Ayathanda ukuba nendawo ehlanzekile futhi athatha izinyathelo zokuhlanza, engadingi ukukhunjuzwa yisimemezelo sikamasipala njalo. Ayaqonda ukuthi inhlanzeko ibonisa ukuthi aqeqeshwe kahle futhi aziphatha ngendlela efanele. Lokhu kuqala ngomuntu ngamunye nomkhaya ngamunye. Ukulondoloza izinga elifanele lenhlanzeko ekhaya kuholela empilweni engcono futhi kuthuthukisa ukubukeka kwayo yonke indawo ezungezile.
Inhlanzeko Yomuntu Siqu Idumisa UNkulunkulu Esimkhulekelayo
Ukuhlanzeka nokuhlonipheka komuntu siqu kumelela ukukhulekela kwethu futhi kuvame ukudonsa amehlo abantu. Iqembu lezintombi nezinsizwa ezingaba ngu-15 langena endaweni yokudlela ngemva komhlangano woFakazi BakaJehova eToulouse, eFrance. Umbhangqwana osukhulile owawusetafuleni eliseduze wawulindele ukuba liziphathe ngendlela engafanele—libange umsindo futhi libe uhlupho. Kodwa, wahlabeka umxhwele ngokuziphatha okuhle nengxoxo eyakhayo yale ntsha eyayigqoke ngesizotha. Lapho leli qembu selilungela ukuhamba, lo mbhangqwana walincoma ngokuziphatha okuhle futhi watshela enye insizwa ukuthi ukuziphatha okunjalo okuyisibonelo kuyivelakancane kulezi zinsuku.
Abantu abavakashela amahhovisi amagatsha, izindawo zokunyathelisa nezakhiwo zokuhlala zoFakazi BakaJehova bavame ukuhlabeka umxhwele ngenhlanzeko abayibona kulezo zindawo. Ukugqoka izingubo ezihlanzekile nokugeza njalo kuyimfuneko kumavolontiya asebenza futhi ahlale kulezi zindawo. Amakha awanakuyithatha indawo yokuhlanzeka komzimba okufanele. Lapho la mavolontiya, ayizikhonzi zesikhathi esigcwele, eshumayela komakhelwane kusihlwa noma ngezimpelasonto, inhlanzeko yawo isimelela kahle nesigijimi asiphethe.
“Yibani Ngabalingisi BakaNkulunkulu”
AmaKristu akhuthazwa ukuba ‘abe ngabalingisi bakaNkulunkulu.’ (Efesu 5:1) Umprofethi u-Isaya waloba umbono lapho abona khona izingelosi zichaza uMdali ngamazwi athi “Ungcwele, ungcwele, ungcwele.” (Isaya 6:3) Le ncazelo igcizelela ubumsulwa nokuhlanzeka kukaNkulunkulu okungenakulinganiswa. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu ufuna ukuba zonke izinceku zakhe zibe ngcwele, zihlanzeke. Uyazitshela: “Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.”—1 Petru 1:16.
IBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba “agqoke ngendlela efanelekile.” (1 Thimothewu 2:9, The New English Bible) Yingakho encwadini yesAmbulo, kuthiwa “ilineni elikhanyayo, elihlanzekile, nelicolekileyo” limelela izenzo ezilungileyo zabantu uNkulunkulu ababheka njengabangcwele. (IsAmbulo 19:8) Ngakolunye uhlangothi, emiBhalweni isono sivame ukufaniswa nebala noma ukungcola.—IzAga 15:26; Isaya 1:16; Jakobe 1:27.
Namuhla, izigidi zabantu zihlala ezindaweni lapho kuyinselele njalo ukuhlala zihlanzekile ngokomzimba, ngokokuziphatha nangokomoya. Ikhambi eliwujuqu lale nkinga liyofika lapho uNkulunkulu ‘enza zonke izinto zibe zintsha.’ (IsAmbulo 21:5) Lapho leso sithembiso sigcwaliseka, ukungcola nokungahlanzeki kwazo zonke izinhlobo kuyonyamalala phakade.
[Umbhalo waphansi]
a Amagama ashintshiwe.
[Ibhokisi ekhasini 10]
UNkulunkulu Ufuna Inhlanzeko
Lapho esehlane, ama-Israyeli ayalwa ukuba acophelele uma elahla indle yabantu. (Duteronomi 23:12-14) Kungenzeka ukuthi lokhu kwakuwumsebenzi okhathaza ngempela uma ubheka ukuthi lalilikhulu kangakanani ikamu, kodwa akungabazeki ukuthi kwasiza ekuvimbeleni izifo ezifana ne-typhoid fever nekholera.
Abantu bayalwa ukuba bageze noma balahle noma yini ethinte isidumbu. Nakuba ayengase angasiqondi isizathu salokhu, ngokwenza kanjalo ama-Israyeli asizwa ukuba agweme amagciwane nezifo.—Levitikusi 11:32-38.
Abapristi kwakufanele bageze izandla nezinyawo ngaphambi kokwenza imisebenzi yabo etabernakele. Kumelwe ukuba kwakungewona umsebenzi olula ukugcwalisa izitsha zethusi ezazigcina amanzi ale njongo, kodwa ukugeza kwakuyimfuneko engaguquki.—Eksodusi 30:17-21.
[Ibhokisi ekhasini 11]
Esikukhunjuzwa Udokotela Wezokwelapha
Amanzi ayingxenye ebalulekile yokuphila, kodwa amanzi angcolile angabangela izifo nokufa. UDkt. J. Mbangue Lobe, umphathi womnyango wezokwelapha echwebeni laseDouala, eCameroon, wanikeza ukusikisela okuwusizo lapho kuxoxwa naye.
“Wabilise amanzi uma ungawethembi.” Kodwa waxwayisa: “Ukusebenzisa i-bleach noma amanye amakhemikhali kulungile kodwa kungaba yingozi uma kungasetshenziswa ngendlela efanele. Geza izandla zakho ngensipho nangamanzi njalo ngaphambi kokudla nangemva kokuya endlini yangasese. Isigaxa sensipho asibizi imali enkulu, ngakho ngisho nabantu abampofu bangakwazi ukusithenga. Ziwashe njalo izingubo zakho, usebenzisa amanzi ashisayo uma unezinkinga zesikhumba noma izifo.”
Lo dokotela waqhubeka: “Ukuhlanzeka kwendlu ngaphakathi nangaphandle kufanele kuqashelwe yiwo wonke amalungu omkhaya. Izindlu zangasese ngokuvamile azinakwa futhi ngokuzenzekelayo ziba yindawo enhle yamagciwane nezimpukane.” Ephawula okuthile ngokuphathelene nezingane, waxwayisa: “Qaphelani ukubhukuda emihosheni emincane esendaweni. Igcwele amagciwane ayingozi. Geza njalo ebusuku ekhaya ngaphambi kokuyolala, xubhisisa amazinyo ebusuku, futhi usebenzise inetha elivimba omiyane lapho ulala.” Iphuzu eliyinhloko ngokuphathelene nakho konke osekuphawuliwe ukucabanga kusengaphambili, ukuthatha isinyathelo nokugwema izinkinga.
[Isithombe ekhasini 10]
Ukuwasha izingubo zakho kusiza ekuvimbeleni izinkinga zesikhumba nezifo
[Isithombe ekhasini 10]
AmaKristu athatha isinyathelo ukuze ahlanze indawo ahlala kuyo
[Isithombe ekhasini 10]
Umama onakekelayo angenza lukhulu uma kuziwa ekuhlanzekeni kwekhaya