UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
UJehova Uyabathanda Abantu Abahlanzekile
“Geza izandla. Hlanza ikamelo lakho. Shanela phansi. Hamba uyolahla udoti.” Abazali abaningi bafundisa izingane zabo indlela ezingahlala ngayo zihlanzekile. Nokho, imithetho yenhlanzeko ivela kuNkulunkulu wethu ongcwele. (Eks 30:18-20; Dut 23:14; 2Ko 7:1) Sisuke sidumisa uJehova lapho sigcina imizimba yethu nezinto esinazo zihlanzekile. (1Pet 1:14-16) Kuthiwani ngamakhaya ethu nezindawo ezisizungezile? Ngokungafani nabantu abalahla izinto emgwaqweni nasemapaki, amaKristu enza okusemandleni ukuze agcine ikhaya lawo eliwumhlaba lihlanzekile. (IHu 115:16; IsAm 11:18) Ngisho nezinto ezincane njengendlela esilahla ngayo amaphepha kaswidi, amakani eziphuzo noma ushingamu kuveza indlela esizizwa ngayo ngenhlanzeko. Kukho konke esikwenzayo, kufanele ‘sizituse njengezikhonzi zikaNkulunkulu.’—2Ko 6:3, 4.
BUKELA IVIDIYO ETHI UNKULUNKULU UYABATHANDA ABANTU ABAHLANZEKILE, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Iziphi izaba abanye abazibekayo zokungagcini izinto abanazo zihlanzekile?
UMthetho KaMose wawuwuveza kanjani umbono kaJehova ngenhlanzeko?
Singamdumisa kanjani uJehova ngaphandle kwezwi?
Ngingabonisa kanjani ukuthi nginombono kaJehova ngenhlanzeko ekuphileni kwami?