Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 4/1 k. 31
  • UYise Wezintandane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UYise Wezintandane
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Yiba Nesithakazelo Sothando ‘Ezintandaneni’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Ukushintsha Isimo Semikhaya Engenababa
    I-Phaphama!—2000
  • Imikhaya Engenababa—Isibonakaliso Sezikhathi
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 4/1 k. 31

Sondela KuNkulunkulu

UYise Wezintandane

Eksodusi 22:22-24

“UNKULUNKULU unguyise wezintandane . . . esendaweni yakhe yokuhlala engcwele.” (IHubo 68:5) Lawo mazwi aphefumulelwe asifundisa isifundo esithinta inhliziyo ngoJehova uNkulunkulu—uyazazi izidingo zabantu abahluphekayo. Ukukhathalela kwakhe abantwana abashonelwe umzali kwakubonakala ngokucacile eMthethweni awunika ama-Israyeli. Ake sihlole lapho iBhayibheli likhuluma khona okokuqala ‘ngentandane,’a ku-Eksodusi 22:22-24.

UNkulunkulu uyaxwayisa: ‘Ningayihluphi intandane.’ (Ivesi 22) Lokhu kwakungewona umzamo wokunxusa ukuba kusizwe abanye abantu; kwakuwumyalo ovela kuNkulunkulu. Ingane eshonelwe uyise—ongumvikeli nomondli wayo—yayingenasivikelo. Akekho umuntu okwakufanele “ahluphe” ingane enjalo nganoma iyiphi indlela. Kwezinye izinguqulo zeBhayibheli, igama elithi “hlupha” libekwe ngokuthi “hlukumeza,” “phatha kabi,” noma “xhaphaza.” Kwakuyindaba embi emehlweni kaNkulunkulu ukuphatha kabi intandane. Kodwa kwakukubi kangakanani?

UMthetho uyaqhubeka: “Uma ungake nje umhluphe, bese ekhala kimi, ngiyokuzwa nakanjani ukukhala kwakhe.” (Ivesi 23) Lokhu kulandisa kuyashintsha kusuke ebuningini evesini 22 kuye ebunyeni evesini 23. Umuntu ngamunye nesizwe sisonke babenomthwalo ofanayo wokulalela lo mthetho kaNkulunkulu. UJehova wayebukele; evule indlebe yakhe ukuze ezwe izintandane, ekulungele ngaso sonke isikhathi ukusabela ekukhaleleni kwazo usizo.—IHubo 10:14; IzAga 23:10, 11.

Yini-ke eyayizokwenzeka uma othile ephatha kabi intandane, ayenze ukuba ikhale kuNkulunkulu? UJehova uthi: “Intukuthelo yami iyovutha impela, futhi ngokuqinisekile ngiyonibulala ngenkemba.” (Ivesi 24) Incwadi ethile yeBhayibheli ithi lokhu “ngokwezwi nezwi kusho ukuthi ‘ikhala lami liyovutha,’ okuyinkulumo esho ukuthukuthela kakhulu.” Phawula ukuthi uJehova akazange akushiyele kubahluleli bakwa-Israyeli abangabantu ukuba baphoqelele ukusebenza kwalo mthetho. UNkulunkulu ngokwakhe owayezokhipha isahlulelo kunoma ubani owayephatha kabi ingane engenakuzivikela.—Duteronomi 10:17, 18.

UJehova akakashintshi. (Malaki 3:6) Inhliziyo yakhe iyabazwela abantwana abayizintandane. (Jakobe 1:27) Ungaphazami—uYise wezintandane uba nolaka olufanelekile uma ziphathwa kabi izingane ezingenacala. Labo ababehlukumeza izingane babengeke baphunyuke ‘entukuthelweni kaJehova evuthayo.’ (Zefaniya 2:2) Abantu abanjalo abangalungile bayofunda ukuthi “kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.”—Hebheru 10:31.

[Umbhalo waphansi]

a Inkulumo ethi “intandane” ivela izikhathi ezingaba ngu-40 eBhayibhelini. Nakuba igama lesiHebheru elisetshenzisiwe lisebenzisa ubulili besilisa, akufanele sicabange ukuthi izimiso ezihambisana naleyo nkulumo aziwahlanganisi amantombazane ashonelwe oyise. UMthetho KaMose wawuwavikela namalungelo ezintandane ezingamantombazane.—Numeri 27:1-8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela