Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe Wonke Amandla Okuphulukisa Ngokuyisimangaliso Avela KuNkulunkulu?
Akungatshazwa ukuthi uJehova uNkulunkulu unamandla okuphulukisa. Akungatshazwa futhi ukuthi anganikeza abakhulekeli bakhe lawo mandla. Ngokwesibonelo, ngesikhathi sabaphostoli, ukuphulukisa ngokuyisimangaliso kwakungesinye sezipho ezikhethekile zomoya wakhe ongcwele. Umphostoli uPawulu uyabhala: “Ukubonakaliswa komoya kunikwa lowo nalowo ngenjongo enenzuzo. Ngokwesibonelo, omunye ngomoya unikwa inkulumo yokuhlakanipha, . . . omunye izipho zokuphulukisa ngawo lowo moya owodwa, . . . omunye ukuprofetha, . . . omunye izilimi ezihlukahlukene.”—1 Korinte 12:4-11.
Nokho, kuyo leyo ncwadi eya kwabaseKorinte, uPawulu wathi izipho eziyisimangaliso zomoya ongcwele kaNkulunkulu zaziyophela. Wathi: “Kungakhathaliseki ukuthi kukhona izipho zokuprofetha, ziyoqedwa; kungakhathaliseki ukuthi kukhona izilimi, ziyokhawuka; kungakhathaliseki ukuthi kukhona ulwazi, luyoqedwa.”—1 Korinte 13:8.
Phakathi nekhulu lokuqala, ukuphulukisa ngokuyisimangaliso kwakwenziwa uJesu Kristu nabaphostoli bakhe. Ngaleso sikhathi somlando wobuKristu, injongo yezipho zomoya, kuhlanganise nekhono lokuphulukisa, yayiwukukhazimulisa uNkulunkulu futhi zaziwuphawu lokuthi uJehova wayelijabulela futhi elibusisa ibandla lobuKristu elalisafufusa. Kodwa lapho selinezimpande noma seliqinile, ibandla lobuKristu laliyobonisa ukuthi uNkulunkulu uyalamukela ngokuba nokholo, ithemba nothando oluqinile, hhayi ngezipho ezikhethekile. (Johane 13:35; 1 Korinte 13:13) Ngakho, cishe ngekhulu leminyaka C.E., ukwamukela kukaNkulunkulu ibandla kwakungasaxhomekile eziphweni zokuphulukisa ngokuyisimangaliso.a
Kodwa ungase uzibuze, ‘Kungani ngisezwa ngabathile abaphulukiswe ngokuyisimangaliso?’ Ngokwesibonelo, elinye iphephandaba labika ngendoda okuthiwa yayinomdlavuza. Yayinezimila ekhanda, ezinsweni ngisho nasemnkantsheni wamathambo ayo. Kwakubonakala ingasekho indaba yayo kwaze kwaba yilapho uNkulunkulu “ekhuluma” nayo. Leli phephandaba lathi ezinsukwini ezingengaki wase uphelile umdlavuza wayo.
Lapho uzwa indaba enjalo, kungani ungazibuzi: ‘Ingabe lo mbiko uyiqiniso? Ingabe kunobufakazi bodokotela obubhaliwe obusekela lo mbiko? Ngisho noma kubonakala sengathi kwaba khona ukuphulukisa okunjalo, ingabe iBhayibheli lifundisa ukuthi nguNkulunkulu owenza zonke lezo zinto ezibonakala ziwukuphulukisa ngokuyisimangaliso?’
Impendulo yombuzo wokugcina ibaluleke ngokukhethekile. UJesu waxwayisa abalandeli bakhe: “Qaphelani abaprofethi bamanga . . . Abaningi bayokuthi kimi ngalolo suku, ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho, saxosha amademoni egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla [izimangaliso] egameni lakho na?’ Kodwa nokho ngiyovuma kubo ngaleso sikhathi ngithi: Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina abenza okungemthetho.”—Mathewu 7:15, 21-23.
Kusobala-ke ukuthi lokho okuthiwa ukuphulukisa ngokuyisimangaliso kungavela nakomunye umthombo ngaphandle kukaNkulunkulu. Ukuze sigweme ukudukiswa yilabo abathi benza imisebenzi yamandla ngegama likaNkulunkulu, kumelwe sizuze ulwazi olunembile ngoNkulunkulu, sisebenzise ikhono lokucabanga asinikeze lona futhi sifunde ukuthi singababona kanjani labo abenza intando yakhe.—Mathewu 7:16-19; Johane 17:3; Roma 12:1, 2.
[Umbhalo waphansi]
a Kusobala ukuthi ngemva kokufa kwabaphostoli, ukudluliselwa kwalezi zipho kwaphela, futhi izipho eziyisimangaliso zomoya zaphela nya lapho ababenazo befa.