Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 6/1 kk. 5-7
  • Okwenza IBhayibheli Libe Usizo Osukwini Lwethu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okwenza IBhayibheli Libe Usizo Osukwini Lwethu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lisitshela Ngemigomo Enengqondo
  • Indlela IBhayibheli Elishukumisa Ngayo Abantu Ukuba Bashintshe
  • Kungani Kumelwe Uthathe Inkolo Ngokungathi Sìna?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • IBhayibheli—Isiqondiso Esiwusizo Kumuntu Wanamuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Incwadi Ewusizo Ekuphileni Kwanamuhla
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • Iseluleko Ongasethemba Sokukhulisa Abantwana
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 6/1 kk. 5-7

Okwenza IBhayibheli Libe Usizo Osukwini Lwethu

“Yonke imibhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi ingasetshenziswa ngokunenzuzo . . . ekuqondiseni ukuphila kwabantu.”—2 THIMOTHEWU 3:16, The Jerusalem Bible.

PHAKATHI namakhulu eminyaka, iBhayibheli liye lashukumisa abantu emhlabeni wonke ukuba bashintshe, baphile ukuphila okungcono. UmBhalo ocashunwe ngenhla uchaza isizathu esenza iBhayibheli liphumelele kule ndaba—ukuhlakanipha okukulo kuvela kuNkulunkulu. Nakuba labhalwa abantu, lisitshela izinto ezifunwa uNkulunkulu. Liyachaza: “Abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”—2 Petru 1:21.

IBhayibheli liyisiqondiso esiwusizo ngezindlela okungenani ezimbili. Eyokuqala, lisitshela ngemigomo enengqondo engenza ukuphila kube ngcono. Eyesibili, linamandla okushukumisa abantu ukuba benze izinguquko ezidingekayo ukuze bathole lokho kuphila okungcono. Ake sixoxe ngalezi zici ezimbili.

Lisitshela Ngemigomo Enengqondo

EBhayibhelini uNkulunkulu wenza lesi sithembiso: “Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.” (IHubo 32:8) Phawula ukuthi uNkulunkulu akagcini ngokunikeza iseluleko, kodwa unikeza nokuqondisisa, ikhono lokubona ngalé kwesimo esikhona. Ukuqondisisa ukuthi yimiphi imigomo ezuzisa ngempela kungasivikela ukuba singadlali ngokuphila kwethu siphishekela izinto ezingathi shu.

Ngokwesibonelo, abantu abaningi bakwenza umgomo ukuvelela nokuchuma ekuphileni. Izincwadi zokuzisiza zinikeza amacebiso amaningi okudlula abanye abantu ukuze udume noma ucebe. Kodwa iBhayibheli lisitshela lokhu: “Ukubangisana komunye nomunye . . . kuyize nokulwela ukufica umoya.” “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva.” (UmShumayeli 4:4; 5:10) Ingabe leso seluleko siwusizo namuhla?

Ukuze sibone ukuthi isiyalo seBhayibheli siwusizo kanjani, ake sicabange ngendaba ka-Akinori waseJapan. U-Akinori waphuma phambili ekuncintisaneni okushubile, wafinyelela umgomo wakhe wokufunda eyunivesithi ephambili futhi wathola umsebenzi enkampanini ehlonishwayo. Kwakubonakala sengathi zonke izinto zimhambela kahle. Kodwa impumelelo yakhe ayimlethelanga injabulo ayecabanga ukuthi uyoyithola. Kunalokho, ukucindezeleka nokukhathala kwamgulisa. Abangane bakhe ayesebenza nabo abakwazanga ukumduduza. Ukucindezeleka kwamenza waba umlutha wotshwala, waze wacabanga nokuzibulala. Wabe eseqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Akufunda kwashintsha umbono wakhe ngezinto ezibalulekile ekuphileni. Kungakabiphi, izifo zakhe ezazibangelwa ukucindezeleka zaphela. Kunokwenza izinto eshukunyiswa ukuzazisa nokufuna izinto ezinkulu, u-Akinori wazibonela yena ukuthi lesi saga seBhayibheli siyiqiniso: “Inhliziyo enokuthula inika umzimba impilo.”—IzAga 14:30, The Holy Bible—New International Version.

Yimuphi umgomo ocabanga ukuthi unenjongo kakhulu ekuphileni? Yini engakwenza ujabule ngempela uma uyifinyelela: ukuba nomshado ophumelelayo, ukunikeza izingane zakho isiqalo esihle ekuphileni, ukuba nabangane abaningi nokujabulela ukuphila? Konke lokhu kuyimigomo emihle. Eqinisweni, iBhayibheli liyayikhuthaza, kodwa lithi akufanele ibe injongo eyinhloko ekuphileni. Ngokuhlakanipha, iBhayibheli lisitshela lokho okumelwe sikwenze ukuze sibe nokuphila okwanelisayo. Lithi: “Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.” (UmShumayeli 12:13) Uma sisishaya indiva lesi sibopho, ukuphila kuvele kukhungathekise, kungabi nanjongo, futhi ekugcineni kudumaze. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli liyasiqinisekisa: “Uyajabula othembela kuJehova.”—IzAga 16:20.

Indlela IBhayibheli Elishukumisa Ngayo Abantu Ukuba Bashintshe

Umphostoli uPawulu wabhala: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.” Njengenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, lingakwazi ukungena lijule emicabangweni nasezinhlosweni zomuntu. (Hebheru 4:12) IBhayibheli linamandla okushintsha indlela abantu abaphila ngayo ngoba libasiza ukuba babone ubunjalo babo. Ngakho, labo abanesimo esihle senhliziyo bayobona ukuthi kungase kudingeke benze ushintsho. Ngokwesibonelo, nakhu okwashiwo uPawulu ngalabo ababengamasela, izidakwa neziphingi ebandleni lobuKristu laseKorinte yasendulo: “Yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka . . . ngomoya kaNkulunkulu wethu.” (1 Korinte 6:9-11) Umoya ongcwele kaJehova usasebenza futhi usenamandla nanamuhla, ngakho ungabashukumisa abantu ukuba benze ushintsho oludingekayo.

UMario, ohlala eYurophu, wayeyisixhwanguxhwangu, ebhema, ethengisa nensangu. Kwesinye isigameko lapho amaphoyisa eshaqa izidakamizwa zakhe, wathukuthela kakhulu waze washaya iphoyisa walimaza nemoto yalo. Ngaphezu kwalokho, uMario wayengumahlalela futhi enezikweletu eziningi. Ebona ukuthi wayehluleka ukuxazulula izinkinga zakhe, wavuma ukufundelwa iBhayibheli. Njengoba ayethuthuka, walungisa indlela ayebukeka ngayo, wayeka ukubhema nokuthengisa izidakamizwa futhi wayeka ubudlova. Abaningi ababazi imikhuba yakhe yangaphambili bamangala kabi. Babemmisa lapho behlangana naye, bambuze, “Mario, nguwena ngempela lo?”

Yini ebangela abantu abanjengo-Akinori noMario ukuba bashintshe ukuphila kwabo, bathole ukwaneliseka nenjabulo yangempela ekuphileni? Kusobala ukuthi bashukunyiswa ulwazi ngoNkulunkulu abasuke besanda kuluthola ngokufundelwa iBhayibheli. UNkulunkulu kuphela ongasinikeza imfundo ewusizo esiyidingayo ukuze siphumelele ekuphileni futhi sibe namathemba okuphila phakade esikhathini esizayo. Esebenzisa iBhayibheli, uJehova uNkulunkulu ukhuluma nathi njengoBaba: “Yizwa, ndodana yami, wamukele amazwi ami. Khona-ke iminyaka yakho yokuphila iyoba miningi. . . . Lapho uhamba, izinyathelo zakho ngeke zithothane; futhi uma ugijima, ngeke ukhubeke. Bamba isiyalo; ungasidedeli. Silonde, ngoba singukuphila kwakho.” (IzAga 4:10-13) Yisiphi iseluleko esizuzisa ukwedlula ukufuna isiqondiso soMdali wethu?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]

Iseluleko Sanamuhla Esiwusizo

IBhayibheli linezimiso eziyisisekelo kodwa ezisebenzayo ezingasiqondisa kuzo zonke izici zokuphila kwanamuhla. Nazi ezinye izibonelo zazo:

• Ukujabulela ubuhlobo obuhle nabanye

“Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.

“Lowo oziphatha njengomncane phakathi kwenu nonke nguye omkhulu.”—Luka 9:48.

“Landelani inkambo yokungenisa izihambi.”—Roma 12:13.

• Ukunqoba imikhuba elimazayo

“Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.

“Ungabi phakathi kwezinseli zewayini, phakathi kwamakloza.”—IzAga 23:20.

“Ungabi nabungane nanoma ubani othambekele entukuthelweni.”—IzAga 22:24.

• Ukwakha umshado ozinzile

“Yilowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena; ngakolunye uhlangothi, umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.”—Efesu 5:33.

“Qqokani uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela. Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile.”—Kolose 3:12, 13.

• Ukusiza izingane

“Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.”—IzAga 22:6.

“Nani bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efesu 6:4.

• Ukugwema izingxabano

“Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.”—IzAga 15:1.

“Ekubonisaneni udumo nihole.”—Roma 12:10.

Ngisho nabangane bangazigwema izingxabano ezihilela imali ngokubhala phansi izivumelwano. Yingakho inceku kaNkulunkulu uJeremiya yabhala: “Ngaloba itayitela nganamathisela uphawu futhi ngathatha ofakazi njengoba ngangikala imali esikalini.”—Jeremiya 32:10.

• Ukuhlakulela isimo sengqondo esihle

“Noma yiziphi izinto eziyiqiniso, . . . ezithandekayo, . . . okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto.”—Filipi 4:8.

IBhayibheli alifuni abantu bahlale becabanga imicabango emibi futhi libalahla ngokuqinile ‘abakhononda ngokuphila kwabo.’ Lithi: “Jabulani ethembeni.”—Jude 4, 16; Roma 12:12.

Ukusebenzisa lezi zimiso ezinhle ngeke kugcine ngokusinika ukuthula nokwaneliseka manje, kodwa futhi kuyosisiza sikwazi ukuphila ngokuvumelana nalokho uNkulunkulu akufunayo, sithole nesibusiso sakhe. IBhayibheli lithi: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.

[Izithombe ekhasini 5]

U-Akinori ngesikhathi esengusomabhizinisi (kwesobunxele), nanamuhla eshumayela nomkakhe

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela