Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 6/1 k. 26
  • Uyakuqonda Ukulinganiselwa Kwethu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyakuqonda Ukulinganiselwa Kwethu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imihlatshelo Eyajabulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Incwadi YeBhayibheli Yesi-3—ULevitikusi
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • ULevitikusi—Ubizo Ekukhulekelweni Okungcwele KukaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaLevitikusi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 6/1 k. 26

Sondela KuNkulunkulu

Uyakuqonda Ukulinganiselwa Kwethu

Levitikusi 5:2-11

“ANGIKAZE ngibe nomuzwa wokuthi ngenza okwanele, kungakhathaliseki ukuthi ngizikhandla kangakanani.” Washo kanjalo owesifazane othile ngemizamo yakhe yokujabulisa uNkulunkulu. Ingabe uJehova uNkulunkulu uyayamukela imizamo emihle kakhulu yabakhulekeli bakhe? Ingabe uyawacabangela amakhono nezimo zabo? Ukuze siphendule le mibuzo, kuzosiza ukucabangela okwashiwo eMthethweni KaMose mayelana neminikelo ethile okukhulunywa ngayo kuLevitikusi 5:2-11.

Ngaphansi koMthetho, uNkulunkulu wayefuna abantu benze imihlatshelo, noma iminikelo ehlukahlukene, ukuze bathethelelwe izono. La mavesi akhuluma ngomuntu owayone engahlosile, noma engacabanganga. (Amavesi 2-4) Lapho eboniswa ukuthi wonile, kwakudingeka avume isono sakhe futhi enze umnikelo wesono—“insikazi yomhlambi wezimvu nezimbuzi.” (Amavesi 5, 6) Kodwa kuthiwani uma ayempofu futhi engenayo imvu noma imbuzi anganikela ngayo? Ingabe uMthetho wawufuna ngenkani ukuba aboleke leso silwane, abese engena esikweletini? Ingabe kwakufanele asebenze kuze kube yilapho ekwazi ukusithenga, ngaleyo ndlela kuthathe isikhathi ukuba ahlawulelwe izono zakhe?

UMthetho wabonisa ukuthi uJehova unesisa futhi uyacabangela. Wathi: ‘Nokho, uma engenawo amandla anele emvu, khona-ke kumelwe alethe kuJehova amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.’ (Ivesi 7) Amazwi athi ‘uma engenawo amandla anele’ angase asho ukuthi ‘uma ehluleka.’ Uma umIsrayeli ayempofu kakhulu futhi ehluleka ukuthenga imvu, khona-ke uNkulunkulu wayamukela noma yini ayengakwazi ukunikela ngayo—amahobhe amabili noma amaphuphu amabili.

Kwakwenziwani uma umuntu engenawo ngisho namandla okuthenga izinyoni ezimbili? UMthetho wawuthi: ‘Kumelwe alethe njengomnikelo wawo wesono okweshumi kwe-efa likafulawa ocolekileyo [izinkomishi ezingu-8 noma ezingu-9 zikafulawa] kube umnikelo wesono.’ (Ivesi 11) UJehova wakhetha ukuthambisa umthetho kulabo ababempofu kakhulu, wabavumela ukuba banikele ngenye into ngaphandle kwesilwane.a Kwa-Israyeli, ukuthi umuntu wayempofu kwakungamncishi isibusiso sokuthethelelwa izono noma ilungelo lokubuyisana noNkulunkulu.

Sifundani ngoJehova emthethweni weminikelo yezono? Sifunda ukuthi unguNkulunkulu onesihawu, oqondayo futhi okwaziyo ukulinganiselwa kwabakhulekeli bakhe. (IHubo 103:14) Ufuna sisondele kuye futhi sihlakulele ubuhlobo obuhle naye ngisho noma sibhekene nezimo ezinzima, njengokuguga, impilo ebuthaka, izibopho zomndeni noma okunye. Kufanele kusiduduze ukwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu uyajabula lapho senza konke okusemandleni.

[Umbhalo waphansi]

a Igazi lesilwane esiwumhlatshelo lalinenani lokuhlawulela isono futhi uNkulunkulu wayelibheka njengelingcwele. (Levitikusi 17:11) Ingabe lokho kusho ukuthi iminikelo kafulawa yabampofu yayiyize? Cha. Ngokuqinisekile, uJehova wayewazisa umoya wokuthobeka nokuzimisela owawuboniswa abantu ababenza iminikelo enjalo. Ngaphezu kwalokho, izono zaso sonke isizwe—kuhlanganise nabampofu—zazithethelelwa ngegazi lezilwane ezazinikelwa kuNkulunkulu ngoSuku Lokuhlawulelwa lwaminyaka yonke.—Levitikusi 16:29, 30.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela