Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 6/1 kk. 24-25
  • Uhambo Oluya “Emajukujukwini Omhlaba”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uhambo Oluya “Emajukujukwini Omhlaba”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izwe Elingalokothi Lincibilike
    I-Phaphama!—1994
  • Intaba Esemafwini
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ngiyakujabulela “Ukuhamba Elinye Imayela”
    I-Phaphama!—2005
  • “Bayakulwa Nawe, Kepha Abayikukwahlula”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 6/1 kk. 24-25

Incwadi Evela ERussia

Uhambo Oluya “Emajukujukwini Omhlaba”

INDIZA yethu encane yasuka eYakutsk yakhuphukela phezulu yadlula phezu kweTuymaada Valley. Sadlula amachibi amaningi ayiqhwa ame ngezindlela ezihlukahlukene anobukhulu obuhlukahlukene; sadlula phezu kweVerkhoyanskiy, izintatshana eziningi ezilele iqhwa ezazihlatshwa imisebe yelanga. Ngemva kokuhamba amakhilomitha angu-900, sagcina sifikile edolobhaneni elibizwa ngokuthi iDeputatskiy.

Lwaqala lapha uhambo lwethu lokuvakashela iSakha Republic, ebizwa nangokuthi iYakutia, izwe elihle, kodwa elinesimo sezulu esibi, futhi elikhulu kunayo yonke iNtshonalanga Yurophu. Ehlobo, amazinga okushisa angafika ku-40°C, futhi ebusika amakhaza angaba ngu-70°C ngaphansi kwezingaqhwa. Ngaphansi komhlabathi kunamathambo ezilwane ezinkulu ezaziphila kudala, kodwa ezingasekho manje. Nakuba sekudlule iminyakana ngaya kuleya ndawo, ngisawakhumbula kahle amadolobha akhona amancane athandwa yinkungu ekhasa phansi, ukukhanya kwasenyakatho nabantu baseYakut abahlala bejabule futhi abakwazi ukumelana nobunzima.

Sasingeke sigcine edolobhaneni laseDeputatskiy. Mina nomngane wami engangihamba naye sasizovakashela namanye amadolobhana. Elokuqala kwaba yiKhayyr, eqhele ngamakhilomitha angu-300 uma uya phezulu enyakatho, eduze kweLaptev Sea, esenyakatho Siberia. Kungani sanquma ukuthatha lolu hambo? Ngaphambidlana, omunye woFakazi BakaJehova wayeze kula madolobhana futhi wathola abantu abaningi ababefisa ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli. Kwabonakala kuyithina esihlala eYakutsk, eqhele ngamakhilomitha angaba yinkulungwane eyodwa, ababeseduze nalaba bantu! Saba nomuzwa wokuthi bayaludinga usizo nesikhuthazo.

Lapho sifika eDeputatskiy, sathola indoda eyayiyihamba ngemoto iya eKhayyr, futhi yathi ingasigibelisa, bese siyikhokhela imadlana nje. Ngesikhathi sibona imoto yayo saba manqikanqika ngoba yayiwumhlobo-mdala owakhandwa ngenkathi yamaSoviet, futhi ikhipha intuthu embi. Noma kunjalo, sazidela sahamba nayo ngalobo busuku, kanti sasingabuzanga elangeni.

Izihlalo zemoto zazineqhwa elifana nalelo elalilele ngaphandle futhi sasheshe sabona ukuthi lalingeke lincibilike. Lapho kuvela ithuba sacela ukuba imoto ime, sabe sesibheka izimpahla ezifudumele ezikhwameni zethu esazigqoka phezu kwalezi esasizigqokile. Kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada ngoba amakhaza ayezenzela.

Lo makadebona womshayeli wethu waseNyakatho wayejabule kabi. Samuzwa esesibuza, “Nake nakubona yini ukukhanya kwasenyakatho?” Ngangingakaze ngikubone, ngakho wamisa imoto, saphuma. Okwesikhashana kwaba sengathi asisawezwa amakhaza. Ngama nganganyakaza, ngikhexiswa imibalabala yokukhanya owawungafunga ukuthi ngamakhethini ayelokhu ephenqeka phezu kwamakhanda ethu—isimangaliso sendalo eyayibonakala sengathi ungavele welule isandla uyithinte.

Entathakusa, sindawana-thile ethafeni elimbozwe yiqhwa, imoto yabhajwa eqhweni. Lokhu-ke kwenzeka kaningana impela, ngakho sasilokhu sisiza umshayeli ukuba ayikhiphe njengoba sasibheke eKhayyr. Ngaze ngabona sekukhanya ukuthi empeleni “imigwaqo” yayiyimifula yeqhwa! Ekugcineni safika eKhayyr emini, ngemva kwamahora angu-16 sisuke eDeputatskiy. Nakuba sasilindele ukuhlatshwa ukugula ngenxa yokuba semakhazeni isikhathi eside, nokho savuka ngakusasa siyimiqemane. Yizinzwane zami kuphela ezazindikindiki, cishe ngenxa yesithwathwa. Abantu bendawo bangipha amafutha ebhere ukuze ngigcobe izinzwane zami.

Ngokuvamile, siya kubantu emakhaya abo, sixoxe nabo ngezindaba ezinhle. Kodwa lapho abantu balapha eKhayyr bezwa ukuthi sasifikile, beza bezosifuna! Nsuku zonke, amasonto amathathu nengxenye, sasitadisha iBhayibheli nabantu bendawo, ngezinye izikhathi kusukela entathakusa kuze kube sebusuku kakhulu. Kwakujabulisa ukubona abantu abaningi kangaka abanobungane, abamukela izihambi nabathanda ukwazi ngoNkulunkulu. Izalukazi eziningana zaseYakut zathi kithi: “Siyakholelwa kuNkulunkulu futhi ukuza kwenu lapha emajukujukwini omhlaba, kubonisa ukuthi ukhona!”

Imikhuba yendawo yasihlaba umxhwele. Ngokwesibonelo, abantu babeka izingqimba zeqhwa kuhle kwezinkuni zokubasa eduze kwezindlu zabo. Noma nini lapho bedinga amanzi, bavele bathathe lelo qhwa, balifake egedleleni balibeke emlilweni ukuze lincibilike. Abantu bendawo babesiphekela inhlanzi emnandi yase-Arctic ebizwa ngokuthi i-chir, eba mnandi uma iphekwe njenge-stroganina, futhi iyintandokazi yasendaweni. Le nhlanzi ifakwa esiqandisini ngemva kokubanjwa, bese isikwa ibe imicu emincane, ithelwe usawoti oxutshwe nopelepele, bese idliwa khona manjalo. Abantu balapha babekujabulela nokusixoxela ngamathambo ezilwane ezafa kudala, njengesilwane esikhulu esinamazinyo anjengawendlovu kanye nezihlahla ezagqibeka kudala, abavame ukuzithola kule ndawo.

Ukusuka eKhayyr sahamba amakhilomitha amaningi ngendiza, siyovakashela abantu abathanda iBhayibheli kwamanye amadolobhana aseYakutia. Abantu balapha abeve benothando nobungane! Ngolunye usuku ngahlangana nomfanyana ngandlela-thile owathola ukuthi ngiyakwesaba ukugibela indiza. Ukuze angikhuthaze, wangenzela ikhadi. Wadweba izinyoni ezimbili ezingondlunkulu kanye nendiza encane, wabe esebhala: “Sasha, uma ugibele indiza, ungesabi ukuthi uzowa. Mathewu 10:29.” Ngathinteka kakhulu lapho ngifunda lo mBhalo. Ukhuluma ngalokho okwashiwo uJesu ngondlunkulu: “Ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi.”

Ngixoxe izinto ezimbalwa nje ngeYakutia. Leya ndawo ebanda kakhulu iyohlale ingikhumbuza ngobungane nangobuhle babantu bakhona abahlala “emajukujukwini omhlaba.”

[Izithombe ekhasini 25]

Sathola ukuthi abantu baseYakut banobungane futhi banomoya wokwamukela izihambi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela