Incwadi Evela EPapua New Guinea
Intaba Esemafwini
IMITHWALO yayisisobhokweni. NgoLwesibili ekuseni ngehora lesihlanu ezimpondweni mina nomkami sase silungele ukuyovakashela iqembu loFakazi BakaJehova elihlala eLangbati ephezulu eNtabeni iRawlinson eSifundeni saseMorobe. Ilanga lalikhipha umkhovu etsheni futhi umoya unomswakama eLae, ePapua New Guinea (PGN).
Ibhanoyi esahamba ngalo elihlalisa abantu abane lihamba imizuzu engaba ngu-30 kuphela. Ngivame ukuhlala eduze komshayeli uma sihamba ngamabhanoyi afana nalawa. Ngenxa yokuthi ngaphansi kwesihlalo engangihleli kuso kwakunenjini ebanga umsindo, saxoxa ngama-stereo afakwa ezindlebeni. Umshayeli wangibonisa izinkinobho zebhanoyi eziphambi kwethu wabe esengichazela umsebenzi wazo, wabuye wancokola ngokuthi uma kungenzeka okuthile kuye, kuyodingeka kube yimina engishayela ibhanoyi. Lawo mazwi akhe avele angikhumbuza indaba yesinye isikhonzi esijikelezayo esinguFakazi salapha ePNG. Ngesikhathi umshayeli wendiza equleka, lesi sikhonzi nomkaso bacindezela inkinobho eyenza ukuba indiza iziqondise, bazungeza emoyeni kwaze kwaphaphama umshayeli futhi wakwazi ukuyehlisela phansi emhlabathini. Okwakukuhle ngohambo lwethu ukuthi aluzange lube nazihibe futhi ibhanoyi lethu lalintweza kamnandi.
Sagudla ukhahlamba sadlula endaweni engenamafu engaba yibanga elingamamitha ayikhulu ukusuka esiqongweni sentaba. Sabe sesiqhamukela eLangbati enezindlu ezisondelene ezakhiwe ngezingodo zafulelwa ngotshani. Umshayeli wabheka indawo ayengehlisela kuyo ibhanoyi ukuze aqiniseke ukuthi isesimweni esifanele nokuthi azikho izingane ezidlala ibhola. Wabheka nokuthi ayikho yini imigodi embiwe yizingulube kusukela esikhathini esidlule ayelapha. Lapho eseqedile ukuhlola wathi, “Konke kubukeka kahle; sizozama ukwehla manje.” Saqale sazungazungeza sabe sesehla sathi cababa emthambekeni wentaba abantu bendawo ababewuhlelembile bawuthela i-limestone yekhorali ababeyithathe entabeni ebudebuduze.
Ekuhambeleni kwethu okudlule, ngabuka amatshe aqhephukile amakhorali futhi ngazibuza ukuthi kazi le ntaba ineminyaka emingaki. Ungacabanga nje ukuthi angakanani amandla emvelo asunduza lawo matshe ekhorali ayesemajukujukwini olwandle futhi angamakhulu ngamakhulu amakhilomitha ubude awakhiphela ngaphezulu aba yisilinganiso esingamakhilomitha amane! Ngemva kokwehla ebhanoyini, sama phezu kwalokho mina engikubiza ngokuthi intaba esemafwini.
Njengenjwayelo, izakhamuzi zaphuma zigijima zivela nhlangothi zonke. Ngemva kokuba umshayeli ecishe ibhanoyi, ngabona kuphuma indoda esixukwini yaqonda kithi. Igama layo uZung. Ingenye yamadoda abelwe ukuba anakekele isimiso sokufundisa samasonto onke endaweni esiqhutshwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. UZung unedumela elihle ngoba waziwa njengomuntu ophila ukuphila okuhlanzekile nothembekile emphakathini. Uyavuma ukuthi usizwe izimiso zeBhayibheli. Ngemva kokubingelelana, sahamba naye nabanye oFakazi sehla intaba kancane. Okuyizinganyana kwasilandela, kuphikisana ngokuthi ubani phakathi kwazo ozosiphathela izikhwama.
Safikela eqhugwaneni elakhiwe ngezingodo oFakazi bendawo abalakha ngenjongo yokuba isikhonzi esijikelezayo sibe nendawo yokuhlala lapho sifika njalo ngemva kwezinyanga ezithi azibe yisithupha. Nakuba iPNG iyizwe elishisayo nelithandwa yizimvula, endaweni esasikuyo kwakupholile ngoba kuphakeme. Ebusuku lapho sikhanyisa izibani zethu zikaphalafini, ngivame ukubona amafu—abesuke engaphezudlwana kwentaba ngezikhathi zantambama—esehlile futhi engena emifantwini yezindlu. Kuba yinto exakayo ukuzibona usugqokela amakhaza ngoba phela emahoreni angemangaki adlule usuke ujuluke umanzi nté ngenxa yokushisa kwasogwini.
Maphakathi nawo-1980, indoda yalapha yafundelwa iBhayibheli oFakazi BakaJehova eLae. Lapho iphindela esigodini sakubo, yona nabanye abambalwa bakha indlu yokuhlanganyela futhi babeziqhenya kakhulu ngayo. Kodwa umfundisi wendawo wesonto lamaLuthela nabangane bakhe bayishisa yangqongqa. Babatshela emakhaleni ukuthi leyo ndawo ngeyamaLuthela kuphela. Kusukela ngaleso sikhathi, naphezu kokuphikiswa okungapheli, oFakazi baye bakha enye indlu yokuhlangana, futhi inani labo liye landa kancane kancane futhi abamemezeli bezindaba ezinhle abashisekayo sebengu-50. Abanye balabo bantu ababemelene nomsebenzi woFakazi manje sebehlanganyela kuwo ngentshiseko.
Abantu bendawo sebeyakujabulela ukuvakashelwa oFakazi BakaJehova ababafundisa iBhayibheli. Nakuba bembalwa abantu abakwazi ukufunda, kodwa iningi loFakazi bendawo liye lazifundisa ukufunda ukuze likwazi ukuhlanganyela isigijimi seBhayibheli nabanye. Masonto onke kuba khona abantu abangaba ngu-200 emihlanganweni eba seHholo LoMbuso.
Ngenxa yokuthi ugesi awukho lapha, sonke savele saququbala emlilweni exhibeni ngemva kokushona kwelanga. Sahlala lapho kamnandi sadla, saxoxa futhi sahleka kwaze kwavela elomhlathi. Injabulo yokukhonza uJehova yayibhalwe ebusweni obumamathekayo babangane bethu obabukhanyiswa umlilo. Ngemva kwesikhathi, abanye bakhipha amacembe esundu avuthayo emlilweni, benethemba lokuthi azovutha isikhathi eside futhi akwazi ukubakhanyisela indlela njengoba benqamula ehlathini bephindela emaqhugwaneni abo.
Lapho nathi sesiphindela endlini esilala kuyo kwakuthule cwaka. Sasizwa umsindo wemvelo kuphela. Ngaphambi kokuba singene ezingutsheni, sasibuka okokugcina isibhakabhaka futhi basihlaba umxhwele ubuningi bezinkanyezi nendlela ezigqame ngayo uma ukule ndawo ephakeme.
Lasheshe laphela isonto, futhi ngakusasa saphindela emuva ngebhanoyi. Ubusuku bokugcina esabuchitha emafwini aseLengbati babupholile kodwa ngakusasa sasilindelwe ukushisa okukhipha umkhov’ etsheni kwasogwini.