Ingabe Bewazi?
Kungani amasosha amaRoma ayeyithanda kangaka ingubo kaJesu yangaphansi?
Amasosha amane ayebekwe ukuba aqiniseke ukuthi uJesu uyabulawa ahlukaniselana izingubo zakhe. UJohane 19:23 uthi: “Kodwa [ingubo] yangaphansi yayingenawo umthungo, njengoba yayilukiwe bonke ubude bayo ukusuka phezulu.” Amasosha anquma ukungayidabuli, kodwa ukuyenza inkatho. Ingubo enjengalena yayenziwa kanjani?
Kubonakala ingubo yangaphansi kuyingubo esayembe eyenziwe ngelineni noma ngewuli efika emadolweni noma emaqakaleni. Ngokuvamile, indwangu yayibhanqwa, bese ithungwa, kushiywe indawo yokufaka ikhanda nezingalo.
Incwadi ethi Jesus and His World ithi kwakuneyembe elinjalo elalibiza kakhudlwana elalenziwa ngendlela efanayo, kodwa kusetshenziswe kuphela “indwangu ende, egoqwe yaba izichibi ezimbili, bese kusikwa imbobo phakathi nendawo yokufaka ikhanda.” Lolu hlobo lweyembe kwakudingeka luhlanganiswe ezinhlangothini.
Izingubo ezinjalo ezazingenamiphetho njengaleyo eyayigqokwa uJesu, zazingatholatholakali ePalestina. Enye incwadi ithi zazenziwa ngemishini emile yokwaluka indwangu eyayiba nemicu emine yokotini abehlayo, ababili babe ngaphambili, ababili babe ngemuva. Enye incwadi ithi umthungi wayesebenzisa lo mshini ukuze uxube imicu yokotini bese kwakheka indwangu engadingi ukuphethwa. Cishe ingubo enjalo engenamithungo yayiyivelakancane, ngakho amasosha afuna ukuba nayo.
Babekhona yini abafuyi bezinyosi kwa-Israyeli wasendulo?
ImiBhalo YesiHebheru isitshela ukuthi uNkulunkulu wathembisa ukuyisa u-Israyeli wasendulo “ezweni eligeleza ubisi noju.” (Eksodusi 3:8) Kubonakala sengathi imiBhalo eminingi ekhuluma ngoju isho ukudla okukhiqizwa izinyosi zasendle. Ayikho indawo eBhayibhelini ekhuluma ngokufuywa kwezinyosi kwa-Israyeli wasendulo. Nokho, okusanda kutholakala eSigodini saseBet She’an kwa-Israyeli kwembula ukuthi endulo izakhamuzi zakhona “zazinamabhizinisi okufuya izinyosi.”
ETel Rehov, abacwaningi baseHebrew University of Jerusalem’s Institute of Archaeology bavumbulula izidleke zezinyosi zangekhulu leshumi kuya ekuqaleni kwelesi-9 B.C.E.—ngesikhathi ama-Israyeli eqala ukuba namakhosi. Kwakuqala ukuba kutholakale izidleke zezinyosi eMpumalanga Ephakathi. Kucatshangwa ukuthi le ndawo yayinezindlu zezinyosi ezibalelwa ekhulwini eziklelisiwe futhi eziyizitezi ezintathu.
Lapho bebika ngalokho abakuthola, laba bacwaningi bathi isidleke ngasinye “sasenziwa ngobumba olumanzi sibe isiyingi . . . esingamasentimitha angaba ngu-80 ubude nangu-40 ububanzi. . . . Abafuyi bezinyosi abangomakad’ ebona nezazi ezaya kule ndawo balinganisela ukuthi yayikhiqiza uju olungaba yingxenye yethani unyaka ngamunye.”
[Isithombe ekhasini 22]
Indawo eseTel Rehov
[Umthombo]
Institute of Archaeology/Hebrew University © Tel Rehov Excavations