IBhayibheli Lishintsha Ukuphila Kwabantu
Indoda eyaqala ukubhema insangu nogwayi isencane yawathola kanjani amandla okugqashula kulo mkhuba? Yini eyasiza owayeyilungu leqembu lezigebengu elinobudlova ukuba akwazi ukulawula intukuthelo yakhe futhi ayeke ukuzonda ezinye izizwe? Lalela njengoba ngamunye wabo ezilandisela.
IMINININGWANE YAKHE
IGAMA: HEINRICH MAAR
UBUDALA: 38
IZWE AZALELWA KULO: KAZAKHSTAN
UMLANDO: WAYEWUMLUTHA WENSANGU NOGWAYI
UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa eningizimu yeKazakhstan, indawo eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-120 ukusuka edolobheni laseTashkent. Le ndawo iyomisa futhi ishisa kakhulu ehlobo; amazinga okushisa afinyelela ku-45°C, kanti ebusika ayehla acishe abe ngu-10°C ngaphansi kwezinga-qhwa. Lesi simo sezulu sihle kakhulu kwabatshala amagilebhisi nensangu.
Abazali bami babedabuka eJalimane. Bobabili babengabavangeli abangamaKristu yize babengakwenzi lokho inkolo yabo eyayikufundisa. Noma kunjalo, bangifundisa ukusho uBaba Wethu ngekhanda. Lapho ngineminyaka engu-14, umama nodadewethu omdala batadisha iBhayibheli okwesikhashana noFakazi BakaJehova. Ngelinye ilanga, ngezwa lab’ oFakazi ababili betshela futhi bebonisa umama eBhayibhelini lakhe ukuthi igama likaNkulunkulu nguJehova. Kwangihlaba umxhwele lokho. Umama wasinqamula isifundo futhi nami angizange ngisaba nandaba nokufunda ngoNkulunkulu. Nokho, kamuva esikoleni, uthisha wethu wayehlale esitshela amanga ngoFakazi BakaJehova. Ngenxa yokuthi ngangike ngaya kweminye imihlangano yoFakazi BakaJehova nodadewethu, ngatshela uthisha wami ukuthi izinto ayelokhu ezisho zazingelona iqiniso.
Lapho ngineminyaka engu-15, ngaya eLeningrad, manje ebizwa ngokuthi iSt. Petersburg, eRussia, ukuze ngiyofundela umsebenzi. Ngangixoxela engihlala nabo lokho okuncane engangikwazi ngoJehova. Kodwa ngabe sengiqala ukubhema. Lapho ngivakashela ekhaya eKazakhstan, kwakulula ukuthenga insangu nakuba kwakuyinto engekho emthethweni. Ngangiphuza kakhulu ugologo newayini elenziwa ekhaya.
Ngemva kokuqeda ukufundela umsebenzi ngajoyina ibutho laseSoviet iminyaka emibili. Yize kunjalo, amanye amaqiniso engangiwafunde eBhayibhelini ngenkathi ngiseyingane ahlala enkeneneza ekhanda. Lapho kuvela ithuba, ngangikhuluma namanye amasosha ngoJehova futhi ngikhulumele oFakazi lapho abantu bekhuluma amanga ngabo.
Ngemva kokuqeda inkonzo yezempi, ngathuthela eJalimane. Ngenkathi ngisekamu labantu abasuka kwamanye amazwe, ngathola ikhophi yencwadi yokutadisha iBhayibheli eyayinyatheliswa oFakazi. Ngayifunda ngenkulu intshiseko futhi ngabona ukuthi okwakukule ncwadi kwakuyiqiniso. Nokho, ngehluleka ukuyeka ugwayi nensangu. Ngemva kwesikhashana ngathuthela eduze kwedolobha laseKarlsruhe. Kuleli dolobha ngahlangana noFakazi othile futhi waqala ukungifundela iBhayibheli.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Kwase kuyisikhathi eside nginomuzwa wokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Ngemva kokufunda incwadi eyinsiza-kufundisa yeBhayibheli engangiyitholile, ngaphetha ngokuthi iBhayibheli liyiphendula yonke imibuzo ebalulekile ekuphileni. Kodwa kwangithatha isikhathi ukuyeka imikhuba yami. Ekugcineni, iseluleko seBhayibheli esikweye-2 Korinte 7:1 sangishukumisela ukuba nginqume ukuzihlanza “kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya,” okwakusho ukuhlukana nensangu nogwayi.
Ngakwazi ukuyeka insangu cishe ngaso leso sikhathi. Kodwa kwangithatha izinyanga eziyisithupha ukuyeka ugwayi. Ngolunye usuku uFakazi owayengifundela iBhayibheli wangibuza, “Uhloseni ngokuphila kwakho?” Lokho kwangenza ngacabanga ngempela ngokuba yixhwele. Ngase ngizame kaningana ukuyeka ukubhema. Kodwa kulokhu nganquma ukuthi ngizothandaza ngaphambi kokuba ngiwuthinte kunokuba ngithandazele intethelelo ngemva kokubhema. Ngo-1993, ngazibekela usuku engangizowuyeka ngalo. UJehova wangisiza ukuba ngingaphinde ngiwuthinte ugwayi.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Njengoba sengigqashulile emkhubeni obizayo nolimazayo wokuluthwa insangu nogwayi, impilo yami iye yathuthuka kakhulu. Ngikhuluma nje ngijabulela ilungelo lokuba yisisebenzi sokuzithandela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseJalimane. Angive ngijabule ngokuthi ngafunda ukusebenzisa ukuhlakanipha okuseBhayibhelini ekuphileni kwami! Ukwazi lokho okufundiswa yiBhayibheli kuye kwangenza ngaba nenjongo yangempela ekuphileni.
IMINININGWANE YAKHE
IGAMA: TITUS SHANGADI
UBUDALA: 43
IZWE AZALELWA KULO: NAMIBIA
UMLANDO: WAYEYILUNGU LEQEMBU LEZIGEBENGU ELINOBUDLOVA
UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela emaphandleni asesifundeni sase-Ohangwena enyakatho yeNamibia. Abantu esigodini sakithi babeshaywa futhi bebulawa ngesikhathi kunezimpi kulesi sifunda phakathi nawo-1980. Esigodini sakithi, umfana wayehlonishwa kuphela uma eyingqwele ekwazi ukwehlula abanye. Ngakho nami ngafunda ukulwa!
Lapho ngiphothula esikoleni, ngahamba ngayohlala nomalume edolobheni laseSwakopmund eligudle ugu. Ngathi ngifika nje, ngajoyina iqembu lentsha engamahlongandlebe. Sasihamba siye ezindaweni lapho abantu abamnyama babengavunyelwe khona, njengasemahhotela nasezindaweni zokuphuza ukuze nje siyosusa impi. Izikhathi eziningi, sasilwa nonogada kanye namaphoyisa. Njalo ebusuku ngangiphatha ummese noma ucelemba ukuze ngihlahlele noma ubani ongivimbezelayo.
Ngobunye ubusuku, ngacishe ngafa silwa nelinye iqembu eliyizitha. Enye insizwa yangiqhamukela ngemuva ithi ingigenca ikhanda kodwa uzakwethu wayishaya wayilahla phansi yaquleka. Naphezu kwalokho kulengela egodini, ngaqhubeka ngiyisidlova. Ngaso sonke isikhathi uma kwenzeka ngiqagulisana nothile, owesilisa noma owesifazane, ngangigadla kuqala.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Lapho ngihlangana okokuqala nomunye woFakazi BakaJehova, lowo wesifazane wangifundela amavesi eHubo 37, wabe esengitshela ukuthi incwadi yesAmbulo iqukethe ezinye izithembiso ezimangalisayo ngekusasa. Ngenxa yokuthi akazange angitshele ukuthi zitholakala kusiphi isahluko lezo zithembiso, ngathatha iBhayibheli ngasifunda sonke isAmbulo ngalobo busuku. Ngasithanda isithembiso engasifunda kusAmbulo 21:3, 4 esithi “ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” Lapho oFakazi bebuya, ngamukela isifundo seBhayibheli.
Kwakunzima ngempela ukushintsha indlela yami yokucabanga nezenzo zami. Kodwa ngafunda encwadini yezEnzo 10:34, 35 ukuthi “uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” Ngazama kanzima nokusebenzisa eyabaseRoma 12:18 ethi: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”
Ngaphandle nje kokufunda ukulawula intukuthelo, kwadingeka ngigqashule nasekuluthweni ugwayi. Izikhathi eziningi ngangichiphiza izinyembezi ngithandazela usizo lukaJehova. Kodwa ekuqaleni ngangenza iphutha ngizitshele ukuthi ngibhema ugwayi “wokugcina ngci” bese ngithandaza ngemva kwalokho. UFakazi owayengifundela iBhayibheli wangisiza ukuba ngibone ukubaluleka kokuthandaza ngaphambi kokuba ngithinte ugwayi. Kwadingeka nokuba ngigweme ukuba phakathi kwabantu ababhemayo. Ngaphezu kwalokho, ngalalela ukusikisela kokuba ngikhulume nengangisebenza nabo ngokuthi kubi ngani ukubhema. Lokhu kwasebenza ngempela ngoba babengasangiphi ugwayi.
Ekugcineni, ngakwazi ukuyeka ukubhema nokushiya ukuphila kwami kwangaphambili. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngifunda futhi ngisebenzisa izimiso zeBhayibheli, ngafanelekela ukubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ngaqiniseka ngokuthi oFakazi BakaJehova bayinkolo yeqiniso lapho ngibona uthando phakathi kwabo kungakhathaliseki ubuzwe noma ibala. Ngisho nangaphambi kokuba ngibhapathizwe njengomunye woFakazi, elinye ilungu lebandla elingumlungu langimemela emzini walo ukuze ngizodla nomndeni walo. Kwakungathi ngiyaphupha. Ngangingakaze ngihlale ngokuthula nomlungu, ngingasayiphathi-ke eyokudlela emzini wakhe. Manje ngase ngiyingxenye yobuzalwane bangempela bomhlaba wonke.
Esikhathini esidlule, onogada namaphoyisa bazama ukungiphoqelela ukuba ngishintshe indlela yami yokucabanga nokwenza, kodwa abazange baphumelele. YiBhayibheli kuphela elaba namandla okungisiza ukuba ngishintshe ubuntu bami futhi ngibe yindoda ejabulayo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
“Izikhathi eziningi ngangichiphiza izinyembezi ngithandazela usizo lukaJehova”