Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 9/1 k. 3
  • Ingabe UNkulunkulu Ukuthembisa Ukuceba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Ukuthembisa Ukuceba?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuchuma Kwangempela Ezweni Elisha LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Isibusiso SikaJehova Siyacebisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Wayengubani U-Abrahama?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ingabe UNkulunkulu Usibusisa Ngengcebo?
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 9/1 k. 3

Ingabe UNkulunkulu Ukuthembisa Ukuceba?

‘UNkulunkulu ufuna ucebe—ube nezimoto eziningi nebhizinisi elichumayo. Mane nje ukholelwe kuye futhi umnike konke ongamnika khona.’

IPHEPHANDABA laseBrazil libonisa ukuthi ezinye izinkolo zakuleli zwe zikhuthaza umbono ongenhla futhi abantu abaningi bawuthatha ngokungathí sina. Ngokuqondene nenhlolo-vo eyenziwa e-United States kubantu abathi bangamaKristu, umagazini i-Time uyabika: “Abangamaphesenti angu-61 bakholelwa ukuthi uNkulunkulu ufuna abantu babe nemali. Kanti abangamaphesenti angu-31 . . . bavumelana ngokuthi uma unikela ngemali kuNkulunkulu, uyokubusisa ngeyengeziwe.”

Izinkolelo ezifana nalezi zixhaphakile, ikakhulu emazweni aseLatin America, anjengeBrazil, futhi abantu bathutheleka emasontweni athembisa ukuthi uNkulunkulu uzobabusisa ngengcebo. Kodwa ingabe ngempela uNkulunkulu ubathembisa ingcebo abantu abamkhonzayo? Ingabe zonke izinceku zikaNkulunkulu zasendulo zazicebile?

Kuyiqiniso ukuthi emiBhalweni YesiHebheru siye sifunde ukuthi isibusiso sikaNkulunkulu sihlobene nokuceba. Ngokwesibonelo, uDuteronomi 8:18 uthi: “Kumelwe ukhumbule uJehova uNkulunkulu wakho, ngoba nguye okuphe amandla ukuze wenze umcebo.” Lokhu kwaqinisekisa ama-Israyeli ngokuthi uma ayelalela uNkulunkulu, wayeyowenza isizwe esicebile.

Kuthiwani ngabantu ngabanye? UJobe, indoda ethembekile, wayecebe kakhulu futhi ngemva kokuba uSathane emenze waba mpofu, uJehova wambuyisela ingcebo yakhe “ngokuphindwe kabili.” (Jobe 1:3; 42:10) U-Abrahama naye wayecebile. UGenesise 13:2 uthi “wayenemihlambi emikhulu nesiliva negolide eliningi kakhulu.” Lapho amabutho ahlangene amakhosi amane aseMpumalanga ethumba umshana wakhe, uLoti, u-Abrahama “wabutha amadoda akhe aqeqeshiwe, izigqila ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili ezizalelwe endlini yakhe.” (Genesise 14:14) Njengoba ‘ayenamadoda angu-318 aqeqeshelwe’ ukulwa, kumelwe ukuba abantu bendlu yakhe babebaningi kakhulu. Iqiniso lokuthi wayekwazi ukunakekela lo mndeni wakhe omkhulu libonisa ukuthi wayeyisigwili futhi enemihlambi emikhulu.

Yebo, izinceku eziningi zikaNkulunkulu ezithembekile zazicebile—u-Abrahama, u-Isaka, uJakobe, uDavide, uSolomoni, uma sibala ezimbalwa nje. Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu uyokwenza wonke umuntu omkhulekelayo acebe? Ngakolunye uhlangothi, ingabe ukuba mpofu komuntu kusho ukuthi uNkulunkulu akamthandi? Isihloko esilandelayo sizodingida le mibuzo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela