Ingabe Imali Iwumthombo Wenjabulo Yangempela?
USONIA wazalelwa eSpain. Esakhula, wayehamba nonina lapho eya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Lapho esekhulile wathuthela eLondon, eNgilandi, futhi ekugcineni wathola umsebenzi enkampanini etshala izimali.
USonia wayewuthanda umsebenzi wakhe. Wayehola imali eningi futhi esebenza ngezizumbulu zemali yamakhasimende akhe. Konke kwakuhamba kahle, futhi wayephumelela. Nsuku zonke wayesebenza amahora angu-18, ngezinye izinsuku elala amahora amabili noma amathathu nje kuphela. Wayephilela umsebenzi wakhe. Kungazelelwe, ukuphila kwakhe kwashintsha ngokuphelele. Washaywa unhlangothi—mhlawumbe ngenxa yokukhandlwa indlela ayephila ngayo. Wayeneminyaka engu-30 nje kuphela.
USonia wafa uhlangothi, futhi odokotela babengaqiniseki ukuthi wayeyoke aphinde akwazi ukukhuluma. Ngokushesha unina waya eNgilandi ukuze ayomnakekela. Kwathi lapho uSonia eseqala ukutotoba, unina wathi kuye, “Ngiya emhlanganweni yebandla, futhi kuzofanele uhambe nami ngoba angikwazi ukukushiya wedwa.” USonia akazange enqabe. Waba yini umphumela?
Uyakhumbula: “Konke engakuzwa kwezwakala kuyiqiniso. Ngajabula kakhulu. Ngasamukela ngenjabulo isifundo seBhayibheli komunye woFakazi owayephakathi kwabaningi abangibingelela eHholo LoMbuso. Abangane bami bakudala base bengihlamukile, kodwa abangane bami abasha babenothando futhi bekhathalela.”
Kancane kancane uSonia waphinde wakwazi ukukhuluma, futhi wathuthuka ngokushesha ngokomoya. Kungakapheli nonyaka wabhapathizwa. Abaningi babangane bakhe babesenkonzweni yobuKristu yesikhathi esigcwele, futhi wayezibonela ukuthi babejabula. Wabe esecabanga, ‘Ngifuna ukufana nabo, nami ngifuna ukunika uJehova uNkulunkulu okungcono kakhulu!’ Sikhuluma nje uSonia usenkonzweni yesikhathi esigcwele.
USonia ufundeni ekuphileni kwakhe? “Nakuba ngangihola itshe lemali, ukucindezeleka nokuhlalela ovalweni lokuphelelwa umsebenzi kwakungikhathaza futhi kungincisha injabulo. Ngiye ngaqaphela ukuthi into ebaluleke kakhulu ekuphileni ukuba nobuhlobo obuhle noBaba wami wasezulwini, uJehova. Manje sengijabula ngempela.”
Umphostoli uPawulu wabhala: “Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye baduka okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:10) USonia angakufakazela ukuthi lawo mazwi ayiqiniso.