Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 4/15 k. 3
  • Ingabe Abahluphekayo Bayoke Babe Nokuthula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Abahluphekayo Bayoke Babe Nokuthula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “UNkulunkulu Wokuthula” Uyabakhathalela Abahluphekayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ingabe Imali Iwumthombo Wenjabulo Yangempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Akukephuzi Kakhulu Ukuba Ukhonze UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Safuna UMbuso Kuqala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 4/15 k. 3

Ingabe Abahluphekayo Bayoke Babe Nokuthula?

UNGATHANDA yini ukubona ukuhlupheka kuphela, hhayi kuwe kuphela kodwa kuso sonke isintu? Cabanga ngalezi zibonelo:

USonia uye wahlupheka kakhulu.a Waqale wathola ukuthi sekuphele iminyaka eyishumi umyeni wakhe enomakhwapheni. Indodana yakhe ewuthunjana yaba ne-HIV futhi yabulawa yingculaza. Eminyakeni emibili kamuva enye indodana yakhe yagula, ngokushesha nayo yabulawa yingculaza. “Isigaba sokugcina sesifo sakhe sadonsa isikhathi eside kakhulu,” kukhumbula uSonia. “Wacindezeleka kakhulu, waqothuka izinwele futhi wangabe esabona kahle. Kwakudabukisa kakhulu.”

UFabiana, umfundi waseyunivesithi eBrazil, wayekhathazwe ukungabi nabulungisa ezimisweni zezenhlalo zasemhlabeni. Wabe esehlelwa usizi yena uqobo. Umfowabo owayecindezelekile wazibulala. Lapho uFabiana elahlekelwa umsebenzi, umngane wakhe wasikisela ukuba aye kuyi-pai-de-santo (isangoma), ecabanga ukuthi kumelwe ukuba kukhona owayemfakele amashwa uFabiana njengoba ayehlelwe usizi olungaka! Kodwa i-pai-de-santo ayimlethelanga mpumuzo. Kunalokho, uFabiana wazizwa esezinhlungwini, engakwazi ukulala ngenxa yezinhlupheko zakhe.

U-Ana waqala ukuhlupheka esemncane kakhulu. “Lapho nginonyaka ubudala,” elandisa, “umama wangishiya, ngakho nganakekelwa ugogo.” Kwathi lapho u-Ana eneminyaka emithathu kuphela ubudala, ugogo wakhe washona. U-Ana wayiswa ekhaya lezintandane eRio de Janeiro, lapho ahlala khona waze waba neminyaka engu-13. “Sasiphethwe kabi kakhulu lapho, futhi ngaba nomoya wokuvukela,” esho. “Ekukhuleni kwami ngangilwisana cishe nayo yonke into.”

Kubonakala sengathi ukuhlupheka kuthinta ukuphila kwawo wonke umuntu ngandlela-thile. Empeleni, nsuku zonke sizwa izindaba zokuhlupheka kwabantu—noma nini lapho sibukela, sifunda noma silalela izindaba. UDkt. Mary Sykes Wylie uyabhala: “Akukaze . . . kungenzeki ukubalekela ukuhlaselwa yigagasi lezindaba ezimbi ngokuqhubekayo njengoba kunjalo kulenkathi yethu egcwele ezokuxhumana. Izimpi, izinhlekelele zemvelo, izinhlekelele zasemisebenzini, izingozi zasemigwaqweni emikhulu, ubugebengu, ubuphekula, ukunukubeza ngobulili, ukudlwengula, ubudlova basekhaya—konke kwenza ukuphazamiseka kwengqondo kube yinsakavukela esabekayo yekhulu lama-20.” Umphostoli uPawulu ongumKristu wafingqa izehlo zomuntu enombono ongokoqobo: “Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi iba sezinhlungwini.”—Roma 8:22.

Kuthiwani ngawe? Ingabe ubhekene nokuhlupheka? Iyiphi impumuzo ongase uyilindele? Ingabe uyoke ukuthole ukuthula kweqiniso? USonia, uFabiana no-Ana bathola induduzo yangempela nokuthula kwangempela okusesilinganisweni! Ungafunda ngakho esihlokweni esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela