Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 9/1 kk. 12-15
  • U-Adamu No-Eva—Ingabe Babengabantu Bangempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • U-Adamu No-Eva—Ingabe Babengabantu Bangempela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukulandisa KukaGenesise—Ingabe Kunembile Ngokwesayensi?
  • Ubufakazi BeBhayibheli
  • Uma Bengakaze Babe khona, Nezinye Izimfundiso Azilona Iqiniso
  • Ukuphila—Ingabe Kunenjongo Noma Kuyize?
  • Isitha Sokugcina, Ukufa, Senziwa Ize
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Singafunda Embhangqwaneni Wokuqala Ongabantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • UNkulunkulu Wadala Indoda Yokuqala Nowesifazane Wokuqala
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UAdamu noEva—Inganekwane Noma Iqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 9/1 kk. 12-15

U-Adamu No-Eva—Ingabe Babengabantu Bangempela?

KUBANTU abaningi, indaba ka-Adamu no-Eva esiyifunda encwadini kaGenesise imane nje iyindaba emnandi. Incwadi eya kumhleli we-Time ithi: “Kusukela kudala izinkolo eziningi zobuKristu zithi izindaba ezikuGenesise ezifana neka-Adamu no-Eva azenzekanga ngokoqobo.” Izazi eziningi zamaKatolika, zamaProthestani nezamaJuda ziyakuvuma lokhu. Zithi okuningi okubhalwe encwadini kaGenesise akuvumelani nomlando noma isayensi.

Wena ucabangani? Ingabe uyakholelwa ukuthi u-Adamu no-Eva babengabantu bangempela? Ingabe bukhona ubufakazi obubonisa ukuthi bake baphila ngempela? Ngakolunye uhlangothi, ukuchiliza ukulandisa okukuGenesise ngokumane sithi kuyinganekwane kungase kusikisele ini?

Ukulandisa KukaGenesise—Ingabe Kunembile Ngokwesayensi?

Okokuqala, ake sihlole izenzakalo ezivelele ekulandiseni kokudalwa komuntu wokuqala. Ngokuqondene no-Adamu iBhayibheli lithi: “UJehova uNkulunkulu wabe esebumba umuntu ngothuli lomhlabathi wafuthela emakhaleni akhe umoya wokuphila, umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7) Ingabe lo mBhalo unembile ngokwesayensi?

Incwadi ethi Nanomedicine ithi umzimba womuntu wakhiwe ngamakhemikhali angu-41. La makhemikhali ayinhloko—i-carbon, insimbi, umoya-mpilo namanye—akhona wonke ‘othulini’ lomhlabathi. Ngakho, njengoba uGenesise ebonisa, ngempela abantu bakhiwe “ngothuli lomhlabathi.”

Umhlabathi ongaphili wahlangana kanjani wakhipha umuntu ophilayo? Ukuze uqonde ukuthi lona umsebenzi oyinkimbinkimbi kanjani, cabanga ngomkhumbi-mkhathi we-NASA, ongomunye wemishini eyinkimbinkimbi eyake yaklanywa. Lesi simangaliso sobuchwepheshe sakhiwe ngezingxenye zezinsimbi eziyizigidi ezingu-2,5. Kwawathatha iminyaka eminingi amaqembu onjiniyela ukudweba nokuhlanganisa lo mkhumbi-mkhathi. Manje cabanga ngomzimba womuntu. Wenziwe ngama-athomu angaba ngu-7 000 quadrillion, amangqamuzana ayizinkulungwane eziyisigidi eziyikhulu, inqwaba yezitho zomzimba nezitho eziyinhloko ezingaba ngu-9.a Saba khona kanjani lesi sidalwa esiyinkimbinkimbi nesihlaba umxhwele kangaka? Ingabe samane sazivelela noma sakhiwa uMdali ohlakaniphile?

Ngaphezu kwalokho, yini eyenza abantu baphile? Ukuphila kuphumaphi? Ososayensi bayavuma ukuthi abazi. Eqinisweni abakwazi ngisho nokuvumelana ngencazelo eyanelisayo yokuthi ukuphila kuyini. Kulabo abavuma ukuthi uMdali ukhona, impendulo isobala. Ukuphila kuvela kuNkulunkulu.b

Kuthiwani ngencazelo ekuGenesise ethi u-Eva wakhiwa ngolunye lwezimbambo zika-Adamu? (Genesise 2:21-23) Ngaphambi kokuphetha ngokuthi lokhu kulandisa kuyinganekwane, cabangela la maqiniso alandelayo: Ngo-January 2008, ososayensi baseCalifornia, e-U.S.A, bakha imibungu yokuqala yabantu emhlabeni ngokusebenzisa amangqamuzana esikhumba somuntu omdala. Eqinisweni, ngokusebenzisa indlela efana nale, ososayensi baye bakha izilwane ezingaba ngu-20. Esidume kakhulu kulezi zilwane yimvu ebizwa ngokuthi uDolly, eyakhiwa ngo-1996 kusetshenziswa ibele lemvu yensikazi esikhulile.c

Akwaziwa ukuthi umphumela walokhu uyoba yini. Kodwa iphuzu liwukuthi: Uma abantu bekwazi ukusebenzisa izinto eziphilayo ukuze benze enye into efana nayo, uMdali wethu onguMninimandla onke angahlulwa yini ukudala umuntu esebenzisa izinto eziphilayo azithathe komunye umuntu? Okuthakazelisa nakakhulu ukuthi odokotela abahlinzayo basebenzisa ubambo ukuze bakhe kabusha izingxenye zomzimba ngenxa yokuthi ubambo luyakwazi ukuphinde lumile lapho luthathwe khona.

Ubufakazi BeBhayibheli

Kuyabamangaza abanye abantu ukuthola ukuthi lonke iBhayibheli likhuluma ngokuphindaphindiwe ngo-Adamu no-Eva. Lezi zincwadi zikufakazela kanjani ukunemba kokulandisa kukaGenesise?

Ngokwesibonelo, cabanga ngohlu lozalo lwamaJuda olutholakala encwadini yeBhayibheli yeziKronike Zokuqala, isahluko 1 kuya ku-9 neVangeli likaLuka, isahluko 3. IziKronike ziningiliza ngezizukulwane ezingu-48 kanti iVangeli likaLuka lichaza uhlu lozalo olungu-75. ULuka ubika ngohlu lozalo lukaJesu Kristu; iziKronike zichaza uzalo lwasebukhosini nolwabapristi besizwe sakwa-Israyeli. Yomibili le miBhalo inamagama abantu abaziwa kakhulu njengoSolomoni, uDavide, uJakobe, u-Isaka, u-Abrahama, uNowa bese kugcina u-Adamu. Wonke amagama akulezi zahluko angawabantu bangempela futhi u-Adamu wayengumuntu wangempela kuzo zonke lezi zahluko.

Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli likhuluma ngokuphindaphindiwe ngo-Adamu no-Eva njengabantu bangempela, hhayi abantu basenganekwaneni. Nazi ezinye izibonelo:

• “Ngomuntu oyedwa [uNkulunkulu] wenza zonke izizwe zabantu.”—IZENZO 17:26.

• “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo . . . ukufa kwabusa njengenkosi kusukela ku-Adamu kwehle kuze kufike kuMose.”—ROMA 5:12, 14.

• “Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo.”—1 KORINTE 15:45.

• “U-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kuba u-Eva.”—1 THIMOTHEWU 2:13.

• “Owesikhombisa ohlwini kusukela ku-Adamu, u-Enoke, naye waprofetha [ngababi].”—JUDE 14.

Okubaluleke nakakhulu ukuthi uJesu Kristu, ufakazi othembeke kunabo bonke eBhayibhelini, wavuma ukuthi u-Adamu no-Eva bake baba khona. Lapho ebuzwa ngendaba yedivosi, uJesu waphendula: “Kusukela ekuqaleni kwendalo ‘[uNkulunkulu] wabenza kwaba owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokhu indoda iyoshiya uyise nonina, futhi laba ababili bayoba nyamanye.’ . . . Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akuhlanganisile makungahlukaniswa muntu.” (Marku 10:6-9) Ingabe uJesu wayengasebenzisa indaba engelona iqiniso ukuze amise umthetho obophezela kangaka? Cha, wayengeke! UJesu wacaphuna ukulandisa okukuGenesise njengendaba eyiqiniso.

Lapho isonga ubufakazi obuseBhayibhelini, i-New Bible Dictionary iphetha ngokuthi: “ITestamente Elisha lifakazela ukuthi ukulandisa okusezahlukweni zokuqala zikaGenesise kuyiqiniso.”

Uma Bengakaze Babe khona, Nezinye Izimfundiso Azilona Iqiniso

Abantu abaningi abaqotho abasontayo bacabanga ukuthi ukukholelwa ku-Adamu no-Eva akubalulekile ekubeni umKristu olungile. Lokhu kungase kubonakale kunjalo. Kodwa ake sibone ukuthi ukukholelwa kulo mbono kungase kusiholelephi.

Ngokwesibonelo, cabangela imfundiso yeBhayibheli ethandwa abantu abaningi abasontayo—isihlengo. Ngokwale mfundiso, uJesu Kristu wanikela ngokuphila kwakhe kobuntu okuphelele njengesihlengo ukuze ahlenge abantu ezonweni zabo. (Mathewu 20:28; Johane 3:16) Njengoba sazi, isihlengo siyinkokhelo elingana nenani lento elahlekile noma edliwe. Yingakho iBhayibheli lichaza uJesu ngokuthi ‘uyisihlengo esihambelanayo.’ (1 Thimothewu 2:6) Singase sizibuze: ‘Esihambelana nani?’ IBhayibheli liyaphendula: “Njengoba nje bonke befa ku-Adamu, kanjalo nakuKristu bonke bayokwenziwa baphile.” (1 Korinte 15:22) Ukuphila okuphelele uJesu anikela ngakho ukuze ahlenge isintu esilalelayo kulingana nokuphila kuka-Adamu okuphelele okwamlahlekela ngenxa yesono asenza e-Edene. (Roma 5:12) Kusobala-ke ukuthi uma u-Adamu engazange abe khona, isihlengo sikaKristu sasingeke sifeze lutho.

Ukuphika noma ukungakunaki ukubaluleka kokulandisa okusencwadini kaGenesise ngo-Adamu no-Eva kululaza cishe zonke izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli!d Le ndlela yokucabanga iholela emibuzweni eminingi engaphenduleki nasokholweni olungenasisekelo.—Hebheru 11:1.

Ukuphila—Ingabe Kunenjongo Noma Kuyize?

Ekugcineni, sifika kulo mbuzo obalulekile: Ingabe ukuphika ukulandisa kukaGenesise kuyasigcwalisa isidingo sabantu sokuba nenjongo ekuphileni? Ngokombono kaRichard Dawkins, ohamba phambili ekukholelweni ekuziphendukeleni kwemvelo nasekutheni uNkulunkulu akekho, umhlaba “awunamklami, awunanjongo, awunabubi nokuhle, awunandaba nokuthi kwenzekani.” Yeka umbono ongenathemba, ophambene kakhulu nemvelo!

IBhayibheli linombono ohluke ngokuphelele kokaDawkins. Lisinikeza izimpendulo ezigculisayo zemibuzo eminingi ebaluleke kakhulu ekuphileni njengethi: Sivelaphi? Iyini injongo yokuphila? Kungani kugcwele ububi nokuhlupheka okungaka emhlabeni? Ingabe ububi buyoke buphele? Ngaphezu kwalokho, ukuba nokholo esihlengweni sikaKristu kusenza sibe nethemba lokuphila phakade ePharadesi, indawo efana ne-Edene, uNkulunkulu abeka kuyo abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva. (IHubo 37:29; IsAmbulo 21:3-5) Yeka ithemba elihle kangaka!e

Nakuba indaba ka-Adamu no-Eva ingase ingavumelani nemfundiso yokuziphendukela kwemvelo, iyavumelana nesayensi. Ngaphezu kwalokho, ivumelana ngokuphelele nalo lonke iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli, elisinikeza injongo eyanelisayo ngokuphila.

Sicela uzihlolele iBhayibheli ngokwengeziwe. OFakazi BakaJehova bahlale bekulungele futhi bezimisele ukukusiza.

[Imibhalo yaphansi]

a Leli nani lingu-7 olandelwa amaqanda angu-27 nekhulu elilandelwa amaqanda angu-12.

b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? nethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova.

c Yiqiniso, lab’ osasayensi abakudali ukuphila ngokwakho. Kunalokho, basebenzisa izinto ezisemangqamuzaneni aphilayo.

d Lezi zihlanganisa izimfundiso eziphathelene nobukhosi bukaNkulunkulu, ubuqotho babantu, okubi nokuhle, inkululeko yokuzikhethela, isimo sabafileyo, umshado, uMesiya othenjisiwe, umhlaba oyipharadesi, uMbuso kaNkulunkulu nezinye eziningi.

e Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? isahluko 3 esinesihloko esithi, “Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?,” nesahluko 5 esinesihloko esithi, “Isihlengo—Isipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke,” enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]

Kusobala-ke ukuthi uma u-Adamu engazange abe khona, isihlengo sikaKristu sasingeke sifeze lutho

[Izithombe ekhasini 12, 13]

Njengoba nje umkhumbi-mkhathi wakhiwe ngobunyoninco, nomzimba womuntu udalwe kanjalo

[Isithombe ekhasini 15]

UJesu wavuma ukuthi u-Adamu no-Eva bake baba khona

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela