Kungani Kunokudideka Okungaka Ngomoya Ongcwele?
UYINI umoya ongcwele? Lo mbuzo ubonakala ulula kakhulu kodwa ukuthola impendulo yawo kungase kube nzima. UPapa uBenedict XVI watshela isixuku esasibuthene e-Australia: “Kubonakala singenakukwazi ukuwuqonda kahle uMoya.”
Kunemibono eminingi ngempela nokungaqiniseki okukhulu ngokuqondene nombuzo othi, Uyini umoya ongcwele? Ngezansi kunezinye zezimpendulo abantu abavame ukuzinikeza:
• Ungumuntu wangempela ohlala ezinhliziyweni zabafundi bakaKristu.
• Uyindlela uNkulunkulu asebenza ngayo.
• Uwukubonakala kokuba khona kukaNkulunkulu emhlabeni.
• Uyingxenye kaZiqu-zintathu.
Kungani kunokudideka okungaka? Le nkinga yaqala ekhulwini lesine leminyaka C.E. ngesikhathi ezinye izazi zemfundiso yenkolo zithi umoya ongcwele ungumuntu olingana noNkulunkulu ngandlela-thile. Nokho, imiBhalo nabalandeli bakaKristu bokuqala abakufundisanga lokhu. I-New Catholic Encyclopedia iyachaza: “Kuyacaca ukuthi iTestamente Elidala alichazi umoya kaNkulunkulu ngokuthi ungumuntu . . . Umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu.” Le ncwadi iyanezela: “Amavesi amaningi eTestamente Elisha abonisa ukuthi umoya kaNkulunkulu uyinto, hhayi umuntu; lokhu kubonakala ngokukhethekile ekuhlobaneni okukhona phakathi komoya namandla kaNkulunkulu.”
Kuyaqondakala ukuthi kungani kunzima ngabantu ukukholelwa ukuthi amandla angaba ngumuntu. Yingakho inhlolo-vo yamuva eyenziwe e-United States ibonisa ukuthi abantu abaningi abavumelani nokuthi umoya ongcwele ungumuntu, noma “into ephilayo.” Ingabe baqinisile? Noma ingabe kufanele sikholwe lokho okushiwo izazi zemfundiso yenkolo ezithi “uMoya ONgcwele unguMuntu ongokoqobo, njengoNkulunkulu neNdodana”?
Ukuze sithole impendulo esingayethemba, kudingeka siye eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, elichaza umoya ongcwele ngokuningiliziwe. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi iwusizo ekufundiseni iqiniso nasekulungiseni iphutha.”—2 Thimothewu 3:16, Today’s English Version.
Kungani kufanele ufune ukuthola iqiniso ngomoya ongcwele? Ngoba ukwazi lelo qiniso kungase kukuvulele indlela yokuthola usizo lukaNkulunkulu. Ingabe ngezinye izikhathi uye uzizwe sengathi awusenamandla okubhekana nobunzima obuthile? UJesu wathembisa abafundi bakhe: “Qhubekani nicela, niyophiwa . . . uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!”—Luka 11:9, 13.
Ezihlokweni ezilandelayo, sizovumela imiBhalo ukuba isitshele ukuthi uyini umoya ongcwele, sizobona nendlela ongasizuzisa ngayo ekuphileni kwethu.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
ImiBhalo isitshela ukuthi umoya ongcwele uyini