Izindaba Ezinhle Ngezilimi Ezingu-500
IBAMBENE phezulu eRwanda futhi iqenjana labahumushi liphuma ngesamagundane lishiye ikhaya lalo (ihhovisi legatsha eliseKigali) nempahla yalo. Nokho, liyakwazi ukubaleka nama-computer alo aphathwayo njengoba lilibangisa emakamu ababaleki. Kungani libaleka nama-computer? Ukuze likwazi ukuqhubeka lihumushela izincwadi zeBhayibheli olimini lwesiKinyarwanda.
Owesifazane osemusha eNingizimu-ntshonalanga ye-Asia, uhumusha nge-computer yakhe kuze kube phakathi kwamabili. Ukhathele uyingcuba, kuyashisa futhi ugesi ulokhu unqamuka uphazamisa umsebenzi wakhe wokuhumusha. Uyini umgomo wakhe? Uwukuba aqede umsebenzi wakhe ngesikhathi bese ewuthumela ukuze unyatheliswe.
Laba bahumushi bayingxenye yezisebenzi zokuzithandela eziningi ezingaba ngu-2 300 ezisebenza ezindaweni ezingaphezu kuka-190 emhlabeni wonke. Iminyaka yazo yobudala isukela kwengu-20 kuya cishe kwengu-90 futhi zisebenza kanzima ukuze abantu bakwazi ukuthola induduzo esigijimini seBhayibheli ngezilimi ezingu-500.—IsAmbulo 7:9.
Ukufinyelela Abantu Abakhuluma Izilimi Ezihlukahlukene
Eminyakeni yamuva nje, umsebenzi wokuhumusha owenziwa oFakazi BakaJehova uye wanda ngezinga elingakaze libonwe ngaphambili. Ngokwesibonelo, ngo-1985 INqabayokulinda yayinyatheliswa ngesikhathi esisodwa ngezilimi ezingu-23—okwakuyinani eliphawulekayo ngaleso sikhathi. Namuhla, itholakala ngezilimi ezingu-176, futhi inyatheliswa kanye kanye ukuze abafundi emhlabeni wonke bakwazi ukufunda ukwaziswa okufanayo ngesikhathi esisodwa.
Ezilimini ezithi azibe ngu-50, INqabayokulinda iwukuphela kwencwadi enyatheliswa njalo. Kungani kunjalo? Yingoba izinkampani zokunyathelisa azinalo ugqozi olungako lokunyathelisa izincwadi ngezilimi zendawo. Kodwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke banikela ngesandla esivulekile ngenjongo yokuba iZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezisekelwe kulo zitholakale nomaphi lapho zidingeka khona.—2 Korinte 8:14.
Abantu basazisa kakhulu isigijimi seBhayibheli uma sibhalwe ngolimi abaluncela. Ngokwesibonelo, muva nje izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ziye zanyatheliswa ngolimi lwesiMiskito, okuwulimi olukhulunywa abantu abangaba ngu-200 000 eNicaragua. Owesifazane othile wacela incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibhelia ngolimi lwesiMiskito futhi ngesikhathi eyilethelwa kwakukhona nomfundisi wendawo. Wanele wayithi nhla le ncwadi enhle kangaka, wabe eseyifuna. Lona wesifazane wala waphetha ukumnika yona, ngisho nalapho esethembisa ukumnika ikhofi elingamakhilogremu angu-20!
Phakathi neminyaka eyishumi edlule, izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ziye zahunyushelwa ezilimini zabomdabu baseMexico ezingaphezu kuka-12, kuhlanganise nesiMaya, isiNahuatl nesiTzotzil. Kungakapheli neminyaka eyishumi, amabandla oFakazi BakaJehova abakhuluma izilimi zomdabu kanye nolimi lwezandla, anda kuleliya zwe esuka kwangu-72 kuya kwangaphezu kuka-1 200. OFakazi BakaJehova bangase bahlwanyele isigijimi seBhayibheli ezinhliziyweni zabantu, kodwa bashiyela kuNkulunkulu ukuba ahlumise imbewu yeqiniso.—1 Korinte 3:5-7.
Inguqulo YeBhayibheli Yanamuhla Etholakala Ngezilimi Ezingu-80
Eminyakeni yamuva, oFakazi BakaJehova baye bazikhandla ukuze banyathelise INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele noma eyingxenye ngezilimi ezingu-80. Yamukelwa kanjani? Ekhuluma ngeBhayibheli lesiTswana, omunye uFakazi waseNingizimu Afrika wathi: “Leli Bhayibheli lihle kakhulu, lizongenza ngilazise ngempela iZwi likaNkulunkulu. Libhalwe ngolimi olulula noluhlabahlosile.” Omunye umfundi ongumTsonga waseMozambique wabhala: “Nakuba sasinazo ezinye izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, ukungabi neBhayibheli kwakufana nokuduma nokubanika kwezulu imvula ibe ingekho! Nokho, izimvula zehla lapho kukhululwa INguqulo Yezwe Elisha ngesiTsonga.”
Labo abahumusha futhi basakaze izindaba ezinhle eziseBhayibhelini bagcwalisa isiprofetho sasendulo ngendlela eyisimangaliso. UJesu Kristu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Igrafu ekhasini 25]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
INGUQULO EZINYE
YEZWE ELISHA IZINCWADI
Iyatholakala iphelele
noma iyingxenye
80 2010 500 2010
36 2000
13 1990 200 1990
190 1980
7 1970 165 1970
125 1960
1 1950 88 1950
INANI LEZILIMI
[Izithombe ekhasini 24, 25]
Izisebenzi zokuzithandela ezithi azibe ngu-2 300 zihumushela izincwadi zeBhayibheli ezilimini ezingu-500
EBENIN
ESLOVENIA
ETOPIYA
EBRITHANI