Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 12/1 kk. 5-7
  • Inkinga Ekhungethe Umhlaba Wonke, Ikhambi Lomhlaba Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkinga Ekhungethe Umhlaba Wonke, Ikhambi Lomhlaba Wonke
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho UMbuso KaNkulunkulu Oyokwenza
  • Izwe Elisha Elingenakho Ukuhlupheka
    I-Phaphama!—1990
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Singazuza Ngokukhuthazelela Ukuhlupheka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ukuvumela KukaNkulunkulu Ukuhlupheka Sekuzophela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 12/1 kk. 5-7

Inkinga Ekhungethe Umhlaba Wonke, Ikhambi Lomhlaba Wonke

UKUHLUPHEKA kugcwele yonke indawo futhi abantu abaningi bayazwelana nalabo abahluphekayo, babasize. Ngokwesibonelo, izisebenzi zezokwelapha zisebenza amahora amaningi ezibhedlela zizama ukusiza abagulayo noma abalimele. Abacishi bomlilo, amaphoyisa, abashaya umthetho nabosizo oluphuthumayo benza konke abangakwenza ukuze basize abanye. Imizamo enjalo yenza lukhulu ekusizeni abantu ngabanye, kodwa akekho umuntu noma inhlangano enamandla okuqeda ukuhlupheka emhlabeni wonke. Nokho, uNkulunkulu angakwazi ukuzixazulula izinkinga zabo bonke abantu futhi uzozixazulula.

Isiqinisekiso salokhu sitholakala encwadini yokugcina yeBhayibheli: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:4) Cabanga nje ukuthi bangaki abantu abayozuza kulesi sithembiso. Sisitshela ngamafuphi ngenjongo kaNkulunkulu yokuqeda konke ukuhlupheka. Lokho uyokwenza ngokuqeda izimpi, indlala, ukugula nokungabi nabulungisa, kanye nabo bonke abantu ababi. Akekho umuntu onamandla okwenza lokho.

Lokho UMbuso KaNkulunkulu Oyokwenza

UNkulunkulu uyofeza izithembiso zakhe esebenzisa umuntu wesibili ophakeme kunabo bonke endaweni yonke—uJesu Kristu owavuswa kwabafileyo. Siyeza isikhathi lapho uJesu eyobusa njengeNkosi kuwo wonke umhlaba kungasekho ophikisana naye. Isintu ngeke sisabuswa amakhosi angabantu, omongameli noma osombusazwe. Kunalokho, siyobuswa iNkosi eyodwa nohulumeni oyedwa—uMbuso kaNkulunkulu.

Lowo Mbuso uyobasusa bonke ohulumeni babantu. Kudala, iBhayibheli labikezela: “UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 2:44) Abantu emhlabeni wonke bayoba munye ngaphansi kukahulumeni owodwa wokulunga—uMbuso kaNkulunkulu.

Ngesikhathi elapha emhlabeni, uJesu wakhuluma kaningi ngalowo Mbuso. Wakhuluma ngawo emthandazweni wakhe oyisibonelo, futhi weluleka abafundi bakhe ukuba bathandaze ngale ndlela: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Phawula ukuthi uJesu wabonisa ukuthi uMbuso uhlobene nokwenziwa kwentando kaNkulunkulu emhlabeni nokuthi kuyintando kaNkulunkulu ukuqeda ukuhlupheka emhlabeni wonke.

UMbuso kaNkulunkulu wokulunga uyoletha izibusiso ohulumeni babantu abangenakukwazi ukuziletha. Khumbula ukuthi uJehova wanikela ngeNdodana yakhe njengesihlengo ukuze abantu bathole ukuphila okuphakade. Ngaphansi kokubusa kwalo Mbuso oyobusa ngomusa, kancane kancane abantu bayofinyelela ekupheleleni. Umphumela walokhu uyoba yini? UJehova “empeleni uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:8.

Abanye bangase babuze: ‘Kungani uNkulunkulu engakasithathi isinyathelo? Ulindeni?’ UJehova ngabe kade akuqeda konke ukuhlupheka noma ngisho akuvimbele, kodwa uye wakuvumela ukuba kuqhubeke. Lokhu akakwenzanga ngoba enezizathu zobugovu, kodwa ngoba efuna abantwana bakhe basemhlabeni bathole izinzuzo zaphakade. Abazali abanothando bayavuma ukuba ingane yabo ibhekane nobunzima uma bazi ukuthi lokho kuyoyizuzisa esikhathini esizayo. Ngokufanayo, kunezizathu ezizwakalayo eziye zenza uJehova wavumela abantu ukuba babhekane nobunzima okwesikhashana, futhi lezo zizathu zichazwe eBhayibhelini. Zihlanganisa izinto ezinjengenkululeko yokuzikhethela, isono nendaba ephathelene nokufanelekela kukaJehova ukubusa. IBhayibheli lichaza nokuthi isidalwa somoya esibi siye savunyelwa okwesikhashana ukuba sibuse izwe.a

Nakuba singeke sigeqe amagula kula makhasi ambalwa, kunamaqiniso amabili angasinika ithemba nesikhuthazo. Elokuqala yileli: Izibusiso zikaJehova ziyoba ngaphezulu kakhulu kunokuhlupheka okungenzeka siye sabhekana nakho. Ngaphezu kwakho konke, uNkulunkulu uyasiqinisekisa: “Izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.” (Isaya 65:17) UNkulunkulu uyoqeda usizi nokuhlupheka esiye sabhekana nakho ngenxa yokuvunyelwa kobubi okwesikhashana futhi uyokuqeda ngokuphelele kungaphinde kube khona.

Elesibili yileli: UNkulunkulu ubeke isikhathi esingenakushintshwa sokuqeda konke ukuhlupheka. Khumbula ukuthi umprofethi uHabakuki wabuza uJehova ukuthi wayeyobuvumela kuze kube nini ubudlova nemibango. UJehova wamphendula: “Umbono usengowesikhathi esimisiwe . . . Ngeke wephuze.” (Habakuki 2:3) Isihloko esilandelayo sizosibonisa ukuthi ‘isikhathi esimisiwe’ sesiseduze.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ingxoxo eningilizayo ngokuqondene nezizathu eziye zenza ukuba uNkulunkulu avumele ukuhlupheka, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi ekhasini 7]

ImiBhalo Ekhuluma Ngekusasa Eliqhakazile

IZIMPI NGEKE ZISABA KHONA:

“Wozani, bukani imisebenzi kaJehova, ukuthi uzimisé kanjani izenzakalo ezimangalisayo emhlabeni. Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.”—IHubo 46:8, 9.

ABANTU ESIBATHANDAYO BAYOVUSWA:

“Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.

KUYOBA KHONA INALA YOKUDLA:

“Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16.

UKUGULA NGEKE KUSABA KHONA:

“Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.

ABANTU ABABI BAYOBHUJISWA:

“Ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.”—IzAga 2:22.

KUYOVAMA UBULUNGISA:

“Bheka! Inkosi [uKristu Jesu] iyobusa ngenjongo yokulunga; ngokuqondene nezikhulu, ziyobusa njengezikhulu ngenjongo yobulungisa.”—Isaya 32:1.

[Izithombe ekhasini 7]

UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda konke ukuhlupheka okungenzeka siye sabhekana nakho

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela