Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe Izazi Ezintathu Zaluvakashela Ngempela Usana OlunguJesu?
ENingizimu Melika, eMpumalanga Yurophu nase-Asia, izindaba ezikhuluma ngoKhisimusi zithi lapho kuzalwa uJesu, kwafika amakhosi amathathu, noma izazi ezintathu, zizokhunga uJesu ngezipho ezinhle. Iyiqiniso yini le ndaba? Iyavumelana yini namaqiniso? Ake sibone.
AmaVangeli amabili, elikaMathewu nelikaLuka, alandisa ngokuzalwa kukaJesu. La maVangeli abonisa ukuthi usana olunguJesu lwavakashelwa kuphela abelusi abaphansi ababeluse emadlelweni aseduze. Amadoda okuthiwa ayengamakhosi, noma izazi, eqinisweni ayengababhuli bezinkanyezi. Ayengewona amakhosi futhi asazi ukuthi ayemangaki. Laba babhuli bezinkanyezi abazange baye kuJesu olusana owayesemkhombeni, kunalokho, bafika uJesu esekhulakhulile futhi esehlala endlini. Ukufika kwabo kwabeka ngisho ukuphila kukaJesu engozini!
Ake ubhekisise indaba yokuzalwa kukaJesu njengoba ilandiswa umlobi weBhayibheli uLuka, futhi uzothola ukuthi ithi: “Kwakukhona abelusi behlala ngaphandle belinda imihlambi yabo ebusuku. Ngokushesha ingelosi kaJehova yema ngakubo . . . yathi kubo: ‘. . . Nizothola usana lusongwe ngezindwangu lulele emkhombeni’ . . . Bahamba ngokushesha bathola uMariya kanye noJosefa, nosana lulele emkhombeni.”—Luka 2:8-16.
NguJosefa, noMariya nabelusi kuphela ababenosana olunguJesu. Abekho abanye uLuka athi babekhona.
Manje funda ukulandisa okukuMathewu 2:1-11 eBhayibhelini lesiZulu elivamile: “UJesu esezelwe eBhetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi‚ bheka‚ kwafika izazi eJerusalema‚ zivela empumalanga . . . Zase zingena endlini‚ zabona umntwana noMariya unina.”
Phawula ukuthi ukulandisa kukhuluma nje ‘ngezazi,’ hhayi ‘izazi ezintathu,’ nokuthi zaziqhamuka ngasempumalanga ziya eJerusalema, hhayi emzini uJesu azalelwa kuwo, iBhetlehema. Lapho ekugcineni zifika eBhetlehema, uJesu ‘wayesengumntwana’—engaselona usana—futhi engasekho emkhombeni, kodwa esehlala endlini.
Ngaphezu kwalokho, nakuba iBhayibheli lesiZulu elivamile lisebenzisa igama elithi “izazi” lapho lichaza lezi zivakashi, ezinye izinguqulo zisebenzisa elithi “Magi” noma “ababhula ngezinkanyezi.” Ngokusho kwencwadi ethi A Handbook on the Gospel of Matthew igama elithi “izazi” lihumusha “ibizo lesiGreki ekuqaleni elalisho abapristi basePheresiya ababengongoti kwezokufundwa kwezinkanyezi.” Incwadi ethi The Expanded Vine’s Expository Dictionary of New Testament Words ithi leli gama lisho “umlumbi, umthakathi, oqamba amanga athi unamandla okwenza imilingo, isazi samakhono okuthakatha.”
Nakuba ukubhula ngezinkanyezi nobuthakathi kusathandwa kakhulu namuhla, iBhayibheli lithi akulungile. (Isaya 47:13-15) Lezi zinto ziwuhlobo lokusebenzelana nemimoya futhi ziyimikhuba uJehova uNkulunkulu ayenyanyayo. (Duteronomi 18:10-12) Yingakho ingekho ingelosi kaNkulunkulu eyamemezela ukuzalwa kukaJesu kubabhuli bezinkanyezi. Kodwa uNkulunkulu wangenela futhi wafika kubo ngephupho wabatshela ukuba bangabuyeli ukuyobikela inkosi embi, uHerode, ngoba yayifuna ukubulala uJesu. Ngakho, “babuyela ezweni lakubo ngenye indlela.”—Mathewu 2:11-16.
Ingabe amaKristu eqiniso angafuna ukuqhubeka efundisa indaba yokuzalwa kukaJesu engelona neze iqiniso? Impendulo ingu-cha omkhulu.