IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
UJesu Kristu—Umntwana Omncane Noma Inkosi Ebusayo?
PHAKATHI nenkathi kaKhisimusi abantu abaningi bacabanga ngoJesu njengomntwana omncane osemkhombeni. Kuboniswa izithombe ze“zazi” ziletha izipho kumntwana osanda kuzalwa. Abantu bathi kwakungalenkathi yonyaka lapho uJesu ezalwa. Ingabe yilokhu iBhayibheli elikushoyo?
Kungani ungavuli iBhayibheli lakho futhi ubone lokho elikushoyo ngempela. Funda ngokunakekela uLuka 2:1-20 noMathewu 2:1-16. Manje, ingabe iBhayibheli alisho ukuthi abelusi babesendle benakekela imihlambi yabo lapho uJesu ezalwa? Njengoba uDecember ePalestine kwakuyinkathi enemvula nebandayo, akunakwenzeka ukuthi abelusi babengabe bengaphandle nemihlambi yabo ngalesosikhathi sonyaka.
Phawula, futhi, lesi kwakuyisikhathi sokubalwa kwabantu lapho abantu kwakufuneka baye emzini wakubo ukuze babhalise. Ngokuqinisekile akunakwenzeka ukuba ababusi bamaRoma babevumele abantu kakade abase bethambekele ngasekubavukeleni ukuba bathathe uhambo olunjalo lokuyobhalisa ebusika obubandayo. Obunye ubufakazi futhi, bufakazela ukuthi uJesu akazalwanga ngesikhathi sikaKhisimusi. (Bheka ikhasi 12.)
Ingabe uye waphawula futhi ukuthi lapho labo okuthiwa izazi beletha izipho, uJesu wayengaseyena umntwana osemkhombeni? IBhayibheli lithi “zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina.” (Mathewu 2:11) Zazingobani ngempela lezi“zazi” ezazingaholwa, ukuqondisa kwengelosi, kodwa yinkanyezi? Kwakuyizazi zezinkanyezi. Futhi nakuba ukufundwa kwezinkanyezi kuvamile kubantu abaningi, uNkulunkulu uyakwenqabela.—Isaya 47:12-15.
Njengoba umbhalo weBhayibheli ubonisa, lezozazi zezinkanyezi ekuqaleni zazingaqondiswa yinkanyezi eziyisa kuJesu eBetlehema kodwa enkosini uHerode eyayingumbulali eJerusalema. Ngakho, uma uNkulunkulu wayesebenzise inkanyezi ukuba iqondise izazi zezinkanyezi, ingabe wayengaziholela kuqala eJerusalema ukuze zihlangane nenkosi eyayiyingozi? Ngokusobala akunjalo!
Lapho inkanyezi ekugcineni iholela izazi zezinkanyezi kuJesu, uNkulunkulu wangenela futhi waxwayisa lawomadoda ngephupho ukuba angabuyeli kuHerode. UNkulunkulu wasindisa kanjalo ukuphila kukaJesu. Sazi kanjani? Ngoba lapho uHerode ezwa ukuthi izazi zezinkanyezi zazihambe ngaphandle kokubuyela kuye, wafuna indlela yokubulala uJesu. Kodwa ngaso lesosikhathi uNkulunkulu wayesenze ilungiselelo lokuba uJesu abaleke. Ngakho-ke leyonkanyezi yayiyicebo likaSathane uDeveli lokubulala uJesu!
Futhi kuseyicebo likaDeveli nanamuhla ukuzama ukwenza abantu bacabange ngoJesu kuphela njengomntwana ongenalusizo. Kodwa akayena umntwana! Ngaphambi kokuba uJesu azalwe, ingelosi uGabriyeli yatshela unina maqondana naye: “Uyakuba-yinkosi . . . nombuso wakhe awuyikuba-nakuphela.” (Luka 1:33) UJesu Kristu manje ubusa njengeNkosi enamandla ezulwini, futhi ukuze sithole ukuphila ngaphansl kokubusa koMbuso wakhe kubalulekile ukuba siliqaphele leliqiniso.—Isaya 9:6, 7.
[Isithombe ekhasini 10]
Yini ekulesisithombe engaqondile?
[Izithombe ekhasini 11]
“Izazi” zazilandela inkanyezi—yayivelaphi?
Umbheka kanjani uJesu?