Zibonakalise Ungumlandeli KaKristu Wangempela
“Yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle, kodwa yonke imithi ebolile ithela izithelo ezingenamsebenzi.”—MATH. 7:17.
1, 2. Abalandeli bakaKristu beqiniso bahluke kanjani kwabamanga, ikakhulukazi kulesi sikhathi sokuphela?
UJESU wathi abalandeli bakhe beqiniso babeyohluka kulabo abazisholo ukuthi bangabalandeli bakhe ngezithelo zabo—izimfundiso nokuziphatha kwabo. (Math. 7:15-17, 20) Ngempela, ngokuzenzakalelayo abantu bathonywa yilokho abakufaka ezingqondweni nasezinhliziyweni zabo. (Math. 15:18, 19) Labo abafundiswa amanga bathela “izithelo ezingenamsebenzi,” kanti abafundiswa amaqiniso angokomoya bathela “izithelo ezinhle.”
2 Lezi zinhlobo ezimbili zezithelo ziye zaba sobala kulesi sikhathi sokuphela. (Funda uDaniyeli 12:3, 10.) AmaKristu amanga anombono osontekile ngoNkulunkulu futhi ngokuvamile ayazenzisa ekuzinikeleni kwawo kokumhlonipha, kanti lawo anokuqonda okungokomoya amkhulekela “ngomoya nangeqiniso.” (Joh. 4:24; 2 Thim. 3:1-5) Alwela ukubonakalisa izimfanelo ezinjengezikaKristu. Kuthiwani ngathi ngabanye? Njengoba sizohlola izici ezinhlanu ezibonakalisa ubuKristu beqiniso, zibuze: ‘Ingabe ukuziphatha kwami nalokho engikufundisayo kuyahambelana neZwi likaNkulunkulu? Ingabe ngiyalihlobisa iqiniso emehlweni alabo abalifunayo?’
Phila Ngokuvumelana NeZwi LikaNkulunkulu
3. Yini ejabulisa uJehova, futhi lokhu kuhilelani kumaKristu eqiniso?
3 “Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena.” (Math. 7:21) Yebo, akukhona ukusho ukuthi ungumKristu okujabulisa uJehova kodwa ukuphila ngendlela yobuKristu. Kubalandeli bakaKristu beqiniso, lokhu kuhilela yonke indlela yabo yokuphila, kuhlanganise isimo sengqondo ngemali, umsebenzi wokuziphilisa, ukuzijabulisa, amasiko nemikhosi yezwe, umshado kanye nobunye ubuhlobo babo nabanye abantu. Nokho, amaKristu amanga amukela ukucabanga nezindlela zezwe eliye ladeda ngokwengeziwe kuNkulunkulu kulezi zinsuku zokugcina.—IHu. 92:7.
4, 5. Singawasebenzisa kanjani amazwi kaJehova akuMalaki 3:18 ekuphileni kwethu?
4 Ngenxa yalokho, umprofethi uMalaki wabhala: “Ngokuqinisekile niyobuye nibone umehluko phakathi kolungileyo nomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongazange amkhonze.” (Mal. 3:18) Njengoba ucabanga ngala mazwi, zibuze: ‘Ingabe sengifana naleli zwe, noma ingabe ngihluke ngokuphelele? Ingabe ngaso sonke isikhathi ngizama ukuzifanelanisa nabangane bezwe, kungaba sesikoleni noma emsebenzini, noma ingabe ngizimelela ngokuqinile izimiso zeBhayibheli, ngize ngikhulume lapho kufaneleka?’ (Funda eyoku-1 Petru 3:16.) Yiqiniso, asifuni ukubonakala sengathi silunge ngokweqile, kodwa kufanele sihluke kulabo abangamthandi nabangamkhonzi uJehova.
5 Uma ubona lapho ongathuthukisa khona, thandaza ngalokho futhi uthole amandla angokomoya ngokutadisha iBhayibheli njalo, ngokuthandaza nangokuba khona emihlanganweni yebandla. Lapho usebenzisa iZwi likaNkulunkulu ngokwengeziwe ekuphileni kwakho, yilapho uyothela khona “izithelo ezinhle,” ezihlanganisa “isithelo sezindebe ezivuma obala igama [likaNkulunkulu].”—Heb. 13:15.
Memezela UMbuso KaNkulunkulu
6, 7. Ngokuphathelene nesigijimi soMbuso, imuphi umahluko esiwubonayo phakathi kwamaKristu eqiniso nawamanga?
6 UJesu wathi: “Nakweminye imizi kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.” (Luka 4:43) Kungani uJesu enza uMbuso kaNkulunkulu waba into eyinhloko enkonzweni yakhe? Wayazi ukuthi yena njengeNkosi yalowo Mbuso, kanye nabafowabo abagcotshwe ngomoya abavusiwe, babeyosusa zonke izimbangela zomaye esintwini—isono noDeveli. (Roma 5:12; IsAm. 20:10) Ngakho, wayala abalandeli bakhe ukuba bawumemezele uMbuso kuze kuphele lesi simiso sezinto. (Math. 24:14) Abantu abamane bathi bangabalandeli bakaKristu abawenzi lo msebenzi—eqinisweni, ngeke baze bakwazi ukuwenza. Ngani? Ake sicabangele okungenani izizathu ezintathu: Esokuqala, ngeke bakwazi ukushumayela lokho abangakuqondi. Esesibili, iningi labo alithobekile futhi alinaso isibindi sokubhekana nokuhlekwa usulu nokuphikiswa okungase kuvele ngenxa yokushumayela isigijimi soMbuso komakhelwane. (Math. 24:9; 1 Pet. 2:23) Esesithathu, amaKristu amanga awanawo umoya kaNkulunkulu.—Joh. 14:16, 17.
7 Ngakolunye uhlangothi, abalandeli bakaKristu beqiniso bayazi ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu nalokho oyokufeza. Ngaphezu kwalokho, lo Mbuso uza kuqala ekuphileni kwabo futhi bawumemezela emhlabeni wonke ngosizo lomoya kaJehova. (Zak. 4:6) Ingabe uhlanganyela njalo kulo msebenzi? Ingabe uzama ukuthuthuka njengommemezeli woMbuso, mhlawumbe ngokuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni noma ngokuphumelela ngokwengeziwe kuyo? Abanye baye bazama ukuthuthukisa izinga lenkonzo yabo ngokulisebenzisa kangcono iBhayibheli. Umphostoli uPawulu, owakwenza umkhuba wakhe ukubonisana nabanye ngemiBhalo, wathi: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.”—Heb. 4:12; IzE. 17:2, 3.
8, 9. (a) Ikuphi okuhlangenwe nakho okuqokomisa ukubaluleka kokusebenzisa iBhayibheli enkonzweni yethu? (b) Singathuthuka kanjani ekusebenziseni iZwi likaNkulunkulu?
8 Lapho esenkonzweni yendlu ngendlu, umzalwane othile wafundela indoda engumKatolika uDaniyeli 2:44 futhi wayichazela indlela uMbuso kaNkulunkulu owawuyoletha ngayo ukuthula nokulondeka kwangempela. Le ndoda yathi: “Ngiyabonga kakhulu ngokungivulela kwakho iBhayibheli ungibonise elikushoyo kunokumane ungitshele ngomlomo.” Lapho omunye umzalwane efundela owesifazane osonta esontweni LamaGreki Lobu-Orthodox ivesi elithile, lona wesifazane wabuza imibuzo eminingana emihle. Umzalwane nomkakhe nabo bamphendula ngeBhayibheli. Kamuva, lona wesifazane wathi: “Niyazi ukuthi kungani ngangizimisele ukunilalela? Ukuthi neza kwami niphethe iBhayibheli futhi nalifunda.”
9 Yiqiniso, izincwadi zethu zibalulekile futhi kufanele sizihambise ensimini. Nokho, ithuluzi lethu eliyinhloko yiBhayibheli. Ngakho, uma bekungewona umkhuba wakho ukulisebenzisa njalo enkonzweni yakho, kunganjani uzibekele umgomo wokulisebenzisa? Mhlawumbe ungakhetha amavesi ambalwa ayinhloko achaza ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyini nokuthi uzozixazulula kanjani izinkinga ezikhathaza abantu endaweni yakini. Yibe usukulungela ukuwafunda njengoba usenkonzweni yendlu ngendlu.
Ziqhenye Ngokubizwa Ngegama LikaNkulunkulu
10, 11. Ngokuphathelene nokusebenzisa igama likaNkulunkulu, imuphi umehluko okhona phakathi kukaJesu nabaningi abathi bangabalandeli bakhe?
10 “‘Ningofakazi bami,’ kusho uJehova, ‘mina nginguNkulunkulu.’” (Isaya 43:12) UJesu Kristu, uFakazi KaJehova omkhulu, wakubheka njengelungelo ukubizwa ngegama likaNkulunkulu nokulenza laziwe. (Funda u-Eksodusi 3:15; Johane 17:6; amaHebheru 2:12.) Eqinisweni, ngenxa yokuthi wamemezela igama likaYise, wabizwa ngokuthi “uFakazi Othembekileyo.”—IsAm. 1:5; Math. 6:9.
11 Ngokuphambene, kuyihlazo ukuthi abaningi abathi bamelela uNkulunkulu neNdodana yakhe abalihloniphi igama laKhe, baze balikhipha nasezinguqulweni zabo zeBhayibheli. Indelelo efanayo ibonakala nasesiqondisweni samuva esanikezwa ababhishobhi bamaKatolika esithi “akufanele kusetshenziswe noma kubizwe igama likaNkulunkulu eliyi-tetragrammaton elithi YHWH” ekukhulekeleni.a Yeka ukuthi ukucabanga okunjalo kuyihlazo kangakanani!
12. Izinceku zikaNkulunkulu zahlanganiswa kanjani noJehova ngisho nangokwengeziwe ngo-1931?
12 Elingisa uKristu ‘nefu elikhulu lofakazi’ abamandulela, amaKristu eqiniso ayaziqhenya ngokusebenzisa igama likaNkulunkulu. (Heb. 12:1) Eqinisweni, ngo-1931, izinceku zikaNkulunkulu zahlanganiswa noJehova ngisho nangokwengeziwe ngokwamukela igama elithi oFakazi BakaJehova. (Funda u-Isaya 43:10-12.) Ngakho, ngomqondo okhethekile, abalandeli bakaKristu beqiniso baba “abantu ababizwa ngegama [likaNkulunkulu].”—IzE. 15:14, 17.
13. Singaphila kanjani ngokuvumelana negama esilinikwe uNkulunkulu?
13 Singaphila kanjani ngokuvumelana negama lethu eliyingqayizivele? Okokuqala nje, kumelwe sifakaze ngokwethembeka ngoNkulunkulu. UPawulu wabhala: “‘Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.’ Nokho, bayombiza kanjani lowo abangabanga nokholo kuye? Bayoba kanjani nokholo kulowo abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo? Bayoshumayela kanjani ngaphandle kokuba bethunyiwe?” (Roma 10:13-15) Kufanele futhi siwadalule ngobuhlakani amanga enkolo ahlambalaza uMdali wethu, njengemfundiso yesihogo somlilo, empeleni eveza uNkulunkulu wothando njengononya njengoDeveli.—Jer. 7:31; 1 Joh. 4:8; qhathanisa noMarku 9:17-27.
14. Abanye baye basabela kanjani lapho beqala ukwazi igama likaNkulunkulu?
14 Uyaziqhenya yini ngokubizwa ngegama likaYihlo osezulwini? Ingabe uyabasiza abanye ukuba balazi leli gama elingcwele? Owesifazane othile eParis, eFrance, wezwa ukuthi oFakazi BakaJehova bayalazi igama likaNkulunkulu, ngakho wabuza uFakazi ahlangana naye ukuba ambonise lelo gama eBhayibhelini lakhe. Lapho efunda iHubo 83:18, wathinteka ngokujulile. Waqala ukufundelwa futhi manje ungudadewethu othembekile okhonza kwelinye izwe. Lapho intokazi engumKatolika ehlala e-Australia ibona igama likaNkulunkulu eBhayibhelini layo okokuqala ngqá, yakhala izinyembezi zenjabulo. Sekuyiminyaka eminingi manje ikhonza njengephayona elivamile. Muva nje, lapho oFakazi abathile eJamaica bebonisa owesifazane othile igama likaNkulunkulu eBhayibhelini lakhe, naye wakhala izinyembezi zenjabulo. Ngakho, ziqhenye ngokubizwa ngegama likaNkulunkulu nangokwenza lelo gama eliyigugu laziwe yibo bonke njengoJesu.
“Ningalithandi Izwe”
15, 16. AmaKristu eqiniso alibheka kanjani izwe, futhi imiphi imibuzo okufanele sizibuze yona?
15 “Ningalithandi izwe noma izinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye.” (1 Joh. 2:15) Izwe nomoya walo okhuthaza izifiso zenyama limelene noJehova nomoya wakhe ongcwele. Ngakho, abalandeli bakaKristu beqiniso abagcini nje ngokugwema ukuba ingxenye yezwe. Bazihlukanisa ngokuphelele nalo, bazi ukuthi njengoba umfundi uJakobe abhala, “ubungane nezwe bungubutha noNkulunkulu.”—Jak. 4:4.
16 Kungaba inselele ukulalela amazwi kaJakobe ezweni elisinunusela ngezilingo eziningi. (2 Thim. 4:10) Ngakho-ke, uJesu wathandazela abalandeli bakhe: “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi. Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Joh. 17:15, 16) Zibuze: ‘Ingabe ngilwela ukungabi ingxenye yezwe? Ingabe abanye bayasazi isimo sami ngemikhosi namasiko angqubuzana nemiBhalo kanye naleyo okungenzeka ayinawo umsuka wamaqaba kodwa ebonisa umoya waleli zwe?’—2 Kor. 6:17; 1 Pet. 4:3, 4.
17. Yini engase ishukumise abanhliziyo-ziqotho ukuba babe sohlangothini lukaJehova?
17 Yiqiniso, ukuma kwethu okusekelwe eBhayibhelini ngeke kusenze sithandwe yizwe, kodwa kungase kuvuse isithakazelo kubantu abanhliziyo-ziqotho. Ngempela, lapho abantu abanjalo bebona ukuthi ukholo lwethu lusekelwe ngokuqinile emiBhalweni futhi luthonya yonke indlela yethu yokuphila, indlela abasabela ngayo kuba njengokungathi bathi kwabagcotshiweyo: “Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.”—Zak. 8:23.
Bonisa Uthando LobuKristu Lweqiniso
18. Yini ehilelekile ekuboniseni uthando ngoJehova nangomakhelwane wethu?
18 UJesu wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho,” futhi “kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Math. 22:37, 39) Lolu thando (ngesiGreki i-a·gaʹpe) luwuthando olucabangela izibopho, izimiso nokufaneleka, kodwa ezikhathini eziningi luhlanganisa nomuzwa onamandla. Lungaba nemfudumalo futhi lujule. (1 Pet. 1:22) Luhluke ngokuphelele ebugovwini, ngoba lubonakaliswa ngamazwi nangezenzo ezingenabugovu.—Funda eyoku-1 Korinte 13:4-7.
19, 20. Landisa okunye okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi uthando lobuKristu lunamandla.
19 Ngenxa yokuthi uthando luyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu, lwenza amaKristu eqiniso akwazi ukwenza lokho abanye abangenakukwenza, njengokunqoba ukwahlukana okubangelwa ubandlululo, amasiko nezombusazwe. (Funda uJohane 13:34, 35; Gal. 5:22) Lapho bebona lolo thando, abantu abanjengezimvu bayathinteka. Ngokwesibonelo, lapho insizwa ethile engumJuda iqala ukuya emihlanganweni yobuKristu kwa-Israel, yamangala lapho ibona abazalwane abangamaJuda nabangama-Arabhu bekhulekela uJehova ngobunye. Ngenxa yalokho, yaqala ukuba khona njalo emihlanganweni futhi yamukela isifundo seBhayibheli. Ingabe uyalubonisa uthando olunjalo kubafowenu? Ingabe uyakulwela ukubamukela ngemfudumalo bonke oqala ukubabona eHholo LoMbuso, kungakhathaliseki ukuthi abaluphi uhlanga, ibala, noma isikhundla?
20 NjengamaKristu eqiniso, silwela ukubonisa uthando kubo bonke abantu. E-El Salvador, ummemezeli osemusha wafundela owesifazane ongumKatolika oneminyaka engu-87 ubudala owayengafuni ukushintsha isonto lakhe. Ngolunye usuku, lo gogo wagula wabangwa nezibi waze walaliswa esibhedlela. Lapho esephumile esibhedlela, oFakazi bamvakashela futhi baqinisekisa ukuthi unokudla. Lokhu bakwenza cishe inyanga yonke. Akekho umuntu osonta nalo gogo owamvakashela. Waba yini umphumela? Walahla izithombe zakhe, wasula esontweni lakhe, waphinde waqala ukufundelwa. Yebo, uthando lobuKristu lunamandla! Lungafinyelela izinhliziyo ngezindlela amazwi angasoze akwazi.
21. Singenzani ukuze sibe nekusasa elilondekile?
21 Maduzane, uJesu uzothi kubo bonke abazisholo ukuthi bangabalandeli bakhe: “Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina abenza okungemthetho.” (Math. 7:23) Ngakho-ke, masiqhubeke sithela izithelo ezikhazimulisa uBaba neNdodana. UJesu wathi: “Wonke umuntu owezwayo la mazwi ami awenze uyofaniswa nendoda ehlakaniphile, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.” (Math. 7:24) Yebo, uma sizibonakalisa singabalandeli bakaKristu bangempela, siyokwamukelwa uNkulunkulu, futhi siyoba nekusasa elilondeke njengokungathi lisekelwe edwaleni!
[Umbhalo waphansi]
a Ezinye izincwadi zamuva zesiNgisi zamaKatolika, kuhlanganise ne-Jerusalem Bible, zihumusha i-tetragrammaton ngokuthi “Yahweh.”
Ingabe Uyakhumbula?
• Abalandeli bakaKristu beqiniso bahluke kanjani kwabamanga?
• Yisho ezinye ‘zezithelo’ ezibonakalisa amaKristu eqiniso.
• Imiphi imigomo ongazibekela yona ekuboniseni izithelo zobuKristu?
[Isithombe ekhasini 13]
Ingabe ulisebenzisa njalo iBhayibheli enkonzweni?
[Isithombe ekhasini 15]
Ingabe abanye bayasazi isimo sakho endabeni yemikhosi engqubuzana nemiBhalo?