Indlela KaSathane Yokubusa Ngeke Iphumelele
“Ngeke neze kumhambele kahle omubi.”—UMSH. 8:13.
1. Kungani ukwahlulelwa kwababi okuzayo kuyizindaba eziduduzayo?
AKUSENSUKU ngaki libashonele ababi. Kumelwe nakanjani balandise ngezenzo zabo. (IzAga 5:22; UmSh. 8:12, 13) Ziyaduduza lezo zindaba ikakhulu kulabo abathanda ukulunga futhi abaye babhekana nokungabi nabulungisa nokuphathwa kabi abantu ababi. Ovelele kubantu ababi abazokwahlulelwa nguyise wobubi, uSathane uDeveli.—Joh. 8:44.
2. Kungani kwakudingeka isikhathi ukuze kuxazululwe impikiswano eyaphakanyiswa e-Edene?
2 Emuva le e-Edene, uSathane eqhutshwa ukuzibona ebalulekile, wabangela abantu ukuba benqabe indlela kaJehova yokubusa. Ngenxa yalokho, abazali bethu bokuqala bahlanganyela naye ekubekeleni igunya likaJehova elifanele inselele futhi baba izoni emehlweni aKhe. (Roma 5:12-14) Yebo, uJehova wayazi ukuthi wawuyoba yini umphumela wenkambo yabo yokwedelela nokuhlubuka. Nokho, lowo mphumela ongenakugwenywa kwakumelwe ube sobala kuzo zonke izidalwa ezihlakaniphile. Yingakho kwakudingeka isikhathi ukuze le mpikiswano ixazululwe futhi kuboniswe ingcaca ukuthi lezo zihlubuki zazishaye phansi kwashunqa uthuli.
3. Sibabheka kanjani ohulumeni babantu?
3 Njengoba abantu benqabile ukubuswa uJehova, kwadingeka bamise ezabo izinhlobo zohulumeni. Ebhalela amakholwa ayekanye nawo eRoma, umphostoli uPawulu wakhuluma ngemibuso enjalo yabantu ngokuthi ‘amagunya aphakeme.’ Osukwini lwakhe, la magunya aphakeme ngokuyinhloko ayewuhulumeni waseRoma owawuphethwe uMbusi uNero, owabusa kusukela ngo-54 kuya ku-68 C.E. UPawulu wathi amagunya anjalo aphakeme “ami ezikhundleni zawo ezilinganiselwe ebekwe nguNkulunkulu.” (Funda amaRoma 13:1, 2.) Ingabe lokhu kusho ukuthi uPawulu wayethi ukubusa kwabantu kuphakeme kunendlela kaNkulunkulu yokubusa? Lutho neze. Kunalokho, wayemane esho ukuthi uma nje uJehova esakuvumele ukubusa kwabantu ukuba kube khona, amaKristu kufanele ahloniphe “ilungiselelo likaNkulunkulu” futhi abamukele ababusi abanjalo.
Inkambo Eholela Enhlekeleleni
4. Chaza ukuthi kungani ukubusa kwabantu kuyohluleka.
4 Noma kunjalo, ukubusa kwabantu okuthonywa uSathane kuyohluleka nakanjani. Ngani? Okokuqala, yingoba akusekelwe ekuhlakanipheni kwaphezulu. UJehova kuphela onokuhlakanipha okuphelele. Ngakho, uyena yedwa ongumholi onokwethenjelwa ezindabeni zokubusa okuphumelelayo. (Jer. 8:9; Roma 16:27) Ngokungafani nabantu abavame ukufunda ngokwenza amaphutha, uJehova uhlale azi ukuthi iyiphi indlela engcono kakhulu yokwenza izinto. Noma iliphi ilungiselelo likahulumeni elingalandeli isiqondiso sakhe liyohluleka nakanjani. Ngenxa yaleso sizathu esisodwa—singasabali isisusa esibi esihilelekile—indlela kaSathane yokubusa esebenzisa abantu yayivele izohluleka kwasekuqaleni.
5, 6. Cishe yini eyaholela uSathane kule nkambo yakhe yokuphikisana noJehova?
5 Ngokuvamile umuntu onomqondo ophusile akayenzi into abonayo ukuthi ayizuphumelela. Uma ephikelela nokuyenza, uyophoqeleka ukuba alivume iphutha lakhe. Umlando uye wabonisa kaningi ukuthi ukuphikisana noMdali onguMninimandla onke kuyize. (Funda izAga 21:30.) Nokho, uSathane ephumputhekiswe ukuzibona ebalulekile nokuqhosha, wafulathela uJehova. Ngakho uDeveli wazichoma ebhekile kumalunda.
6 Isimo sengqondo sikaSathane sokugabadela kamuva saboniswa umbusi waseBhabhiloni omazwi akhe okuqhosha afundeka kanje: “Ngizokwenyukela emazulwini. Ngizophakamisela isihlalo sami sobukhosi ngaphezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, futhi ngizohlala entabeni yomhlangano, ezingxenyeni ezikude kakhulu zenyakatho. Ngizokwenyukela ezindaweni eziphakeme zamafu; ngizozenza ngifane noPhezukonke.” (Isaya 14:13-15) Ukubusa kwalowo mbusi ongenangqondo akuzange kuphumelele futhi ubukhosi baseBhabhiloni baphela ngendlela eyihlazo. Ngokufanayo, uSathane nezwe lakhe bazonqotshwa maduzane.
Kungani UNkulunkulu Ekuvumele?
7, 8. Iziphi ezinye zezinzuzo zokuvumela kukaJehova ububi ukuba bube khona isikhathi esithile?
7 Abanye bangase bazibuze ukuthi kungani uJehova engazange abavimbe abantu ukuba bangachemi noSathane futhi bangalandeli indlela yokubusa eyayizohluleka nakanjani. Njengoba enguNkulunkulu uMninimandla onke, wayengakwenza kahle kakhulu lokhu. (Eks. 6:3) Noma kunjalo, akakwenzanga. Ukuhlakanipha kwakhe kwamenza wabona ukuthi ukungangeneli ekuhlubukeni kwabantu okwesikhashana kwakuyoba nemiphumela engcono kakhulu ekugcineni. Makhathaleni, kwakuyobonakala ukuthi unguMbusi olungile nonothando, futhi abantu abathembekile babeyozuza kuleso sinqumo sikaNkulunkulu.
8 Yeka usizi abantu ababeyolugwema ukube benqaba lapho uSathane ebanxenxa futhi benqaba ukusungula inkambo yokuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu! Kodwa isinqumo sikaJehova sokuvumela abantu ukuba bazibuse isikhathi esithile siye saba nezinzuzo. Siye sakugcizelela kakhulu kubantu abanezinhliziyo ezinhle ukuthi kuwuhlakanipha ukulalela uNkulunkulu nokuthembela kuye. Phakathi namakhulu eminyaka, abantu baye bazama izinhlobo eziningi zohulumeni, kodwa awukho nowodwa kubo oye wazibonisa uphumelela. Lelo qiniso liye lenza abakhulekeli bakaNkulunkulu baqiniseka ukuthi bakholelwa ngokufanele ukuthi indlela kaJehova yokubusa iyona engcono kakhulu ngempela. Kuyavunywa, ukuvumela kukaJehova ukubusa kukaSathane okubi kuye kwaletha ubunzima esintwini nakulabo abakhulekela uNkulunkulu ngokwethembeka. Noma kunjalo, ukuvunyelwa kobubi okwesikhashana kuye futhi kwabazuzisa laba bakhulekeli abathembekile.
Ukuhlubuka Okuholele Ekukhazinyulisweni KukaJehova
9, 10. Chaza indlela ukubusa kukaSathane okuholela ngayo ekukhazinyulisweni kukaJehova.
9 Ukuvumela abantu ukuba bathonywe uSathane futhi bazibuse akuzange neze kululaze indlela kaJehova yokubusa. Kunalokho, umlando ubonisa ukuthi ayiqiniso amazwi uJeremiya aphefumulelwa ukuba awasho athi abantu abakwazi ukuzibusa. (Funda uJeremiya 10:23.) Ngaphezu kwalokho, ukuhlubuka kukaSathane kuye kwanikeza uJehova ithuba lokubonisa izimfanelo zakhe ezinhle ngendlela evelele. Kanjani?
10 Lapho izimfanelo zikaJehova eziphelele ziqhathaniswa nemiphumela eyinhlekelele yokubusa kukaSathane, zigqama nakakhulu kunangendlela ezaziyobonakala ngayo. Ngale ndlela, labo abamthandayo baye babubona kahle kakhulu ubukhulu bakhe. Yebo, nakuba kungase kuzwakale kuyindida, indlela kaSathane yokubusa empeleni iye yakhazimulisa uNkulunkulu. Iye yagqamisa indlela enhle kakhulu uJehova aye wayisingatha ngayo le nselele eyabekelwa ubukhosi bakhe. Ukuze sicacise leli qiniso, ake sicabangele kafushane ezinye zezimfanelo zikaJehova futhi sibone indlela ukubusa kukaSathane okuye kwashukumisela ngayo uJehova ukuba abonise lezi zimfanelo nangezinye izindlela ezengeziwe.
11. UJehova uye walubonakalisa kanjani uthando?
11 Uthando. ImiBhalo isitshela ukuthi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Joh. 4:8) Ukudalwa kwabantu ngokwako kuyisibonakaliso sothando lukaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, indlela ebabazekayo nemangalisayo esenziwe ngayo ifakazela uthando lukaNkulunkulu. UJehova wabonisa uthando nangokunikeza abantu ikhaya elihle elalinakho konke ababekudinga ukuze bajabule. (Gen. 1:29-31; 2:8, 9; IHu. 139:14-16) Kodwa kwathi lapho kuqala ububi emkhayeni wesintu, uJehova wabonisa uthando lwakhe ngezindlela ezintsha. Kanjani? Umphostoli uJohane ucaphuna uJesu ethi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Joh. 3:16) Ikhona yini indlela uJehova ayengabonisa ngayo uthando lwakhe ngesintu edlula ukuthumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni ukuze ahlenge izoni? (Joh. 15:13) Lesi sibonakaliso esikhulu sothando siye futhi saba isibonelo kubantu, sibanika ithuba lokuba ekuphileni kwabo kwansuku zonke, njengoJesu, balingise uthando lokuzidela oluboniswe uNkulunkulu.—Joh. 17:25, 26.
12. UJehova uwabonisa ngayiphi indlela amandla akhe?
12 Amandla. ‘NguNkulunkulu uMninimandla’ kuphela onamandla okudala ukuphila. (IsAm. 11:17; IHu. 36:9) Ngokomfanekiso, lapho abantu bezalwa basuke benjengephepha elingabhalwe lutho. Lapho befa, lelo phepha lisuke selibhalwe izinqumo, izenzo, nezinto umuntu aye wahlangabezana nazo eziye zalolonga ubuyena nobuntu bakhe. Leyo mininingwane ingagcinwa enkumbulweni kaJehova. Ngesikhathi esifanele, angabuyisela lowo muntu ekuphileni enayo yonke imininingwane yokuphila kwakhe emenza ahluke kwabanye. (Joh. 5:28, 29) Ngakho, nakuba ukufa kwakungeyona injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngabantu, kuye kwamnikeza ithuba lokubonisa ukuthi amandla akhe afinyelela nangale kwethuna. Ngempela, uJehova ‘unguNkulunkulu uMninimandla onke.’
13. Umhlatshelo kaJesu waba kanjani ukubonakaliswa kobulungisa bukaJehova obuphelele?
13 Ubulungisa. UJehova akawaqambi amanga; futhi akenzi ngendlela enganabulungisa. (Dut. 32:4; Thithu 1:2) Ngaso sonke isikhathi unamathela ezindinganisweni eziphakeme kakhulu zeqiniso nobulungisa, ngisho noma ukwenza kanjalo kubonakala kumlahlekisela okuthile. (Roma 8:32) Yeka ukuthi kumelwe ukuba uJehova wezwa ubuhlungu kangakanani lapho ebona iNdodana yakhe ayithandayo ifa esigxotsheni sokuhlushwa ngokungathi ingumhlambalazi ongathembekile! Noma kunjalo, ngenxa yothando lwakhe ngabantu abangaphelele, wayezimisele ukuvumela leso senzakalo esibuhlungu ukuba senzeke ukuze anamathele endinganisweni yakhe ephelele yobulungisa. (Funda amaRoma 5:18-21.) Izwe eligcwele ukungabi nabulungisa lanika uJehova ithuba lokubonisa ukuthi unobulungisa obuseqophelweni lakhe yedwa.
14, 15. Iziphi ezinye zezindlela ukuhlakanipha nokubekezela kukaJehova okukhulu kakhulu okuye kwabonakaliswa ngazo?
14 Ukuhlakanipha. Masinyane ngemva kokona kuka-Adamu no-Eva, uJehova wembula indlela ayezoyilungisa ngayo yonke imiphumela emibi eyayibangelwe ukuhlubuka kwabo. (Gen. 3:15) Leso sinyathelo esisheshayo, kanye nokwembula kwakhe ngokuqhubekayo imininingwane yale njongo yakhe ezincekwini zakhe, kwenza ukuhlakanipha kukaJehova kwagqama kakhulu. (Roma 11:33) Akukho lutho olungathiya ikhono likaNkulunkulu lokusingatha izindaba ngendlela ephumelelayo. Ezweni eligcwele ukuziphatha okubi, impi, ukungabi nangqondo, ukungalaleli, ukungabi nasihe, ubandlululo nobuzenzisi, uJehova uye waba nethuba elanele lokubonisa ezidalweni zakhe ukuthi ukuhlakanipha kwangempela kuyini. Umfundi uJakobe wathi: “Ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, kunokuthula, kuyabonelela, kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, akuhlukanisi abantu ngokukhetha, akuzenzisi.”—Jak. 3:17.
15 Isineke Nokubekezela. Isineke nokubekezela kukaJehova mhlawumbe kwakungeke kuvelele kahle kangaka ukube kwakungazange kudingeke ukuba asebenzelane nabantu abangaphelele, abanesono namaphutha. Ukuzimisela kukaJehova ukwenza kanjalo izinkulungwane zeminyaka kubonisa ukuthi unalezi zimfanelo ezimangalisayo ngezinga eliphelele futhi kufanele simbonge kakhulu ngokwenzenjalo. Umphostoli uPetru washo kahle ukuthi kufanele ‘sibheke ukubekezela kweNkosi yethu njengensindiso.’—2 Pet. 3:9, 15.
16. Kungani ukuzimisela kukaJehova ukuthethelela kuletha injabulo enkulu?
16 Ukuzimisela Ukuthethelela. Sonke siyizoni, futhi siyakhubeka kaningi. (Jak. 3:2; 1 Joh. 1:8, 9) Yeka ukuthi kufanele simbonge kangakanani uJehova ngokuthi uzimisele ukuthethelela “ngendlela enkulu”! (Isaya 55:7) Cabanga nangaleli qiniso: Ukuzalwa kwethu siyizoni ezingaphelele kusenza sinambithe injabulo enkulu eba khona lapho uNkulunkulu ethethelela amaphutha ethu. (IHu. 51:5, 9, 17) Ukusinambitha mathupha leso sici sikaJehova esithinta inhliziyo kujulisa uthando lwethu ngaye futhi kusikhuthaze ukuba silingise isibonelo sakhe ekusebenzelaneni kwethu nabanye.—Funda abaseKolose 3:13.
Okwenza Izwe Ligule
17, 18. Indlela kaSathane yokubusa iye yahluleka kanjani?
17 Sonke isimiso sezwe likaSathane—esivezwe indlela yakhe yokubusa—besilokhu sihluleka njalo nangokuphindaphindiwe phakathi namakhulu eminyaka. Ngo-1991, iphephandaba i-European lathi: “Ingabe izwe liyagula? Yebo, ligula impela, kodwa . . . akusona isenzo sikaNkulunkulu—isifo saleli zwe sabangelwa abantu balo.” Aweve eyiqiniso lawo mazwi! Bethonywe uSathane, abazali bethu bokuqala bakhetha ukubusa kwabantu kunokubuswa uJehova. Ngaleyo ndlela baqala indlela yokubusa eyayizokwehluleka nakanjani. Ubuhlungu nosizi lwabantu emhlabeni wonke kuyizimpawu zokuthi ukubusa kwabantu kuphethwe isifo esesabekayo.
18 Indlela kaSathane yokubusa ikhuthaza ubugovu. Nokho, ubugovu abusoze balunqoba uthando, oluyisisekelo sendlela kaJehova yokubusa. Indlela kaSathane yokubusa iye yahluleka ukuletha ukuzinza, injabulo noma ukulondeka. Indlela kaJehova yokubusa iye yaboniswa ingcono kakhulu! Ingabe sinabo ubufakazi banamuhla balokho? Impela sinabo, njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo.
Sifundeni Ngokubusa . . .
[Izithombe ekhasini 25]
Ukubusa kukaSathane akukaze kusizuzise isintu
[Imithombo]
U.S. Army photo
WHO photo by P. Almasy
[Isithombe ekhasini 26]
Amandla kaJehova afinyelela nangale kwethuna
[Isithombe ekhasini 27]
Uthando nobulungisa bukaJehova babonakala emhlatshelweni weNdodana yakhe