Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 2/15 kk. 3-5
  • Ingabe Ubheka UJehova NjengoYihlo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ubheka UJehova NjengoYihlo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova—UMondli Onothando
  • UBaba Wethu—‘Umvikeli Onothando’
  • Yeka Indlela Esizuza Ngayo!
  • UBaba Wethu ‘Ubambé Isandla Sethu Sokunene’
  • UJehova UBaba Wethu Usithanda Kakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • ‘Indodana Iyathanda Ukwambula UYise’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • “Noma Nini Lapho Nithandaza, Anothi, ‘Baba’”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Sondelana Nomndeni Wakho Ongokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 2/15 kk. 3-5

Ingabe Ubheka UJehova NjengoYihlo?

“NKOSI, sifundise ukuthandaza.” Lapho omunye wabafundi bakaJesu enza lesi sicelo, wamphendula: “Noma nini lapho nithandaza, anothi, ‘Baba, malingcweliswe igama lakho.’” (Luka 11:1, 2) UJesu wayengasebenzisa kuJehova iziqu ezihlaba umxhwele ezinjengalezi: “Mninimandla onke,” ‘Mfundisi Omkhulu,’ “Mdali,” “oMdala Wezinsuku” nesithi ‘Nkosi engunaphakade.’ (Gen. 49:25; Isaya 30:20; 40:28; Dan. 7:9; 1 Thim. 1:17) Esikhundleni salokho, uJesu wakhetha ukusebenzisa igama elithi “Baba.” Kungani? Mhlawumbe ufuna ukuba sisondele kuMuntu omkhulu kunabo bonke endaweni yonke ngendlela ingane ethobekile ekhuluma ngayo noyise onothando.

Nokho, abanye abantu bakuthola kunzima ukubheka uNkulunkulu njengoYise. UmKristu ogama lakhe lingu-Atsukoa uyavuma, “Kwaphela iminyaka eminingi ngibhapathiziwe kunzima ukuba ngisondele kuJehova futhi ngithandaze kuye njengoBaba.” Echaza isizathu sale nkinga uthi, “Angikhumbuli ubaba ongizalayo engibonisa uthando.”

Kulezi zinsuku zokugcina ezibucayi, kuyadabukisa ukuthi “uthando” umuntu alindele ukuluthola kuyise alukho. (2 Thim. 3:1, 3) Ngakho, kuvamile ukuba abantu babe nemizwa efana neka-Atsuko. Nokho, kuyakhuthaza ukwazi ukuthi sinezizathu ezinhle zokubheka uJehova njengoBaba wethu onothando.

UJehova—UMondli Onothando

Ukuze sikwazi ukubheka uJehova njengoBaba wethu, kudingeka simazi kahle. UJesu wathi: “Akukho muntu omazi ngokugcwele uYise ngaphandle kweNdodana kanye nanoma ubani iNdodana ethanda ukumambula kuye.” (Math. 11:27) Indlela enhle kakhulu yokwazi ukuthi uJehova unguBaba onjani iwukuzindla ngalokho uJesu akwembula ngoNkulunkulu weqiniso. Ngakho-ke, yini ayembula ngoYise?

Eqaphela uJehova njengoMthombo wokuphila kwakhe, uJesu wathi: “Ngiphila ngenxa kaBaba.” (Joh. 6:57) Nathi siphila ngenxa kaBaba. (IHu. 36:9; IzE. 17:28) Yini eyashukumisela uJehova ukuba anikeze abanye ukuphila? Akulona yini uthando? Ngokuqinisekile, isipho esinjengalesi kufanele sisenze ukuba nathi simthande uBaba wethu osezulwini.

Isibonakaliso esikhulu kunazo zonke sothando lukaNkulunkulu ngesintu kwaba ilungiselelo lomhlatshelo wesihlengo kaJesu. Lesi senzo sothando senza abantu abanesono bakwazi ukuba nobuhlobo obuseduze noJehova ngeNdodana yakhe ethandekayo. (Roma 5:12; 1 Joh. 4:9, 10) Ngenxa yokuthi uBaba wethu osezulwini unguMgcwalisi wezithembiso zakhe, singaqiniseka ukuthi bonke abamthandayo nabamlalelayo ekugcineni bayothola ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’—Roma 8:21.

UBaba wethu osezulwini wenza nokuba “ilanga lakhe liphume” nsuku zonke. (Math. 5:45) Kungenzeka asikuboni kudingeka ukuthandazela ukuphuma kwelanga. Kodwa, asive silidinga futhi siyijabulela imisebe yalo esifudumezayo. Ngaphezu kwalokho, uBaba wethu unguMondli ongenakuqhathaniswa ozaziyo izidingo zethu nangaphambi kokuba simcele. Ngakho-ke, akufanele yini sizinike isikhathi sokubheka nokuzindla ngokwazisa ngendlela uBaba wethu wasezulwini anakekela ngayo indalo yakhe?—Math. 6:8, 26.

UBaba Wethu—‘Umvikeli Onothando’

Isiprofetho sika-Isaya saqinisekisa abantu bakaNkulunkulu basendulo: “Izintaba ziyogudluka namagquma ayendayende, kodwa ubungane bami nani abusoze bagudluka nesivumelwano sami sokuthula asisoze sayendayenda, kusho umvikeli wenu onothando uJehova.” (Isaya 54:10, The Bible in Living English) Leli phuzu ligcizelelwa nawumthandazo uJesu awenza ngobusuku bakhe bokugcina esemhlabeni obonisa ukuthi ngempela uJehova ‘ungumvikeli onothando.’ Mayelana nabafundi bakhe, uJesu wathandaza: “Basezweni kanti mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, babheke ngenxa yegama lakho siqu.” (Joh. 17:11, 14) UJehova uye wababheka futhi wabavikela abalandeli bakaJesu.

Enye indlela uNkulunkulu asivikela ngayo ezingibeni zikaSathane namuhla iwukusinikeza ukudla okungokomoya okufika ngesikhathi ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Math. 24:45) Kudingeka sikudle lokhu kudla okusinika amandla ukuze sigqoke “zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu.” Ngokwesibonelo, cabanga ‘ngesihlangu esikhulu sokholo,’ esikwazi ngaso “ukucima yonke imicibisholo evuthayo yomubi.” (Efe. 6:11, 16) Ukholo lwethu lusivikela ekulimaleni ngokomoya futhi luwubufakazi bamandla kaBaba wethu okusivikela.

Singafunda okwengeziwe ngothando lukaBaba wethu osezulwini ngokucabangisisa ngendlela iNdodana yakhe eyaziphatha ngayo ngesikhathi isemhlabeni. Phawula ukulandisa okukuMarku 10:13-16. Lapho, uJesu ucashunwa ethi kubafundi bakhe: “Bayekeni abantwana beze kimi.” Njengoba labo bantwana bemngunga, uJesu wabanga ngothando futhi wababusisa. Yeka ukuthi kumelwe ukuba ubuso babo bachachamba kanjani injabulo! Njengoba uJesu athi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi,” siyazi ukuthi uNkulunkulu weqiniso ufuna ukuba size kuye.—Joh. 14:9.

UJehova unguMthombo wothando ongenamkhawulo. UnguMondli noMvikeli ongenakuqhathaniswa ofuna sisondele kuye. (Jak. 4:8) Ngakho, ngokungangabazeki uJehova unguBaba omuhle ukubedlula bonke!

Yeka Indlela Esizuza Ngayo!

Sizuza kakhulu ngokuthembela kuJehova njengoBaba wethu wasezulwini onothando. (IzAga 3:5, 6) UJesu wazuza ngokuthembela kuYise ngokuphelele. UKristu watshela abafundi bakhe: “Angingedwa, kodwa uBaba ongithumileyo unami.” (Joh. 8:16) Ngaso sonke isikhathi uJesu wayeqiniseka ngokuthi uJehova uyamsekela. Ngokwesibonelo, lapho ebhapathizwa uYise wamqinisekisa ngothando: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” (Math. 3:15-17) Ngaphambi nje kokuba afe, uJesu wamemeza: “Baba, ngiyawubeka umoya wami ezandleni zakho.” (Luka 23:46) Ukuthembela kukaJesu kuYise kwakusaqine njengangaphambili.

Nakithi kungaba njalo. Uma uJehova engakithi, singesabani? (IHu. 118:6) U-Atsuko, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wayejwayele ukuthembela emandleni akhe lapho ebhekene nezinkinga. Kodwa wabe eseqala ukutadisha ngokuphila nenkonzo kaJesu, wagxila ikakhulu ebuhlotsheni ayenabo noYise osezulwini. Waba yini umphumela? U-Atsuko uthi: “Ngafunda ukuthi kusho ukuthini ukuba noBaba futhi uthembele kuye.” Uyanezela: “Ngathola ukuthula nenjabulo yangempela. Ngempela, asinasizathu sokukhathazeka nganoma yini.”

Iyiphi enye indlela esizuza ngayo ngokubheka uJehova njengoBaba wethu? Ngokuvamile, izingane ziyabathanda abazali bazo futhi zifuna ukubajabulisa. Ishukunyiswa uthando, iNdodana kaNkulunkulu ‘ngaso sonke isikhathi yenza izinto ezijabulisa uYise.’ (Joh. 8:29) Ngokufanayo, uthando lwethu ngoBaba wethu wasezulwini lungasishukumisela ukuba senze ngokuhlakanipha futhi ‘simdumise obala.’—Math. 11:25; Joh. 5:19.

UBaba Wethu ‘Ubambé Isandla Sethu Sokunene’

UBaba wethu osezulwini usinike ‘nomsizi’—umoya wakhe ongcwele. UJesu wathi ngawo: “Uyonihola kulo lonke iqiniso.” (Joh. 14:15-17; 16:12, 13) Umoya ongcwele kaNkulunkulu ungasenza simqonde kangcono uBaba wethu. Ungasisiza ukuba sigumbuqele “izinto ezimbelwe ngokuqinile,” okungukuthi, imibono esasinayo, emibi noma esontekile, ngaleyo ndlela ‘sithumbe yonke imicabango ukuze siyenze ilalele uKristu.’ (2 Kor. 10:4, 5) Ngakho-ke, masithandazele “umsizi” othenjisiwe, siqiniseka ukuthi ‘uBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye.’ (Luka 11:13) Kuyafaneleka nokuthandazela ukuba umoya ongcwele usisize sisondele kakhulu kuJehova.

Ingane izizwa iphephile, ilondekile futhi ingesabi lapho ihamba noyise eyibambe ngesandla. Uma ngempela ubheka uJehova njengoYihlo, ungaqiniseka ngala mazwi aduduzayo: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’” (Isaya 41:13) Ungaba nelungelo elimangalisayo ‘lokuhamba’ noNkulunkulu phakade. (Mika 6:8) Qhubeka wenza intando yakhe, futhi uyoluzwa uthando, injabulo nomuzwa wokulondeka olethwa ukubheka uJehova njengoYihlo.

[Umbhalo waphansi]

a Igama lishintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela