Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 7/1 kk. 19-22
  • “Noma Nini Lapho Nithandaza, Anothi, ‘Baba’”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Noma Nini Lapho Nithandaza, Anothi, ‘Baba’”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isiqiniseko Sokwamukelwa UBaba Wethu
  • UNkulunkulu Wobubele
  • UBaba Wethu Uyasivikela
  • UBaba Wethu Osezulwini Uyasiyala
  • UBaba Wethu Unakekela Izidingo Zethu Ezingokwenyama
  • Ukwazisa Uthando LukaBaba Wethu
  • UJehova UBaba Wethu Usithanda Kakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Ingabe Ubheka UJehova NjengoYihlo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Sondelana Nomndeni Wakho Ongokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • UBaba Ongenakuqhathaniswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 7/1 kk. 19-22

“Noma Nini Lapho Nithandaza, Anothi, ‘Baba’”

“Baba.” Kufikani engqondweni yakho uma uzwa leli gama? Indoda enothando eyikhathalela ngokujulile inhlalakahle yomndeni wayo? Noma indoda engenandaba, mhlawumbe ngisho ehlukumezayo? Okuningi kuxhomeke ekutheni ubaba wakho wayengumuntu onjani.

IGAMA elithi “Baba” lalivame ukusetshenziswa uJesu lapho ekhuluma noNkulunkulu nalapho ekhuluma ngaye.a Lapho efundisa abalandeli bakhe ukuthandaza, uJesu wathi: “Noma nini lapho nithandaza, anothi, Baba.” (Luka 11:2) Kodwa uJehova uluhlobo luni lukababa? Impendulo yalo mbuzo ibaluleke kakhulu. Kungani? Lapho sesazi kangcono ukuthi uJehova uluhlobo luni lukababa, siyosondela nakakhulu kuye futhi simthande ngokwengeziwe.

Akekho okufanelekela kangcono ukusitshela ngoBaba wethu osezulwini kunoJesu uqobo lwakhe. Wayesondelene kakhulu noYise. UJesu wathi: “Akekho oyazi ngokugcwele iNdodana ngaphandle kukaYise, futhi akukho muntu omazi ngokugcwele uYise ngaphandle kweNdodana kanye nanoma ubani iNdodana ethanda ukumambula kuye.” (Mathewu 11:27) Nokho, indlela engcono kunazo zonke yokwazi uBaba iwukufunda ngeNdodana.

Yini esingayifunda kuJesu ngoBaba wethu osezulwini? Cabanga ngala mazwi ashiwo uJesu: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Amazwi kaJesu lapha aqokomisa imfanelo evelele kaBaba wethu osezulwini—uthando. (1 Johane 4:8) UJehova ubonakalisa uthando lwakhe ngezindlela eziningi, ngokusamukela, ngokusibonisa ububele, ngokusivikela, ngokusiyala nangokunakekela izidingo zethu.

Isiqiniseko Sokwamukelwa UBaba Wethu

Izingane zithola amandla nesibindi lapho zibona ukuthi abazali bazo bayazamukela. Cabanga nje ukuthi wazizwa ekhuthazeke kanjani uJesu ngesikhathi ezwa uYise ethi: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” (Mathewu 3:17) UJesu naye usiqinisekisa ngothando lukaBaba nokuthi uyasamukela. Wathi: “Lowo ongithandayo uyothandwa nguBaba.” (Johane 14:21) Yeka amazwi aduduzayo! Nokho, kunomuntu ofuna ukukuphuca leyo nduduzo.

USathane uzama ukutshala ukungabaza ezingqondweni zethu mayelana nokwamukelwa uBaba wethu osezulwini. Ufuna ukusenza sikholelwe ukuthi asikufanelekeli ukwamukelwa. Uvame ukwenza lokhu lapho singenamandla—sihlaselwe ukugula, ubuthaka noma ukuguga nalapho sinomuzwa wokuba izehluleki noma sidumazekile. Cabanga ngendaba yensizwa ogama layo uLucas, eyayizizwa ingakufanelekeli ukwamukelwa uNkulunkulu. ULucas uthi abazali bakhe bashintsha kakhulu ngesikhathi esakhula, balahla izimiso zokuziphatha eziningi ababemfundise zona. Mhlawumbe yikhona lokho okwenza kwaba nzima ngaye ukuba abe nobuhlobo noBaba wakhe osezulwini. Ngaphezu kwalokho, uLucas ungumuntu onamawala ngokwemvelo, ngakho wayevame ukungena ezinkingeni ikakhulukazi lapho esebenzelana nabanye. Nokho, kancane kancane, isineke somkakhe—uLucas ambiza ngokuthi “isibusiso esikhethekile, isipho esivela kuNkulunkulu”—nesikhuthazo kwamsiza ukuba alawule ubuntu bakhe. Waqaphela ukuthi “uKristu Jesu weza ezweni ezosindisa izoni.” (1 Thimothewu 1:15) Uthi ukuzindla ngothando lukaNkulunkulu nokwamukelwa nguye kumnikeze injabulo nokwaneliseka.

Uma ngezinye izikhathi uzithola ungabaza ukuthi uJehova uyakuthanda noma uyakwamukela, kungase kukukhuthaze ukufunda nokuzindla ngamaRoma 8:31-39. Kulo mBhalo, umphostoli uPawulu usiqinisekisa ngokuthi akukho ‘okungasihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.’b

UNkulunkulu Wobubele

UBaba wethu osezulwini uyakubona ukuhlupheka kwethu. UnguNkulunkulu ‘wobubele.’ (Luka 1:78) UJesu wabonisa ububele bukaYise ngabantu abangaphelele. (Marku 1:40-42; 6:30-34) AmaKristu eqiniso nawo alwela ukulingisa ububele bukaBaba wawo osezulwini. Alalela iseluleko seBhayibheli sokuba ‘nomusa komunye nomunye, enobubele besisa.’—Efesu 4:32.

Cabanga ngendaba yendoda okuthiwa uFelipe. Langa limbe isendleleni eya emsebenzini, yahlatshwa ubuhlungu obumangalisayo, kwaba njengokungathi kukhona oyigwaza emhlane. UFelipe waphuthunyiswa esibhedlela. Ngemva kokuxilongwa amahora angu-8, odokotela bagcina bethole ukuthi ulwelwesi lwangaphakathi lomthambo i-aorta ludabukile. Bathi usalelwe imizuzu engu-25 kuphela ephila futhi ngeke kusasiza ngalutho ukumhlinza.

Abanye abakhulekeli abakanye noFelipe babekhona futhi ububele babo babashukumisela ukuba benze okuthile. Bahlela ngokushesha ukuba aphuthunyiswe kwesinye isibhedlela, lapho afike wahlinzwa khona ngokushesha futhi bahlala eduze kwakhe kwaze kwaphela. Ngokujabulisayo, uFelipe wasinda kuleso sigameko. Uma ebheka emuva, uyabonga ngobubele abuboniswa abakhulekeli akanye nabo. Kodwa uyaqiniseka ngokuthi uYise osezulwini owabashukumisa ukuba babonise ububele. UFelipe uthi: “Kwakunjengokungathi uNkulunkulu, njengobaba onothando, umi eduze kwami ukuze angiqinise.” Ngempela, uJehova uvame ukubonisa ububele bakhe ngokushukumisa izinceku zakhe emhlabeni ukuba zibonise le mfanelo.

UBaba Wethu Uyasivikela

Lapho ingane yethukile ibalekela kuyise ukuze ithole isivikelo. Izizwa iphephile lapho uyise eyanga ngothando. UJesu wayemethemba ngokuphelele uJehova njengomvikeli. (Mathewu 26:53; Johane 17:15) Nathi singathola isivikelo kuBaba wethu osezulwini. Isivikelo esikhulu uJehova asinikezayo namuhla esingokomoya. Ngamanye amazwi, usivikela ekonakalisweni ngokomoya ngokusihlomisa ngesikudingayo ukuze sigweme izingozi futhi silondoloze ubuhlobo naye. Enye indlela anikeza ngayo isivikelo iwukusinikeza iseluleko esivela eBhayibhelini. Lapho sithola iseluleko esinjalo, kuba njengokungathi uJehova uhamba emva kwethu, ethi: “Nansi indlela. Hambani ngayo”—Isaya 30:21.

Cabanga ngesibonelo sikaTiago nomfowabo uFernando noRafael, ababengamalungu eqembu le-rock-and-roll. Bajabula kakhulu ngesikhathi bekhethelwa ukuyodlala umculo ehholo elidumile laseSão Paulo, eBrazil. Kwakubonakala sengathi impumelelo iyabalandela. Nokho, omunye umkhulekeli okanye nabo wabaxwayisa ngezingozi zokuzihlanganisa nalabo abaphila ngendlela engabonisi inhlonipho ngezindlela zikaNkulunkulu. (IzAga 13:20) Wakhuluma ngeseluleko esisekelwe eBhayibhelini ngokubalandisa okwenzeka kuye uqobo. Umfowabo wayehileleke ezenzweni ezimbi ngenxa yokuzihlanganisa nabangani ababi. UTiago nabafowabo banquma ukuwuyeka umculo. Njengamanje bobathathu basenkonzweni yamaKristu yesikhathi esigcwele. Bakholelwa ukuthi ukulalela isiluleko esitholakala eZwini likaNkulunkulu kwabavikela ekulimaleni ngokomoya.

UBaba Wethu Osezulwini Uyasiyala

Ubaba onothando uyaziyala izingane zakhe, ngoba unendaba nokuthi ziyokhula zibe abantu abanjani. (Efesu 6:4) Ubaba onjalo angaqina, kodwa akalokothi abe nokhahlo lapho eyala izingane zakhe. Ngokufanayo, uBaba wethu osezulwini ngezinye izikhathi angakuthola kufaneleka ukuba asiyale. Kodwa isiyalo sikaNkulunkulu sihlale sinikezwa ngothando futhi asinalo unya. NjengoYise, uJesu wayengenalo ukhahlo, ngisho nalapho abafundi bengasheshi ukusabela esiqondisweni.—Mathewu 20:20-28; Luka 22:24-30.

Phawula indlela indoda okuthiwa uRicardo eyakwazisa ngayo ukuyalwa uJehova ngothando. URicardo walahlwa ubaba wakhe enezinyanga ezingu-7 kuphela. Lapho esevile eminyakeni eyishumi nambili wasizwa isikhala sikayise. Waba nemikhuba emibi futhi unembeza wakhe waqala ukumhlupha. Eqaphela ukuthi ukuphila kwakhe akuhambisani nemithetho yobuKristu yokuziphatha, wanquma ukukhuluma nabadala ebandleni langakubo. Abadala bamnikeza isiyalo esiqinile kodwa esinothando esisekelwe eBhayibhelini. URicardo wasijabulela isiyalo kodwa waqhubeka ehlushwa unembeza ngalokho ayekwenzile—wayeqwasha, ekhala izinyembezi futhi ecindezelekile. Ekugcineni, waqaphela ukuthi ukuyalwa kusho ukuthi uJehova usamthanda. URicardo wakhumbula amazwi akumaHebheru 12:6, athi: “UJehova uyamyala lowo amthandayo.”

Kufanele sikhumbule ukuthi isiyalo sihilela okungaphezu kwesijeziso noma ukusolwa. IBhayibheli liphinde lihlobanise isiyalo nokuqeqeshwa. UBaba wethu onothando angasiyala ngokuvumela ukuba sibhekane nemiphumela ebuhlungu yamaphutha ethu okwesikhashana. Nokho, iBhayibheli lithi isiyalo sakhe siyasiqeqesha, sisisize ukuba siphishekele inkambo enhle. (Hebheru 12:7, 11) Yebo, uBaba wethu ukhathazeke ngempela ngenhlalakahle yethu futhi usiyala ngokwenzuzo yethu.

UBaba Wethu Unakekela Izidingo Zethu Ezingokwenyama

Ubaba onothando uyaqikelela ukuba anakekele izidingo ezingokwenyama zomkhaya wakhe. UJehova wenza okufanayo. UJesu wathi: “UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto.” (Mathewu 6:25-34) UJehova uyathembisa: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.”—Hebheru 13:5.

Owesifazane okuthiwa uNice wafunda ubuqiniso balawo mazwi lapho umyeni wakhe ephelelwa umsebenzi. Wayesanda kushiya umsebenzi oholela kahle ukuze abe nesikhathi esengeziwe namadodakazi akhe amabili nesenkonzo kaNkulunkulu. Kodwa manje base bezophila ngani? Wathandaza kuJehova. Ngosuku olulandelayo, umyeni wakhe waphindela lapho ayesebenza khona eyolanda izinto zakhe. Wamangala lapho umphathi wakhe emtshela ukuthi kunesikhala somsebenzi! Ngakho umyeni kaNice walahlekelwa umsebenzi namuhla wawuthola ngakusasa. UNice nomyeni wakhe babonga uBaba wabo osezulwini ngalokho. Okuhlangenwe nakho kwabo kusikhumbuza ukuthi uMnakekeli wethu onothando, uJehova, akazikhohlwa izinceku zakhe ezithembekile.

Ukwazisa Uthando LukaBaba Wethu

Yiqiniso, awekho amagama angachaza uthando olumangalisayo lukaBaba wethu osezulwini! Uma sicabanga ngezindlela ezihlukahlukene abonakalisa ngazo uthando lwakhe—ngokusamukela, ngokusibonisa ububele, ngokusivikela, ngokusiyala nangokunakekela izidingo zethu—singaphetha ngokuthi ungubaba ongcono kunabo bonke ongase ubacabange!

Singabonisa kanjani ukuthi siyalwazisa uthando uBaba wethu osezulwini asibonise lona? Singenza umzamo wokufunda okwengeziwe ngaye nangezinjongo zakhe. (Johane 17:3) Singavumelanisa ukuphila kwethu nentando nezindlela zakhe. (1 Johane 5:3) Singabonakalisa uthando lwakhe ngendlela esisebenzelana ngayo nabanye. (1 Johane 4:11). Ngazo zonke izindlela, singabonisa ukuthi sibheka kuJehova njengoBaba wethu futhi sikubheka njengelungelo ukuba izingane zakhe.

[Imibhalo yaphansi]

a ImiBhalo ivame ukukhuluma ngokuthi uJehova ungubaba. Ngokwesibonelo, sifunda ngoJesu esebenzisa igama elithi “Baba” izikhathi ezingaba ngu-65 emaVangelini amathathu okuqala nezikhathi ezingaphezu kwekhulu eVangelini likaJohane. NoPawulu ubiza uNkulunkulu ngokuthi “Baba” izikhathi ezingaphezu kuka-40 ezincwadini zakhe. UJehova unguBaba wethu ngomqondo wokuthi uyena onguMthombo wokuphila.

b Bheka isahluko 24, esithi “Akukho Lutho ‘Olungasihlukanisa Nothando LukaNkulunkulu,’” encwadini ethi Sondela KuJehova enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

Lapho sesazi kangcono ukuthi uJehova uluhlobo luni lukababa, siyosondela nakakhulu kuye futhi simthande ngokwengeziwe

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]

Singabonisa ukuthi sibheka kuJehova njengoBaba wethu futhi sikubheka njengelungelo ukuba izingane zakhe

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 21]

UJEHOVA UBONISA UTHANDO LWAKHE OLUNJENGOLUKABABA NGEZINDLELA EZININGI

NGOKUSAMUKELA

NGOKUSIBONISA UBUBELE

NGOKUSIVIKELA

NGOKUSIYALA

NGOKUSISEKELA NGOKWENYAMA

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela