Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 7/1 kk. 10-13
  • Indlela Yokusiza Umngane Ogulayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokusiza Umngane Ogulayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yiba Isilaleli Esihle
  • Yiba Nozwela Futhi Ube Ocabangelayo
  • Yiba Owakhayo
  • Yiba Usizo
  • Ungamlahli Umngane Wakho
  • Ingabe Kufanele Ngimcebe Umngane Wami?
    I-Phaphama!—2008
  • Indlela Yokusiza Abanezifo Zokuphazamiseka Kwengqondo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2023
  • UNkulunkulu Ucela Ukuba Ube Umngane Wakhe
    Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Kufanele Ngenzeni Uma Umngane Wami Engena Enkathazweni?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 7/1 kk. 10-13

Indlela Yokusiza Umngane Ogulayo

INGABE wake weswela amagama okududuza umngane wakho ogula kakhulu? Ngokuqinisekile, ungakwazi ukubhekana nale nselele. Kanjani? Empeleni, ayikho indlela noma imithetho ebekiwe ngokukhethekile. Kungase kuxhomeke enkambisweni yendawo. Ubuntu babantu nabo bungase buhluke kakhulu. Ngakho, okungase kusize omunye umuntu ogulayo kungase kungamsizi omunye. Izimo nemizwa yesiguli kungase kushintshashintshe kakhulu usuku nosuku.

Ngakho, okubaluleke kakhulu ukuzama ukuzibeka esimweni somngane wakho, uthole ukuthi yini ngempela ayifunayo nokuthi yini ayidinga kuwe. Ungakwenza kanjani lokhu? Nakhu ukusikisela okumbalwa okusekelwe ezimisweni zeBhayibheli.

Yiba Isilaleli Esihle

IZIMISO ZEBHAYIBHELI:

“Wonke umuntu kumelwe asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma.”—JAKOBE 1:19.

“Kukhona . . . isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.”—UMSHUMAYELI 3:1, 7.

◼ Lapho uvakashele umngane wakho ogulayo, mlalelisise futhi uzwelane naye. Ungamniki iseluleko ngokushesha noma ube nomuzwa wokuthi kufanele ngaso sonke isikhathi uvele nekhambi. Uma ushesha ukuveza imibono yakho, ungase ukhulume okuthile ungaqondile okungamphatha kabi. Umngane wakho ogulayo akafuni izixazululo, kodwa ufuna umuntu ozomlalelisisa.

Nika umngane wakho ithuba lokusho indlela azizwa ngayo. Ungamngeni emlonyeni, usho izinto ezingathí shu ezivame ukushiwo abantu. U-Emílioa uthi: “Ngahlaselwa isifo sokusha kolwelwesi lobuchopho nomgogodla (fungal meningitis) esagcina singenze impumputhe. Ngezinye izikhathi, ngicindezeleka kakhulu futhi abangane bami baye bazame ukungiduduza ngokuthi: ‘Baningi abantu abagulayo. Empeleni, abanye bagula kakhulu kunawe.’ Okubuhlungu ukuthi abazi ukuthi ukululaza isimo engikuso akungisizi nakancane. Kunalokho, kungizwisa ubuhlungu obukhulu, kungiqede amandla.”

Mvumele umngane wakho athulule isifuba sakhe ngaphandle kokwesaba ukugxekwa. Uma ekutshela ukuthi uzizwa esaba, zwelana naye kunokumane umtshele ukuthi angesabi. U-Eliana, ophethwe umdlavuza, uthi: “Lapho ngikhala ngenxa yokucindezelwa isifo sami, akusho ukuthi angisamethembi uNkulunkulu.” Yenza umzamo wokubheka umngane wakho njengoba enjalo; hhayi ngendlela wena ofuna abe yiyo. Khumbula ukuthi okwamanje untekenteke futhi isifo sakhe sinomthelela endleleni azizwa ngayo. Yiba nesineke. Mlalele—ngisho noma ephindaphinda into eyodwa njalo. (1 AmaKhosi 19:9, 10, 13, 14) Kungenzeka ukuthi kunokuthile afuna ukukutshela khona.

Yiba Nozwela Futhi Ube Ocabangelayo

IZIMISO ZEBHAYIBHELI:

“Jabulani nabantu abajabulayo; khalani nabantu abakhalayo.”—ROMA 12:15.

“Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—MATHEWU 7:12.

◼ Zibeke esimweni somngane wakho. Uma ezohlinzwa, ezoqala ukwelashwa noma elindele imiphumela yokuhlolwa, angase abe nenhliziyo encane futhi asheshe ukuzwela. Zama ukukuphawula lokhu bese uzivumelanisa nokushintshashintsha kwemizwelo yakhe. Lesi kungase kungabi yisikhathi sokubuza imibuzo eminingi, ikakhulukazi leyo angeke akhululeke ukuyiphendula.

U-Ana Katalifós, udokotela wezifo zengqondo, uthi: “Vumela isiguli sikhulume ngesifo saso lapho sifuna ukwenza kanjalo nangendlela yaso. Uma sizimisele ukukhuluma, khuluma naso nganoma yini esifuna ukukhuluma ngayo. Kodwa uma singafuni ukukhuluma, ungase uhlale nje uthule noma usibambe ngesandla ngoba lokho kungenza izimanga. Ungase futhi uthole ukuthi ukuphela kwento esiyidingayo umuntu esingakhalela kuye.”

Hlonipha izindaba zomngane wakho angathandi ukuba zaziwe. URosanne Kalick, umbhali osehlaselwe umdlavuza kabili kodwa wasinda, uyabhala: “Lapho isiguli sikutshela okuthile, zama ukubheka lokho njengemfihlo. Uma ungaceliwe ukuba ube umkhulumeli womndeni, ungakukhiphi ukwaziswa kwesiguli. Buza isiguli ukuthi yini esingathanda yaziwe abanye.” U-Edson, owake waphathwa umdlavuza kodwa wasinda, uthi: “Umngane wami watshela abantu ukuthi nginomdlavuza nokuthi ngeke ngisaphila isikhathi eside. Empeleni ngangisanda kuhlolwa futhi ngisanda kuthola ukuthi nginomdlavuza, kodwa kwakuseneminye imiphumela engangisayilindile. Umdlavuza wawungakadluleli kwezinye izingxenye zomzimba. Kodwa kwase kwazi lonke izwe. Umkami zamqeda amandla izinto ezingenazwela ezazishiwo abantu nemibuzo ababeyibuza.”

Uma umngane wakho esazama ukunquma ukuthi iyiphi indlela yokwelashwa azoyikhetha, musa ukumxina ngokumtshela ukuthi wena ubuyokhetha yiphi. Umlobi uLori Hope, owahlaselwa umdlavuza kodwa wasinda, uthi: “Ngaphambi kokunikeza umuntu onomdlavuza noma osinde kuwo izihloko zomagazini nezincwadi ezikhuluma ngezifo, kuhle ukuthola kuqala ukuthi angazijabulela yini izindaba ezinjalo, kungenjalo ungase umlimaze umngane wakho ungaqondile.” Akubona bonke abantu abathanda ukufuqelwa ngenqwaba yokwaziswa okukhuluma ngezinhlobonhlobo zokwelapha.

Ngisho noma ungumngane omkhulu wesiguli, ungahlali isikhathi eside lapho usivakashele. Ukuba khona kwakho kubaluleke kakhulu, kodwa umngane wakho angase angakuthandi ukuchitha isikhathi nawe. Kungenzeka ukhathele futhi akanamandla okukhuluma noma ngisho okulalela umuntu okhulumayo isikhathi eside. Ngakolunye uhlangothi, kugweme ukumnika umuzwa wokuthi ujahe ukuhamba. Umngane wakho kufanele abone ukuthi umkhathalela kangakanani.

Ukubonisa ukucabangela kuhilela ukulinganisela nokwahlulela okuhle. Ngokwesibonelo, ngaphambi kokuphekela umngane wakho ogulayo noma ngisho ukumlethela izimbali noma izithelo, kungakuhle ukuthola kuqala ukuthi yiziphi izinto ezingamphathi kahle emzimbeni. Uma ugula, mhlawumbe unomkhuhlane, uyobe ubonisa uthando uma ulinda uze ube ngcono ngaphambi kokuyomvakashela.

Yiba Owakhayo

IZIMISO ZEBHAYIBHELI:

“Ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.”—IZAGA 12:18.

“Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti.”—KOLOSE 4:6.

◼ Uma uhlala unombono omuhle ngomngane wakho ogulayo, lokho kuyozwakala emazwini kubonakale nasezenzweni zakho. Bheka umngane wakho njengaloya muntu onezimfanelo ezakwenza waba umngane wakho. Ukugula makungabuphazamisi ubuhlobo benu. Uma ukhuluma nomngane wakho njengokungathi ukhuluma nomuntu oyisisulu esingenakuzenzela lutho, naye angase aqale ukuzibheka ngaleyo ndlela. URoberta, onesifo samathambo esingandile esidluliselwa ngofuzo, uthi: “Ngiphathe njengomuntu ovamile. Ngikhubazekile kodwa nami nginemibono nezifiso. Ungangibheki ungidabukele. Ungakhulumi nami njengokungathi ngiyisiphukuphuku.”

Khumbula ukuthi akuyona nje kuphela into oyishoyo ebalulekile kodwa nendlela oyisho ngayo. Ngisho nezwi lakho lingamtshela lukhulu. Ngemva nje kokuthola ukuthi unomdlavuza, u-Ernesto wathola ucingo luvela kumngane wakhe ohlala kwelinye izwe. Wathi: “Angikholwa, wena unomdlavuza!” U-Ernesto uyakhumbula: “Indlela aphakamisa ngayo izwi lakhe lapho ethi ‘wena unomdlavuza’ yangithusa kakhulu.”

Umbhali uLori Hope unikeza esinye isibonelo: “Umbuzo nje othi ‘Unjani?’ ungase usho izinto eziningi kogulayo. Izwi lomuntu obuzayo, ukushukuma komzimba, ubuhlobo bakhe nesiguli, ukujwayelana kwakhe naso kanye nesikhathi abuza ngaso, kungase kusiduduze, kusithunuke noma kusishayise ngovalo.”

Umuntu ogulayo angase afune ukuzizwa ekhathalelwa, eqondwa futhi ehlonishwa. Ngakho, mqinisekise ngokuthi ubaluleke kakhulu nokuthi uyohlale ukulungele ukumsiza. URosemary, owelashelwa isimila ebuchosheni, uthi: “Ngangiqina idolo ngempela lapho abangane bami bengitshela ukuthi bayangithanda nokuthi bayohlale bekulungele ukungisiza.”—IzAga 15:23; 25:11.

Yiba Usizo

ISIMISO SEBHAYIBHELI:

“Masibe nothando, hhayi ngezwi noma ngomlomo, kodwa ngesenzo nangeqiniso.”—1 JOHANE 3:18.

◼ Izidingo zomngane wakho ziyoshintshashintsha kusukela ethola ukuthi uphethwe yini kuze kube yilapho eqala ukwelashwa. Kodwa phakathi naso sonke lesi sikhathi angase adinge usizo. Kunokumane uthi: “Ungithinte uma udinga usizo,” zama ukumsiza ngokoqobo. Ezinye izindlela ezingokoqobo ongabonisa ngazo ukuthi uyamkhathalela ukucela ukumsiza ngemisebenzi yansuku zonke enjengokupheka, ukuhlanza indlu, ukuhlanza izingubo, uku-ayina, ukumyela ezindaweni ezithile, ukumyela ezitolo, ukumyisa emtholampilo noma esibhedlela. Yiba umuntu angamethemba futhi ugcine isikhathi. Zifeze izithembiso zakho.—Mathewu 5:37.

Umbhali uRosanne Kalick uthi: “Noma yini esiyenzayo ewusizo, kungakhathaliseki ukuthi incane noma inkulu, ingenza isiguli sikhohlwe kancane ukuthi sigula kakhulu kangakanani.” USílvia, osesinde kabili lapho ehlaselwe umdlavuza, uyavuma: “Abangane bami babeshintshana nsuku zonke ngokungiyisa esibhedlela ukuze ngiyokwelashwa. Lokho kwakungeve kuqabula futhi kwakungenza ngizizwe ngithandwa! Endleleni, sasixoxa ngezinto eziningi futhi ngemva kokuqeda ukwelashwa sasingena esitolo sokudla. Lokhu kwakungenza ngizizwe ngifana nabantu bonke.”

Nokho, ungalenzi iphutha lokucabanga ukuthi wazi kahle ukuthi umngane wakho udingani. UKalick uthi: “Ungaphezi ukubuza.” Ube esenezela: “Uma unesifiso sokungisiza, ngisize; kodwa ungafuni ukungilawula. Ukwenza kanjalo akusizi ngaso sonke isikhathi futhi kungase kukhungathekise. Uma ungafuni ngithinte lutho, ungitshela ukuthi angikwazi ukwenza lutho. Nami ngifuna ukwenza okuthile. Angifuni ukuzizwa sengathi angiyinto yalutho. Ngisize ukuba ngenze lokho engingakwenza.”

Cishe umngane wakho ufuna ukuzizwa esengumuntu ongazenzela izinto ezithile. U-Adilson, onengculaza, uthi: “Lapho ugula, awufuni ukukhishwa inyumbazane, njengokungathi awulutho noma ayikho into okwazi ukuyenza. Nawe ufuna ukuba usizo, ngisho noma lokho kusho ukwenza imisetshenzana engatheni. Akuve kumnandi ukuzizwa sengathi nawe usakwazi ukwenza izinto ezithile! Lokho kukufaka umfutho wokuqhubeka uphila. Ngithanda abantu bangiyeke ngizenzele izinqumo—bese bezihlonipha. Ukuthi umuntu uyagula akusho ukuthi akasakwazi ukufeza indima yakhe njengobaba, umama nokunye.”

Ungamlahli Umngane Wakho

ISIMISO SEBHAYIBHELI:

“Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.”—IZAGA 17:17.

◼ Uma wehluleka ukuyovakashela umngane wakho ngenxa yebanga noma ezinye izimo, ungamshayela ucingo, umbhalele incwadi emfushane noma umthumele i-Email. Yini ongase ubhale ngayo? U-Alan D. Wolfelt, umeluleki wabantu abasosizini, uyasikisela: “Bhala ngezikhathi ezimnandi enake nazijabulela. Mthembise ukuthi uzophinde ubhale maduzane—bese usifeza leso sithembiso.”

Akufanele uyeke ukukhuthaza umngane wakho ogulayo ngoba wesaba ukuthi ungase ukhulume kabi noma wenze amaphutha. Ezimweni eziningi, ukuba naye kusho lukhulu. Encwadini yakhe, uLori Hope uthi: “Sonke sisho futhi senze izinto ezingase ziqondwe kabi noma ezingase zilimaze abanye singaqondile. Lokho akuyona inkinga. Inkinga iqala lapho sewesaba kakhulu ukwenza iphutha bese uqhela kumuntu okudingayo.”

Kungenzeka ukuthi umngane wakho ogula kakhulu ukudinga kakhulu manje kunanini ngaphambili. Zibonakalise ‘ungumngane weqiniso.’ Imizamo yakho yokusiza lowo muntu omthandayo ingase ingaziqedi izinhlungu ezimphethe, kodwa ingase imsize ukuba azikhuthazelele.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela