Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
Ingabe OFakazi BakaJehova Bayabaphulukisa Abantu Ngokubathandazela?
▪ Impendulo ingucha. OFakazi BakaJehova abakaze baphulukise abantu ngokubathandazela. NjengoJesu, bakholelwa ukuthi umsebenzi wabo oyinhloko ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Bakholelwa nokuthi amaKristu eqiniso awabonakali ngokuphulukisa abantu ngokubathandazela, kodwa abonakala ngokuthile okubaluleke kakhulu.
Eqinisweni, ukuphulukisa kukaJesu Kristu abantu ngenxa yokubazwela ngekhulu lokuqala C.E. kusho okukhulu kithi sonke. Lezo zenzo zakhe ziyisiqinisekiso sokuthi lapho esebusa umhlaba njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.
Nokho, kuthiwani ngokuphulukisa okwenziwa namuhla? Abaphulukisi beLobukholwa abathandazela abanye nabezinye izinkolo ezingezona ezobuKristu bathi baphulukisa ngokuyisimangaliso. Nokho, uJesu waxwayisa ngokuqinile ngabantu ababeyothi benze ‘imisebenzi eminingi yamandla’ egameni lakhe. Wayeyothi kubo: “Angikaze nginazi; sukani kimi, nina abenza okungemthetho!” (Mathewu 7:22, 23) Ngakho, ingabe ziwuphawu lwesibusiso sikaNkulunkulu izenzo zokuphulukisa ezibonakala sengathi ziyisimangaliso ezenziwa abaphulukisi banamuhla?
Cabangela lokho okushiwo yiBhayibheli ngokuphulukisa okwenziwa uJesu. Ngokuqhathanisa lokho okushiwo yimiBhalo nalokho okwenziwa abaphulukisi banamuhla, singakwazi ukuthola ukuthi ukuphulukiswa kwabantu okwenziwa namuhla kuvela kuNkulunkulu yini.
UJesu akazange aphulukise abantu ngenjongo yokuqoqa abalandeli noma yokuba yisilomo. Kunalokho, kunabantu abaningi abaphulukisa bengekho abanye ababukele. Ezimweni eziningi, watshela ayebaphulukisile ukuba bangatsheli muntu ngaleso simangaliso.—Luka 5:13, 14.
UJesu wayengabakhokhisi imali labo ayebaphulukisa. (Mathewu 10:8) Ngaphezu kwalokho, wayephumelela njalo lapho ephulukisa. Wayekuqeda nya ukugula kwabo bonke ababedinga ukuphulukiswa futhi ukuphulukiswa kwakungaxhomeki ekutheni banokholo olungakanani. (Luka 6:19; Johane 5:5-9, 13) UJesu wavusa ngisho nabafileyo!—Luka 7:11-17; 8:40-56; Johane 11:38-44.
Nakuba azenza lezo zimangaliso, inkonzo yakhe yayingagxilile ekuguquleni abantu ngokwenza izimangaliso ezivusa amadlingozi. Kunalokho, umsebenzi wakhe oyinhloko kwakuwukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Wafundisa abalandeli bakhe ukuba benze abafundi ababezofundisa abanye ngethemba lokuthola ukuphila okuphelele eMbusweni kaNkulunkulu.—Mathewu 28:19, 20.
Yiqiniso, abanye abalandeli bakaJesu bekhulu lokuqala babeneziphiwo zokuphulukisa ezikhethekile, kodwa zaziyoqedwa. (1 Korinte 12:29, 30; 13:8, 13) AmaKristu eqiniso namuhla abonakala ngesibopho sothando lokuzidela, hhayi ngezenzo zokuphulukisa. (Johane 13:35) Ukuthandazelwa kwabantu ngenjongo yokubaphulukisa okwenziwa namuhla akwakhi umkhaya wangempela wamaKristu azo zonke izinhlanga nezizinda ahlanganiswe uthando.
Nokho, likhona iqembu lamaKristu elihlanganiswe isibopho sothando esijule kangangokuba liyenqaba ukulimazana—noma ukulimaza omunye umuntu—ngisho nalapho kunezimpi ezinkulu. Lingobani leli qembu? OFakazi BakaJehova. Emhlabeni wonke, baziwa ngokubonisa uthando olufana nolukaKristu. Ukuhlanganisa abantu bezinhlanga, izizwe namasiko ahlukahlukene kuyisimangaliso futhi lokho kwenzeka ngenxa yomoya ongcwele kaNkulunkulu. Sikukhuthaza ukuba uye kweminye yemihlangano yabo uyozibonela.
[Isithombe ekhasini 13]
Ingabe abaphulukisi banamuhla (njengoba kuboniswe ngakwesokudla) basekelwa uNkulunkulu ngempela?