IBhokisi Lemibuzo
◼ Yini esingayenza ukuze imihlangano yethu ibe yinzuzo ngokwengeziwe?
Abanye bangase bathambekele ekucabangeni ukuthi abadala nezinceku ezikhonzayo kuphela abanomthwalo wemfanelo wokwenza imihlangano yebandla ibe yimpumelelo ngenxa yokuthi yibona abayiqhubayo futhi basingathe izinkulumo eziningi. Empeleni, sonke singaba nengxenye ekwenzeni imihlangano ithakazelise futhi izuzise. Singasiza ekwenzeni imihlangano izuzise ngokwengeziwe ngalezi zindlela eziyishumi ezilandelayo:
Lungiselela kusengaphambili. Uma silungiselela kahle, imihlangano iyasithakazelisa. Uma sonke sikwenza lokhu, imihlangano iyaphila futhi yakhe ngokwengeziwe. Yiba khona njalo. Inani eliphakeme labakhona liyakhuthaza kakhulu kubo bonke abakhona, liqinisa ukuqaphela kwethu ukubaluleka kokuba khona. Fika ngesikhathi. Uma sihlala phansi ngaphambi kokuba isimiso siqale, singahlanganyela engomeni yokuvula nasemthandazweni futhi ngaleyo ndlela sizuze ngokugcwele emihlanganweni. Yiza uhlomile. Ngokuphatha amaBhayibheli ethu nezincwadi ezisetshenziswayo phakathi nomhlangano, singahambisana nesikhulumi futhi sikuqonde kangcono lokho okuxoxwa ngakho. Gwema iziphazamiso. Singalalela kangcono uma sihlala phambili. Ukuhlebelana nokwehla senyuka siya endlini encane kungaphazamisa thina nabanye. Hlanganyela ngezimpendulo. Lapho abaningi bethu bephakamisa izandla futhi baphendule, kukhuthazeka abengeziwe futhi bakhiwe amazwi okholo. Nikeza izimpendulo ezimfushane. Lokhu kwenza abaningi ngangokunokwenzeka bathole ithuba lokuhlanganyela. Izimpendulo zethu ezimfushane kufanele zigxile kuphela endabeni efundwayo. Feza izabelo zakho. Uma ningabafundi eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini noma ninengxenye eMhlanganweni Wenkonzo, lungiselelani kahle, niprakthize kusengaphambili bese nizama ukusifeza leso sabelo. Batuse abebenengxenye nabaphendulile. Batshele ukuthi uyazisa kangakanani imizamo yabo. Lokhu kuyabakha futhi kubashukumisele ukuba benze ngisho nakangcono esikhathini esizayo. Khuthazanani. Ukubingelelana ngomusa nezingxoxo ezakhayo, ngaphambi kwemihlangano nangemva kwayo, kuyanezela enjabulweni nasezinzuzweni esizithola ngokuba khona emihlanganweni.