Indlela Yesine
Khetha Abangane Bakho Ngokuhlakanipha
LIFUNDISANI IBHAYIBHELI? “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.”—IzAga 13:20.
IYINI INSELELE? Abangane bethu bayokwenezela ekwanelisekeni kwethu noma bayokunciphisa. Indlela abacabanga ngayo nezinto abazikhulumayo ziyoba nethonya endleleni esibheka ngayo ukuphila.—1 Korinte 15:33.
Ngokwesibonelo, cabanga ngokulandisa kweBhayibheli kwamadoda angu-12 ayethunywe ukuba ayohlola izwe laseKhanani. Iningi lawo ‘laqhubeka liletha umbiko omubi kubantwana bakwa-Israyeli ngezwe ayelihlolile.’ Noma kunjalo, amabili kuwo akhuluma izinto ezinhle ngeKhanani, alibiza ngokuthi “izwe elihle kakhulu impela.” Kodwa isimo sengqondo esibi sezinhloli eziyishumi sasithonya isizwe. Ukulandisa kuthi: “Yonke inhlangano yaphakamisa izwi layo, futhi . . . bonke abantwana bakwa-Israyeli baqala ukububula.”—Numeri 13:30–14:9.
Kunjalo nanamuhla; abantu abaningi “bangabantu ababubulayo, abakhonondayo ngokuphila kwabo.” (Jude 16) Kunzima ukuhlala unomuzwa wokwaneliseka uma unabangane abahlale benganelisekile.
YINI ONGAYENZA? Hlaziya izinto enixoxa ngazo nabangane bakho. Ingabe bavame ukuqhosha ngezinto zabo noma bahlale bekhononda ngezinto abangenazo? Wena ungumngane onjani kubo? Ingabe uhlale uzama ukubadlisela ogageni noma ubakhuthaza ukuba baneliswe yilokho abanakho?
Cabanga ngesibonelo sikaDavide owayezoba inkosi, nesikaJonathani, indodana yeNkosi uSawulu. UDavide wayengumbaleki ehlala ehlane. INkosi uSawulu yayinomuzwa wokuthi uDavide ufuna ukumketula, ngakho yafuna ukuba abulawe. Nakuba kunguJonathani owayelindeleke ukuthi uzothatha izintambo ngemva kukayise, manje wayesengumngane kaDavide omkhulu. Waqaphela ukuthi uNkulunkulu wayeqoke uDavide ukuba abe inkosi elandelayo futhi kwakumenelisa ukusekela umngane wakhe.—1 Samuweli 19:1, 2; 20:30-33; 23:14-18.
Nawe udinga abangane abanjalo, abangane abazama ukuhlala banelisekile nabakufisela okuhle kodwa. (IzAga 17:17) Yiqiniso, ukuze ube nohlobo olunjalo lwabangane kufanele nawe ubonise lezo zimfanelo.—Filipi 2:3, 4.
[Isithombe ekhasini 7]
Ingabe abangane bakho banezela ekwanelisekeni kwakho noma bayakunciphisa?