IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
YINI eyashukumisa isosha elaliyilungu lamavukela-mbuso nelaliyisela ukuba lishintshe indlela yalo yokuphila? Kungani umpetha we-karate ashintsha imigomo yakhe ekuphileni? Ubaba othile wavuzwa kanjani ngokungalilahli ithemba ngendodana yakhe? Thola izimpendulo ngokufunda izindaba ezilandelayo.
“Ngiyajabula Manje Naphezu Kwemuva Lami Elingajabulisi.”—UGARRY P. AMBROCIO
UBUDALA: 47
IZWE AZALELWA KULO: IPHILIPPINES
UMLANDO: ISOSHA ELALIYILUNGU LAMAVUKELA-MBUSO
UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela edolobheni elincane laseVintar. Sasihlala emathafeni angudedangendlale azungezwe izintaba ezenile nemifula enamanzi acwebile. Indawo yakithi yayiheleza umoya oqabulayo. Nakuba sasihlala endaweni ethule, ukuphila kwakunzima. Abantu babehlale bentshontsha imfuyo yasekhaya futhi besigqekezela.
Lapho sengiyibhobhodleyana ngaqala ukuphuza kakhulu nabangane bami. Ngangibhema ugwayi, ngeba nemali ukuze ngikwazi ukuthenga ugwayi notshwala. Ngaze ngatshontshela ugogo ubucwebe bakhe. Umbutho wezempi wawusola ukuthi ngiyilungu leqembu lamavukela-mbuso elalibizwa ngokuthi i-New People’s Army (NPA) futhi wawuvame ukungishaya njalo. Ngenxa yalokho, nganquma ukulijoyina lelo qembu. Ngahlala iminyaka emihlanu ezintabeni namasosha e-NPA. Ukuphila kwakunzima futhi sasihlale sibalekela umbutho wezempi. Ekugcineni, ngakhathala ukuphila njengenyoni, ngazinikela kumbusi wase-Ilocos Norte. Wangiphatha kahle, waze wangisiza nokuba ngithole umsebenzi omuhle. Yize kunjalo, angiyiyekanga imikhuba yami emibi, ukuphanga imizi nokusongela abantu.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngangisebenza nowesifazane othile ogama lakhe linguLoida futhi wayenguFakazi kaJehova. Wangixhumanisa noJovencio owaqala ukungifundela iBhayibheli. Kodwa kwakunzima ukuyeka imikhuba yami emibi. Ngangibhema ngaphambi kokuba uJovencio afike, futhi ngangisaqhubeka nokuphula umthetho. Ekugcineni amaphoyisa angibamba oqotsheni ngephula umthetho, ngabhadla izinyanga ezingu-11 ejele. Phakathi naleso sikhathi, ngathandaza kuJehova ngamnxusa ukuba angisize. Ngacela ukuba angithethelele futhi angiphe umoya wakhe ukuze ungiqondise futhi ungiqinise.
Ngemva kwesikhashana, ngavakashelwa uFakazi kaJehova ejele engiphathele iBhayibheli. Ngalifunda futhi ngathola ukuthi uJehova unesihe nothando futhi uyathethelela. Ngaqaphela ukuthi wayelokhu engibonisa isihe enginika nethuba lokuba ngifunde ngezindlela zakhe. Ngamcela ukuba angiphe amandla okunqoba imikhuba yami emibi. Kwangithinta kakhulu lokho engakufunda encwadini yezAga 27:11. Ngabheka lelo vesi njengokungathi amazwi kaJehova ekhuluma nami ngqo. Lithi: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.”
Ngemva kokukhululwa ejele, ngaqhubeka nokufunda noFakazi. Ngaqala ukuya emihlanganweni yabo nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwami. Ekugcineni, ngosizo lukaJehova, ngayiyeka imikhuba yami emibi. Kamuva nganikezela ukuphila kwami kuJehova uNkulunkulu.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ngiyajabula manje naphezu kwemuva lami elingajabulisi. Nakuba ngangiyisigqila semikhuba emibi, manje sengembethe ubuntu obusha. (Kolose 3:9, 10) Ngibusiswe ngokuhlanganyela nabantu bakaJehova abahlanzekile nokusiza abanye ukuba bafunde ngoNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova.
“Ngangifuna Ukumelela IBrazil.”—UJULIANA APARECIDA SANTANA ESCUDEIRO
UBUDALA: 31
IZWE AZALELWA KULO: IBRAZIL
UMLANDO: WAYENGUMPETHA WE-KARATE
UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela eLondrina. Abantu abaningi endaweni babedla imbuya ngothi, kodwa indawo yayihlanzekile futhi inokuthula. Lapho ngineminyaka eyishumi, umfowethu omdala wangicela ukuba ngimjoyine lapho eprakthiza i-karate ebizwa ngokuthi i-tae kwon do, okusho ukuthi “ukulwa ngezandla nangezinyawo.” Ubaba wayengafuni ngidlale lo mdlalo kodwa wagcina engiyekile.
Ngaziqeqesha ngokuzimisela futhi nganqoba emincintiswaneni eminingi esifundeni saseParana. Kamuva, nganqoba emncintiswaneni kazwelonke futhi ngo-1993 ngamenyezelwa ukuthi ngiyingqwele yaseBrazil yomdlalo we-tae kwon do. Ngabe sengifisa ukungenela imiqhudelwano yamazwe ngamazwe. Nokho, ekhaya sasimpofu ngakho ngehluleka ukukhokha imali yokuya phesheya.
Nganginethemba lokuthi i-tae kwon do yayizofakwa emidlalweni yama-Olympic, futhi nempela kwaba njalo. Ngangifuna ukumelela iBrazil eMidlalweni Yama-Olympic, ngakho ngaziqeqesha ngokukhulu ukuzikhandla. Ngathola nokuxhaswa okwangifaka ohlwini lwababezoqhudelana eMidlalweni eyaba seFrance, eVietnam, eNingizimu Korea, eJapan naseNingizimu Melika. Umgomo wami olandelayo kwaba ukuba nengxenye eMidlalweni yePan American, futhi ngenza ezibukwayo kangangokuba ngaba phakathi kwabathathu ababezoqhudelana eSanto Domingo, eDominican Republic ngo-2003.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngo-2001, mina nesoka lami sahlangana noFakazi BakaJehova, futhi baqala ukusifundela iBhayibheli. Ekuqaleni ngangingenasithakazelo esitheni. Ngangihlale ngikhathele futhi ngozela lapho sifunda. Kodwa lokho engangikufunda kwangithinta inhliziyo—futhi lokho kwabonakala kahle emncintiswaneni omkhulu owalandela.
Ngenxa yokuthi ngangiqokelwe ukuba seqenjini elalizodlala eMidlalweni yePan American, abaqeqeshi be-tae kwon do bangiqinisa ukhakhayi ngokungifaka emqhudelwaneni othile ngaphambi kwaleyo midlalo emikhulu. Lapho sekuyithuba lokuba ngilwe, ngavele ngama nganganyakaza. Khona lapho, kwangikhanyela ukuthi umKristu akufanele alwe nabanye abantu—ngisho noma kuthiwa umdlalo! Ngakhumbula umyalo weBhayibheli othi ‘thanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ (Mathewu 19:19) Ngaphenduka, ngahamba, ngashiya abantu bebambe ongezansi.
Lapho ngifika ekhaya, ngahlala phansi ngacabanga ngalokho engangizokwenza ngokuphila kwami. Ngathatha incwajana enyatheliswa oFakazi BakaJehova ekhuluma ngalokho uNkulunkulu akufuna kithi. Ngabona umBhalo weHubo 11:5, othi ngoJehova: “Umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova.” Lawo mazwi omhubi angishaya, futhi nganquma ngaso leso sikhathi ukuyishiya phansi i-tae kwon do.
Abakuthandanga neze lokho abaqeqeshi bami. Bazama ukungishintsha umqondo bethi ngingumpetha ezweni lonkana nokuthi kwase kusele kancane ngiye eMidlalweni Yama-Olympic. Kodwa ngase nginqumile.
Ngaleso sikhathi ngase ngishadile. Umyeni wami wayesevele ehlanganyela noFakazi emsebenzini wokushumayela. Wayebuya ekhaya engawuvali umlomo ngezingxoxo ezimnandi abe nazo nabantu. Ngangazi ukuthi uma nami ngifuna ukujabula njengaye kwakudingeka ngenze izinguquko ekuphileni kwami. Ngasula esontweni engangikulo, kamuva ngafaneleka ukuba uFakazi obhapathiziwe.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Mina nomyeni wami sijabule kakhulu futhi simunye ngoba sizama ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli emshadweni wethu. Kuyangijabulisa ukumsekela njengoba esiza ekunakekeleni ibandla esikulo. Ngangingaziqeqesha kakhulu ukuze ngithole indondo yegolide kuma-Olympic futhi ngibe usaziwayo. Kodwa nginomuzwa wokuthi akukho leli zwe elonakele elinganginika khona okungaqhathaniswa nelungelo lokukhonza uJehova uNkulunkulu.
“Ubaba Akazange Alilahle Ithemba.”—U-INGO ZIMMERMANN
UBUDALA: 44
IZWE AZALELWA KULO: IJALIMANE
UMLANDO: WAYENGUNOGADA ENDAWENI YOMDANSO
UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa edolobheni lezimayini zamalahle laseGelsenkirchen. Abazali bami babehlukene ngokwenkolo. Ubaba wayengomunye woFakazi BakaJehova futhi umama wayengafuni asikhulise ngezinkolelo zakhe njengoFakazi. Ubaba wayesebenza amahora ayishumi noma ngaphezulu ngosuku eshayela amaloli. Wayevame ukungena emsebenzini ngehora lesibili noma lesithathu entathakusa. Yize kunjalo, wayezama ukusifundisa ukuze sibe nobuhlobo noNkulunkulu. Kodwa imizamo yakhe angizange ngiyazise.
Lapho ngineminyaka engu-15, yaqala ukungicika imihlangano yoFakazi ubaba ayengiyisa kuyo, futhi ngavukela. Ngemva konyaka, ngaqala ukushaya isibhakela. Eminyakeni emibili eyalandela, ngamhlupha ngendlela ongakaze uyibone. Ngathutha ekhaya lapho ngihlanganisa iminyaka engu-18.
Ngangiyithanda kakhulu imidlalo futhi ngangiziqeqesha izikhathi eziyisithupha ngesonto—ngangiqala ngamankomane, ngilandele ngokuphakamisa izinsimbi. Njalo ngezimpelasonto, mina nabangane bami sasiya ezindaweni zemidanso. Ngelinye ilanga sikwenye yalezo zindawo ngalwa nesichwensi esithile futhi ngasihlula kalula nje. Umphathi waleyo ndawo wakubona lokho futhi wangiqasha ngokushesha njengonogada. Wangithembisa ukungiholela kahle, ngakho ngavuma.
Njalo ngezimpelasonto ngangima emnyango nginqume ukuthi ubani ongenayo nongangeni. Kwakuke kufike abantu abayinkulungwane, ngakho ngangihlala ngimatasa. Ukulwa kwakuyinto yemihla ngemihla. Abanye babengisongela ngezibhamu nangamabhodlela aphukile. Abanye engangibenqabela ukungena noma engangibakhipha ngoshova babengilinda ngaphandle ukuze baziphindiselele. Ngangineminyaka engu-20 futhi ngiyisiqhwaga esiwusibindi-gidi. Empeleni ngase ngiyisidlova, ngiwundlavini, ngidelela futhi nginenkani.
INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ubaba akazange alilahle ithemba ngami. Wahlela ukuba kuthunyelwe omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!a lapho ngangihlala khona. Babenqwabelana ngoba ngangingabafundi. Kodwa suku lumbe ngathi ake ngigijimise amehlo kwabanye babo. Izihloko engazifunda zazikhuluma ngokuthi isimiso sezombusazwe, sezomnotho nesenkolo sizophela futhi zangishukumisa ukuba ngishayele udadewethu ucingo. Yena nomyeni wakhe babengoFakazi BakaJehova. Bacela ukungifundela iBhayibheli futhi ngavuma.
Isimiso esikweyabaseGalathiya 6:7 sangishukumisela ukuba ngenze izinguquko ekuphileni kwami. Ngokwalokho engangidlule kukho ekuphileni kwami, ngangazi ukuthi noma yini engiyenzayo, engiyishoyo noma engiyinquma namuhla iyolithinta ikusasa lami. Angikhuthaza amazwi aku-Isaya 1:18, athi: “‘Wozani, manje, masilungise izindaba phakathi kwethu,’ kusho uJehova. ‘Nakuba izono zenu kungenzeka ukuthi zibomvu klebhu, zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa.’” Lo mBhalo wangisiza zibekwa nje ukuthi akufanele ngicabange ukuthi angifaneleki noma ukuthi alisekho ithemba ngami.
Zingakapheli nezinyanga eziyisithupha ngase ngenze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwami, kodwa kwakungelula. Kwadingeka ngiyeke umsebenzi engangiwenza futhi ngihlukane nabangane bami ababi. Ngabatshela ukuthi sengitadisha iBhayibheli futhi ngabaxoxela izinto engangizifunda. Kodwa baqala ukungigwema futhi bangibiza ngomfundisi. Udadewethu wangisiza ngathola omunye umsebenzi ofanelekayo.
Ngaqala nokuya emihlanganweni eHholo LoMbuso udadewethu nomyeni wakhe ababehlanganyela kulo, yize laliqhele ngamakhilomitha angu-30. Lalikhona iHholo LoMbuso eliseduze, kodwa nganginamahloni okuhlangana nabantu ababengazi ngisakhula. Ngangesaba nokushumayela komakhelwane. Ngangizibuza ukuthi ngizokwenzenjani uma ngingahlangana nomuntu engangimkhiphe ngoshova endaweni yomdanso noma engangimnike izidakamizwa. Nokho, ngakhumbula isifundo engasithola ngesikhathi ngisaziqeqesha—izindlela zokuziqeqesha ezilukhuni kunazo zonke yizona ezibaluleke kakhulu. Ngakho, ngemva kokufanelekela ukushumayela, angipholisanga maseko.
Kwakunenye inselele okwadingeka ngiyinqobe—ngangingakuthandi ukufunda noma ukutadisha. Kodwa ngangazi ukuthi ukuze ngibe nokholo oluqinile, kufanele ngizimisele, ngimbe amaqiniso atholakala eBhayibhelini. Ngathola ukuthi kufanele ngizimisele futhi ngizikhandle ukuze ngibe nokholo njengoba nje kufanele uzimisele futhi uzikhandle lapho uzivocavoca ukuze ube nezikhwepha.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Angive ngijabula ngokuthi ngisaphila! Ngiyaqhubeka ngibuqaphile ubuthakathaka bami ukuze bungangiwisi. Kodwa manje ngijabulela ukuphila okujabulisayo nomkami onobuntu obuhle bobuKristu. Phakathi koFakazi BakaJehova nginabangane bangempela engibethemba ngokugcwele. Ubaba ushone eminyakeni emihlanu edlule, kodwa ngaphambi kokuba ashone wajabulela ukwamukela indodana yakhe eyayilahlekile.
[Umbhalo waphansi]
a Banyatheliswa oFakazi BakaJehova.