UNkulunkulu ‘Ungumenzi Wezinto Ezinkulu’—Indlela Engakwazi Ngayo Lokho
Ilandiswa uMaurice Raj
Izinkulungwane zababaleki, kuhlanganise nathi ekhaya, sagcwala izinkalo sibalekela unya nokuhlukunyezwa okubi kakhulu okwakuhambisana neMpi Yezwe II. Sahamba izinsuku eziningi ehlathini laseBurma elicinene, silala phansi kwezihlahla ebusuku. Ngaleso sikhathi ngangineminyaka engu-9 ubudala. Ngangibophele umthwadlana wami omncane eqolo. Kodwa lokho kwakuseyisiqalo nje.
LOKHU kwenzeka ngo-1942. Impi yayishisa phansi emhlabeni wonke futhi sasibalekela ibutho laseJapan elalisezithendeni. Lalisanda kudla iBurma, manje ebizwa ngokuthi iMyanmar, futhi lase lidle nezimayini zikawoyela zaseYenangyaung. Amasosha aseJapan asithola singakaweqi umngcele waseNdiya, asiphoqa ukuba sibuyele emakhaya.
Ngesikhathi ngisemncane, sasihlala eYenangyaung, futhi ubaba wayesebenzela inkampani ebizwa ngokuthi iBurmah Oil Company. Ngemva kokuba iJapan idle iBurma, izimayini zikawoyela zaseYenangyaung ezazenza imali eshisiwe zashaywa kaningi ngamabhomu yizindiza zempi zaseBrithani. Ngikhumbula ukuthi ngesinye isikhathi ekhaya sake sacasha emigodini embiwe sizama ukuzivikela emabhomini ayeqhuma yonke indawo. Ekugcineni, sabaleka ngomkhumbi saya eSale, idolobha elincane elingaseMfuleni i-Ayeyarwady, noma i-Irrawaddy. Sabonga ngokuthi safika lapho siphila futhi sahlala lapho yaze yaphela impi.
Ukushonelwa Kuholela Ekutholeni Iqiniso
Umfowethu omncane wazalwa ngo-1945, unyaka iMpi Yezwe II eyaphela ngawo. Ubaba wajabula wafa ngokuthola ingane ekugugeni kwakhe. Kodwa leyo njabulo yaba eyesikhashana. Umfowethu washona ngemva kwezinyanga ezintathu. Ubaba naye washona ngokushesha ngemva kwalokho ngenxa yobuhlungu benhliziyo.
Abangane ababehlose ukungiduduza bangitshela ukuthi uNkulunkulu uthathe ubaba nomfowethu ukuze babe naYe ezulwini. Ngangingeve ngifisa ukuba nabo! Ekhaya sasisonta eKatolika futhi okuncane engangikwazi ngenkolo ngakufunda lapho. Ngafundiswa ukuthi abefundisi nezindela baya ngqo ezulwini, kanti abanye kufanele badlule esihlanzweni sezono, indawo yokuhlushwa yesikhashana. Ngenxa yokuthi ngangifisa kakhulu ukuphinde ngihlangane nobaba nomfowethu, ngazitshela ukuthi ngizoya esikoleni samaKatolika eMaymyo, manje ebizwa ngokuthi iPyin Oo Lwin, eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-210 ukusuka ekhaya.
Kuleso sikole kwakungena abantu abanemfundo enhle kuphela. Ngenxa yokuthi ngangiyisifiki, ngangifunde iminyaka emibili kuphela. Zonke izikole zavalwa phakathi nempi. Nakuba zabuye zavulwa, ekhaya sasidla imbuya ngothi. Umama wayondla mina nabafowethu ababili nezingane ezintathu ezincane zikadadewabo owashona. Akabanga nawo amandla okusibuyisela esikoleni.
Umfowethu omdala wahamba wayosebenza, kodwa mina ngangineminyaka engu-13 kuphela, kungekho ngempela engangingasiza ngakho. Ubab’ omncane, uManuel Nathan, wayehlala eChauk, idolobha eliseduze kwaseSale. Ngacabanga, ‘Uma ngingahamba ekhaya, nginganciphisela umama umsebenzi wokondla.’ Ngakho, ngahamba ngayohlala nobab’ omncane eChauk.
Ngangingazi ukuthi ubab’ omncane wayesanda kwazana noFakazi BakaJehova futhi emagange ukutshela abanye ngolwazi oluseBhayibhelini ayesanda kuluthola. Wangicobelela lona kancane kancane; waqala ngokungichazela lokho okushiwo umthandazo othi Baba Wethu Osezulwini. Uqala ngokuthi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.”—Mathewu 6:9, 10.
Ubab’ omncane wachaza: “Lokhu-ke kusho ukuthi uNkulunkulu unegama. Igama lakhe uJehova.” Wabe esengibonisa lelo gama eBhayibhelini. Ngafuna ukwazi okwengeziwe, kodwa ngangingakwazi ukufunda kahle. Ngangihlulwa ngisho nawulimi engaluncela, isiTamil, futhi iBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli zikabab’ omncane zazibhalwe ngesiNgisi, naso engangingasazi kahle. Naphezu kwemfundo yami elinganiselwe, kancane kancane ngaziqonda izimfundiso zeBhayibheli. (Mathewu 11:25, 26) Amehlo ami avuleka, ngabona ukuthi izimfundiso eziningi engangizifundisiwe zazingasekelwe eBhayibhelini. Ekugcineni ngathi: “Bab’ omncane yiqiniso leli!”
Lapho ngineminyaka engu-16, ngaqala ukuxoxela abanye izinto engangizifundile. KwakunoFakazi BakaJehova abangu-77 kuphela eMyanmar ngaleso sikhathi. Ngokushesha ngemva kwalokho, uRobert Kirk, isithunywa sevangeli esinguFakazi esasisuka enhloko-dolobha, iRangoon, manje ebizwa ngokuthi iYangon, wavakashela ubab’ omncane eChauk. Ngatshela umfoweth’ uRobert ukuthi ngase nginikezele ukuphila kwami kuJehova. Ngakho, ngo-December 24, 1949 ngabhapathizwa eMfuleni i-Ayeyarwady, ngibonakalisa ukuzinikezela kwami kuNkulunkulu.
Ukunqoba Izithiyo
Ngemva nje kwalokho ngathuthela eMandalay ngayofuna umsebenzi ofanelekayo. Umgomo wami kwakuwukuba iphayona, igama elisho izinceku zoFakazi BakaJehova ezishumayela isikhathi esigcwele. Ngolunye usuku ngibukele ibhola, ngaphathwa isithuthwane ngaquleka. Ngathola ukuthi nginesifo sokuwa ngakho kwadingeka ukuba ngibuyele ekhaya ukuze ngithole ukunakekelwa.
Lesi sifo sangihlupha iminyaka engu-8 eyalandela. Lapho sengingconywana, ngakwazi ukuthola umsebenzi. Nakuba umama ayengakwenameli ukuphishekela kwami inkonzo yesikhathi esigcwele ngenxa yokugula, ngolunye usuku ngamtshela: “Angisakwazi ukulinda. Ngifuna ukuba yiphayona. UJehova uzonginakekela!”
Ngo-1957, ngathuthela eYangon, ngaqala ukuphayona. Kuyamangaza ukuthi kwadlula iminyaka engu-50 isifo sami singasangihluphi. Kodwa ngo-2007 sabuya kodwa imishanguzo iyasilawula. Ngo-1958, ngamiswa njengephayona elikhethekile futhi ngangishumayela amahora angu-150 inyanga ngayinye.
Isabelo sami sokuqala saba seKyonsha, indawo esemaphandleni eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-110 enyakatho-ntshonalanga yeYangon. Kuneqenjana lapho elalifunde izincwadi zethu zeBhayibheli futhi lalifisa ukwazi okwengeziwe. Lapho mina nomfoweth’ uRobert sifika, sathola ukuthi kunesixuku esikhulu esisilindile. Saphendula imibuzo yaso eminingi yeBhayibheli futhi sasibonisa indlela yokuqhuba imihlangano yeBhayibheli. Ngokushesha abanye kuso bahlanganyela nathi emsebenzini wokushumayela. Ngacelwa ukuba ngiqhubeke ngihleli kuleyo ndawo. Phakathi nezinyanga ezimbalwa, iqembu elincane lakhula laba ibandla elishisayo. Namuhla, kunoFakazi abangaphezu kuka-150 kuleyo ndawo.
Kamuva, ngathola isabelo sokuba yisikhonzi esijikelezayo, ngivakashela amabandla namaqembu acezile eMyanmar namaphethelo. Ngangihamba ngamaloli agcwele izimpahla amakhilomitha amaningi emigwaqweni ewubhuqu. Ngezinye izikhathi ngangilubhadula emahlathini, noma ngihambe ngesikebhe noma ngiqombole izintaba. Nakuba nganginempilo ebuthaka, ngangimuzwa uJehova engithwala futhi enginika amandla okuqhubeka.—Filipi 4:13.
“UJehova Uzokusiza”
Ngo-1962, ngathunyelwa ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eYangon lapho umfoweth’ uRobert angiqeqesha khona. Kusenjalo, uhulumeni wakhipha umyalo wokuba zonke izithunywa zevangeli ezivela kwamanye amazwe ziphume ziphele eMyanmar, futhi phakathi namasonto ambalwa, zase zihambile. Ngethuka kabi lapho nginikwa isabelo sokunakekela ihhovisi legatsha.
Ngazibuza: ‘Ngizowenza kanjani lo msebenzi? Angifundile futhi angiyena umakadebona kulo mkhakha.’ Ebona ukuthi nginexhala, amadoda athile asemnkantsh’ ubomvu athi kimi: “Maurice, yeka ukukhathazeka. UJehova uzokusiza. Nathi sikhona sizokusekela.” Angiqinisa idolo kakhulu amazwi awo! Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, kwadingeka ukuba ngibhale umbiko wonyaka womsebenzi wethu wokushumayela eMyanmar owawuzovela e-Ncwadini Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1967. Lo msebenzi wokubhala umbiko wezwe lethu ngawenza iminyaka engu-38 eyalandela. Izinto ezenzeka phakathi naleso sikhathi zenza kwakhanya kimi ukuthi ngempela nguJehova oqondisa umsebenzi wethu.
Ngokwesibonelo, ngaphambidlana ngangifake isicelo sokuba isakhamuzi saseMyanmar, kodwa ngangingenawo ama-kyata angu-450 adingekayo ukuze ngithole amaphepha okuba isakhamuzi, ngakho ngayibekela eceleni le ndaba. Ngolunye usuku ngidlula enkampanini engangiyisebenzela, owayengumqashi wami wangibona, wangibiza: “Raj, woza uzothatha imali yakho. Wakhohlwa ukulanda imali yakho yomhlalaphansi ngesikhathi ushiya lapha emsebenzini.” Leyo mali yayingama-kyat angu-450.
Ngesikhathi ngiphuma kulelo hhovisi, ngacabanga ngezinto engangingazenza ngama-kyat angu-450. Kodwa njengoba le mali yayilingana ncamashí nemali engangiyidinga ukuze ngithole amaphepha okuba yisakhamuzi, ngabona ukuthi kwakuyintando kaJehova ukuba ngiyisebenzisele lokho. Leso sinqumo saba usizo olukhulu. Njengesakhamuzi, ngakwazi ukuhlala kuleli zwe nokuvakasha ngokukhululekile; ngakwazi nokwamukela izincwadi ezivela kwamanye amazwe nokufeza eminye imisebenzi ebalulekile emsebenzini wethu wokushumayela eMyanmar.
Umhlangano ENyakatho
Ngo-1969, umsebenzi wethu wawuthela izithelo ezinhle kakhulu eMyitkyina, enyakatho yeMyanmar, ngakho sanquma ukuba nomhlangano wokuqala kulelo dolobha. Nokho, inselele enkulu esabhekana nayo kwaba ukutholela bonke oFakazi baseningizimu izinto zokuhamba. Sathandaza, sabe sesiqasha izinqola zesitimela eziyisithupha kwabezitimela eMyanmar. Sajabula kakhulu lapho sitshelwa ukuthi sizozithola.
Izinto zonke zase zimi ngomumo. Ngosuku oFakazi ababezofika ngalo, saya esiteshini sesitimela emini bebade silindele ukuba isitimela sifike sekugamenxe ihora lesibili ntambama. Ngesikhathi sisalindile, umphathi wesiteshi wasinika itelegramu ethi: “Sesizikhumulile izinqola eziyisithupha ze-Watch Tower Society.” Wathi isitimela ngeke sikwazi ukukhuphuka imiqansa nalezo zinqola.
Zavele zayima emthumeni. Okwafika kuqala ukuba sihlehlise umhlangano. Kodwa lokho kwakuyosho ukuphinde sifake isicelo semvume esasingathatha amasonto ngamasonto! Kwathi kusenjalo satheleka isitimela esiteshini. Asikholwanga—kwakunoFakazi ababehlezi ezinqoleni eziyisithupha! Babejabule bevayiza. Lapho sibuza ukuthi kwakwenzekeni, omunye wabo wathi, “Yebo zikhunyuliwe izinqola eziyisithupha, kodwa hhayi ezethu!”
Phakathi kuka-1967 no-1971 inani loFakazi eMyanmar landa cishe laba ngu-600. Ngo-1978, ihhovisi legatsha lathuthelwa esakhiweni esinezitezi ezimbili. Ngemva kweminyaka engu-20, inani loFakazi lase likhuphuke laba ngaphezu kuka-2 500. Igatsha lanwetshwa futhi ngo-January 22, 2000, uJohn E. Barr, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wafika evela e-United States. Wanikeza inkulumo yokunikezela ihhovisi elinezitezi ezintathu kanye nesakhiwo sokuhlala okusasetshenziswa nanamuhla.
Ukuphila Kwami Kuye Kwaba Nezibusiso
Namuhla, kunezikhonzi zokuzithandela ezingu-52 ezihlala futhi ezisebenza egatsheni lalapha eYangon futhi kunoFakazi abangaba ngu-3 500 abakhonza emabandleni nasemaqenjini angu-74 ezweni lonkana. Ngiyajabula ngokuthi ngo-1969, ngaphambi nje kokuba ashone, umama wami engimthandayo waba ngomunye woFakazi BakaJehova.
UDoris Ba Aye, iphayona lendawo, waba ngomunye wabahumushi ehhovisi lethu legatsha maphakathi nawo-1960. Ekuqaleni kuka-1959, waba sekilasini le-32 le-Watchtower Bible School of Gilead, isikole esiqeqesha izithunywa zevangeli zoFakazi BakaJehova. Ubuhle bakhe, ubuntu bakhe obuhle nothando lwakhe olukhulu ngoNkulunkulu kwangithinta inhliziyo. Sashada ngo-1970. Nanamuhla sisazinikele kuJehova nakomunye nomunye.
Iminyaka engaphezu kwengu-60 ngiye ngasibona isibusiso sikaNkulunkulu emsebenzini wokushumayela owenziwa lapha. UJehova mkhulu ngempela futhi kumelwe adunyiswe. Ngibonile ekuphileni kwami konke ukuthi ‘unguMenzi wezinto ezinkulu.’—IHubo 106:21.
[Umbhalo waphansi]
a Ngaleso sikhathi ayelingana nama-dollar aseMelika angu-95, imali eningi impela.
[Isithombe ekhasini 27]
Ngisenkonzweni eRangoon, eBurma, cishe ngo-1957
[Isithombe ekhasini 28]
Ngiya emhlanganweni eKalemyo, eBurma, ngasekupheleni kwawo-1970
[Isithombe ekhasini 29]
Igatsha lethu elihle elanwetshwa ngonyaka ka-2000
[Isithombe ekhasini 29]
NginoDoris namuhla
[Isithombe ekhasini 29]
Sishumayela endlini ngendlu