Ingabe Uyakhumbula?
Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:
• Ukukholelwa ekumiselweni kusengaphambili kuwuphawu lwabalandeli bakabani?
Inkolo kaCalvin igcizelela imfundiso yokumiselwa kusengaphambili. Izimfundiso zoMholi Wezinguquko uJean Cauvin (uJohn Calvin) zachuma emasontweni anjengelaseDashi, elaseHabe, elamaCongregational nelamaPuritan.—9/1, amakhasi 18-21.
• UKhayini wamtholaphi umkakhe?
Kumelwe ukuba umkaKhayini wazalwa u-Eva, ngoba u-Eva wazala “amadodana namadodakazi.” (Gen. 5:4)—9/1, ikhasi 25.
• Iyiphi ingelosi eyathunywa uNkulunkulu ukuba ihole ama-Israyeli lapho ewakhipha eGibhithe? (Eks. 23:20, 21)
Kunengqondo ukukholelwa ukuthi ingelosi eyayinegama ‘likaJehova ngaphakathi kuyo’ kwakuyiNdodana kaNkulunkulu eyizibulo, kamuva eyaba uJesu.—9/15, ikhasi 21.
• Kungani incwadi yoku-1 Korinte ikhuluma ngenyama eyayihlatshelwe izithombe?
Imihlatshelo yezilwane yayenzelwa emathempelini amaGreki nawamaRoma, kodwa inyama esele ngesikhathi somkhosi yayingase ithengiselwe umphakathi emakethe yenyama. Nakuba amaKristu ayengahlanganyeli ekukhulekeleni kwamaqaba, kwakungadingeki ukuba abheke inyama esale kuleyo mikhosi eyayithengiswa emakethe njengengcolile. Umphostoli uPawulu wabhala: “Konke okuthengiswa emakethe yenyama qhubekani nikudla, ningabuzi ngenxa kanembeza wenu; ngoba ‘umhlaba nalokho okuwugcwalisile kungokukaJehova.’” (1 Kor. 10:25, 26)—10/1, ikhasi 12.
• Ngokuphathelene nokukhulekela kweqiniso, iziphi ezinye zezaba uNkulunkulu angazamukeli?
‘Kunzima kakhulu. Angithandi. Ngimatasa kakhulu. Angifaneleki. Kunomuntu ongiphathe kabi.’ Lezo akuzona izaba ezamukelekayo zokwehluleka ukufeza imiyalo kaNkulunkulu.—10/15, amakhasi 12-15.
• Iziphi ezinye zezindlela ongenza ngazo ukuba imihlangano yobuKristu ibe eyakhayo kuwe nakwabanye?
Lungiselela kusengaphambili. Yiba khona njalo. Fika ngesikhathi. Fika uwuhlomele kahle. Gwema iziphazamiso. Phendula. Nikeza izimpendulo ezimfushane. Feza izabelo zakho. Bancome ababenezingxenye. Jabulela ubudlelwane nabanye ngaphambi nangemva kwemihlangano.—10/15, ikhasi 22.
• Uchoko, oluhlanganisa lokho namuhla okubizwa ngokuthi isifo sika-Hansen, luboniswe kukuphi ukulandisa kweBhayibheli okuhilela intombazanyana?
Eyesibili amaKhosi isahluko 5 isitshela ngentombazanyana engumIsrayeli eyayiyincekukazi endlini kaNahamani, isikhulu sebutho laseSiriya. Njengoba sasiphethwe uchoko, le ntombazanyana yasinxusa ukuba siye kumprofethi u-Elisha ukuze siphulukiswe.—11/1, ikhasi 22.
• Yini esingayifunda ekunqotshweni kuka-Aroni ukucindezela kontanga?
Ngesikhathi uMose engekho, ama-Israyeli agqugquzela u-Aroni ukuba awenzele unkulunkulu. Wavuma futhi wakwenza lokho. Lokhu kubonisa ukuthi ukucindezela kontanga akugcini entsheni kuphela. Kungathinta ngisho nabantu abadala abafuna ukwenza okulungile. Kudingeka simelane nokucindezela kontanga okubi.—11/15, ikhasi 8.
• Ikuphi okuyiqiniso, ikuphi okungamanga?
USathane ungumuntu wangempela: iqiniso. (2 Kor. 11:14) Lapho befa bonke abantu badlulela endaweni yomoya: amanga. (UmSh. 9:5) Izingelosi ezithembekile ziyasikhathalela: iqiniso. (IHu. 34:7) UJesu uyalingana noNkulunkulu: amanga. (1 Kor. 11:3)—12/1, amakhasi 8-9.