Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 1/15 kk. 7-8
  • Bona Igama Esigodini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bona Igama Esigodini
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlala “Esigodini Sezintaba”
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Ukuphila EDeath Valley
    I-Phaphama!—2006
  • Isigodi Sase-Ela—Lapho UDavide Abulalela Khona Umdondoshiya!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 1/15 kk. 7-8

Bona Igama Esigodini

IST. MORITZ. Ingabe ulijwayele leli gama? Kungenzeka, ngoba lena yindawo yokungcebeleka edume umhlaba wonke eSigodini Sase-Engadine esiseSwitzerland. Kodwa akuyona yodwa iSt. Moritz osekuyisikhathi eside iheha abantu ukuba beze kulesi sigodi esihle esiphakathi kwezintaba zama-Alp ezihlale zilele iqhwa eningizimu-mpumalanga yeSwitzerland eduze komngcele we-Italy. Kulesi sigodi kukhona nesiqiwu iSwiss National Park esidle ngobuhle bemvelo nezitshalo nezilwane ezihlukahlukene okudumisa uMdali wethu Omkhulu, uJehova. (IHu. 148:7-10) Zenza okufanayo nezinsalela zesiko elisukela maphakathi nekhulu le-17.

Kunento engajwayelekile engase ikukhange ezindlini eziningi kulesi sigodi. Kuvamile ukuthola igama likaNkulunkulu libhalwe phambi kwezindlu, njengaphezu komnyango omkhulu. Emakhulwini eminyaka adlule, kwakuyisiko ukuhlobisa ingaphandle lemizi ngemibhalo edwetshiwe, noma eqoshwe kukhonkolo noma etsheni. Umfanekiso olapha ubonisa umbhalo osendlini ethile esedolobhaneni laseBever. Uma uhunyushwa lo mbhalo ufundeka kanje: “Ngonyaka ka-1715. UJehova uyisiqalo futhi uJehova uyisiphetho. Zonke izinto sizenza ngoNkulunkulu, ngaphandle kwakhe ngeke senze lutho.” Yebo, igama likaNkulunkulu livela kabili kulolu phawu oludala.

Kunombhalo omdala ngisho nakulo ongawubona edolobheni laseMadulain. Wona uthi: “AmaHubo 127. Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzele ize abayakhe kanzima. ULucius Rumedius. Ngonyaka ka-1654.”

Kungani igama likaNkulunkulu liboniswa obala kangaka kulesi sigodi? Emuva ngeNkathi Yezinguquko, iBhayibheli lalinyatheliswa ngesiRomansh, okuwulimi oluthathelwe kolwesiLatini olukhulunywa e-Engadine. Eqinisweni, liyincwadi yokuqala ngqá eyahunyushelwa kulolo limi. Beshukunyiswe yilokho abakufunda eZwini likaNkulunkulu, abantu abaningi bendawo abagcinanga ngokubhala amagama abo ngaphandle kwemizi yabo kodwa babhala nezingcaphuno ezivela eBhayibhelini ezinegama likaNkulunkulu.

Yebo, le mibhalo isalimemezela igama likaJehova futhi isamdumisa kuze kube namuhla yize sekudlule amakhulu eminyaka yabhalwa kule mizi. Izivakashi nezakhamuzi zamukelekile ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu omuhle, uJehova, ngokuvakashela esinye isakhiwo esinaleli gama—iHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova eBever.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 7]

© Stähli Rolf A/age fotostock

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela