Fundisa Izingane Zakho
Ingabe Kuke Kwenzeke Uzizwe Unesizungu Futhi Wesaba?
ABANTU abaningi namuhla banesizungu; banomuzwa wokuthi akekho obakhathalela ngempela. Abantu abadala bavamile ukuzizwa ngale ndlela. Kodwa nezingane eziningi namuhla, ngisho nezikhonza uNkulunkulu, ziyazizwa zinesizungu futhi zesaba. Uyazi ukuthi kungani?—a
Ziningi izizathu zalokhu. Ake sifunde ngesibonelo sendoda eyaphila eminyakeni eminingi edlule—cishe eminyakeni eyinkulungwane ngaphambi kokuzalwa kukaJesu. Igama layo kwakungu-Eliya. U-Eliya waphila ngenkathi isizwe sakwa-Israyeli sesiyekile ukukhonza uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Iningi lase liqale ukukhulekela unkulunkulu wamanga uBhali. U-Eliya wathi: “Yimi kuphela osele.” Ucabanga ukuthi ngempela kwakungu-Eliya kuphela owayesakhonza uJehova?—
Nakuba u-Eliya ayengazi, kunama-Israyeli ayesakhulekela uNkulunkulu weqiniso. Kodwa ayecashile. Ayesaba. Uyazi ukuthi ayesabani?—
U-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wayengamkhonzi uJehova; wayekhulekela uBhali, unkulunkulu wamanga wenkosikazi yakhe ekhohlakele uJezebeli. Yona no-Ahabi babezingela abantu abakhonza uJehova, befuna ukubabulala, ikakhulu u-Eliya. Yingakho u-Eliya abaleka. Wahamba amakhilomitha acishe abe ngu-483, enqamula ehlane ebheke eHorebe, indawo ebizwa nangokuthi iSinayi eBhayibhelini. Kuleyo ndawo, eminyakeni eminingi ngaphambi kwesikhathi sika-Eliya, uJehova wayenike abantu bakhe iMiyalo Eyishumi kanye nawo wonke uMthetho. U-Eliya wacasha yedwa emhumeni eHorebe. Ucabanga ukuthi u-Eliya kwakumelwe esabe?—
IBhayibheli libonisa ukuthi ngaphambili uJehova wayesebenzise u-Eliya ukuba enze izimangaliso ezinkulu. Ngesinye isikhathi, uJehova waphendula umthandazo ka-Eliya lapho emcela ukuba athumele umlilo ovela ezulwini ukuze udle umhlatshelo. Ngaleyo ndlela, uJehova wabonisa ukuthi nguye onguNkulunkulu weqiniso, hhayi uBhali. UJehova wakhuluma no-Eliya emhumeni.
Wabuza: “Wenzani lapha?” U-Eliya waphendula: ‘Sekusele mina kuphela kulabo abakukhulekelayo.’ UJehova wabe eselungisa umbono ka-Eliya ngomusa, ethi: ‘Kusasele abayizinkulungwane eziyisikhombisa abangikhulekelayo.’ UJehova watshela u-Eliya ukuba abuyele emuva, wamchazela ukuthi wayenomsebenzi omningi ayefuna awenze.
Ucabanga ukuthi yini esingayifunda esibonelweni sika-Eliya?— Ngisho nabantu abakhonza uJehova bangazizwa besaba ngezinye izikhathi. Ngakho, kudingeka sonke sikhumbule ukuthandaza kuJehova simcele ukuba asisize, kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala. IBhayibheli liyathembisa: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo.”
Kunesinye futhi isifundo: Emhlabeni wonke sinabafowethu nodadewethu abathanda uJehova futhi abasithandayo. IBhayibheli lithi: “Izinto ezifanayo eziyizinhlupheko zehlela yonke inhlangano yabazalwane [bethu] ezweni.” Awujabuli yini ngokwazi ukuthi akwenzeki sibe sodwa ngempela?—
Funda EBhayibhelini Lakho
a Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese ukhuthaza ingane ukuba iveze umbono wayo.