“Umbonisi Omuhle Kakhulu Nomngane Othandekayo”
UJOHN (JACK) BARR, owayekhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, uqede inkambo yakhe yasemhlabeni ngoMgqibelo ekuseni, ngo-December 4, 2010. Wayeneminyaka engu-97 ubudala. Uye wachazwa ngokuthi “ungumbonisi omuhle kakhulu nomngane othandekayo.”
UMfoweth’ uJack Barr wazalelwa e-Aberdeen, eScotland, enguthunjana ezinganeni zakubo ezintathu. Bobabili abazali bakhe babegcotshiwe. UMfoweth’ uBarr wayehlale ekhuluma kahle ngokuphila komkhaya wakubo esemncane; wayesazisa isibonelo esihle kakhulu abazali bakhe abathandekayo abambekela sona.
Lapho eva eminyakeni eyishumi nambili, uJack waqala ukukuthola kunzima kakhulu ukukhuluma nabantu angabazi. Nokho, wazikhandla ukuze anqobe le nkinga, futhi ngolunye usuku kuyiSonto ntambama ngo-1927, eneminyaka engu-14, watshela uyise ukuthi usekulungele ukuhamba naye baye enkonzweni yendlu ngendlu. Lokhu kwaba yisiqalo. Kusukela ngalolo suku kuze kube sekufeni kwakhe, uMfoweth’ uBarr wahlala engumshumayeli wezindaba ezinhle oshisekayo.
Ingozi ehlasimulisayo eyacishe yabulala unina ayemthanda yenza le nsizwa ukuba icabangisise ngenjongo yokuphila, futhi ngo-1929 yazinikezela kuJehova, yabonisa ukuzinikezela kwayo lapho nje kuvela ithuba ngo-1934. Kwabe sekuthi ngo-1939, yaba ilungu lomkhaya waseBethel eLondon, eNgilandi. Yaqala kanjalo inkonzo yayo yesikhathi esigcwele eyaba iminyaka engu-71.
Ngo-October 29, 1960, uMfoweth’ uBarr wangenela lokho akubiza ngokuthi “ubuhlobo obuyigugu ngokukhethekile” lapho eshada noMildred Willett, iphayona elase lingumakad’ ebona nesithunywa sevangeli. UMfowethu noDadeweth’ uBarr babaziwa njengombhangqwana oshadile oyisibonelo nozinikele, futhi babelokhu benjalo kwaze kwaba yilapho uMildred eqeda inkambo yakhe yasemhlabeni ngo-October, 2004. Kukho konke ukuphila kwabo njengombhangqwana uMfowethu noDadeweth’ uBarr babefunda ingxenye ethile yeBhayibheli ndawonye nsuku zonke.
Kwabamaziyo, igama elithi Jack Barr liyobakhumbuza ngendoda eyayinikeza iseluleko esicatshangelwe kahle—esasihlale silinganisela, sinomusa futhi sisekelwe emiBhalweni. Wayezikhandla emsebenzini wakhe, engumbonisi ocabangelayo nonothando futhi engumngane oqotho. Izimpendulo, izinkulumo nemithandazo yakhe kwakwembula ukujula kwengokomoya lakhe nobuhlobo bakhe obuseduze noJehova.
Nakuba sizomkhumbula uMfoweth’ uBarr esimthandayo, sijabula kanye naye njengoba esethole isipho sokungafi—ilungelo ayelilangazelela nayehlale ekhuluma ngalo. Yilokho kanye ayebheke phambili kukho.—1 Kor. 15:53, 54.a
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole indaba yokuphila kukaJohn E. Barr, bheka INqabayokulinda ka-July 1, 1987, amakhasi 26 kuya ku-31.