Abathweswe Iziqu EGileyadi Bathola ‘Injabulo Enkulu Ekupheni’
NGESONTO, ngo-March 6, 1994, umkhaya waseBethel wasendlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova nezivakashi bahlangana ukuze bagubhe umkhosi—ukuthweswa iziqu kwekilasi lama-96 le-Watchtower Bible School of Gilead. Emazwini akhe esethulo, usihlalo wesimiso uKarl F. Klein, osekhonze eNdikimbeni Ebusayo yoFakazi BakaJehova cishe amashumi amabili eminyaka, watshela abafundi abangu-46: “UJesu wathi kunenjabulo enkulu ekupheni kunasekwamukeleni. Ngakho kuzoba njalo nasesabelweni senu sobuthunywa bevangeli—lapho nipha ngokwengeziwe, niyojabula kakhudlwana.”—IzEnzo 20:35.
Amazwi Okuvalelisa Esikhuthazo
Kwalandela uchungechunge lwezinkulumo ezazibhekiswe kubafundi. ULeon Weaver, ilungu leKomiti YoMnyango WeNkonzo, wanikeza inkulumo ethi “Ukukhuthazela Kukhazimulisa UJehova.” Sonke sibhekana novivinyo. (2 Korinte 6:3-5) “Lapho singaphansi kokucindezeleka,” kuphawula uMzalwan’ uWeaver, “kulula kabi ukuzethemba.” Nokho, wakhumbuza abafundi: “Noma yiluphi uvivinyo oluvamile kubantu eningase nibhekane nalo, uJehova unesithakazelo kulo. Ngeke avumele ukuba nilingwe ngaphezu kwalokho eningakuthwala.”—1 Korinte 10:13.
Isihloko senkulumo elandelayo sasithi “Sazise Ngaso Sonke Isikhathi Isabelo Sakho,” eyanikezwa uLyman Swingle weNdikimba Ebusayo. Ama-Israyeli awazange akhethe ngaso sonke isikhathi lapho ayezohlala khona nalokho ayezokwenza. Isizwe ngasinye sasinikezwe isabelo esithile sezwe, futhi amaLevi ayabelwe imisebenzi ekhethekile ukuba ayenze. Ngokufanayo, namuhla abaningi abasenkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele—njengezithunywa zevangeli namalungu omkhaya waseBethel—abazinqumeli ukuthi bazohlalaphi nokuthi yimuphi umsebenzi abazowenza. Kuthiwani uma umuntu ebhekana nemizwa yokungaqiniseki ngesabelo sakhe? “Uma nigxilisa amehlo kuMmeli Oyinhloko wokukholwa kwethu, uJesu, futhi nilandele isibonelo sakhe ngokuseduze, anisoze nadangala,” kusho uMzalwan’ uSwingle.—Heberu 12:2, 3.
ULeonard Pearson, weKomiti ye-Watchtower Farms, walandela ngesihloko esithi “Hlalani Nigxilile.” Wathi: “Ungaba nekhamera enhle kunawo wonke, indawo enhle kakhulu ongayithatha isithombe, isimo esikahle, noma kunjalo uthole imiphumela emibi—uma ikhamera yakho ingaqondiswanga ngokufanelekile.” Njenge-lens ebanzi, umbono wethu kumelwe uhlanganise ukushunyayelwa okwenziwa emhlabeni wonke. Akufanele nanini silahlekelwe umbono ophelele. “Labo abagxilisa ukunakekela kubona siqu ngeke bajabule ezabelweni zabo,” kusho uMzalwan’ uPearson. “Labo abagxile kuJehova nasemsebenzini abanike wona ukuba bawenze bayophumelela.”
Isihloko senkulumo elandelayo sasithi “Sinokuningi Kokukubonga,” eyanikezwa uJohn E. Barr, elinye ilungu leNdikimba Ebusayo. “Ungalokothi ulahlekelwe umuzwa wakho wokubonga uJehova,” uMzalwan’ uBarr waxwayisa abafundi. “Kungomunye wemithombo emikhulu kakhulu yokwaneliseka, kungakhathaliseki ukuthi unasiphi isabelo.” Isimo sengqondo sokubonga sashukumisela uDavide ukuba abhale: “Izabelo zingehlele ezindaweni ezinhle, yebo, nginalo ifa elihle.” (IHubo 16:6) “Ninefa elinjalo eliyigugu kakhulu lokuba nomuzwa wokusondelana noJehova ekuphileni kwenu kwansuku zonke,” kusho uMzalwan’ uBarr. “UJehova akasoze abuqeda lobobuhlobo uma nje niqhubeka nibubheka njengokuthile okujabulisayo eningabonga ngako.”
Umqeqeshi waseGileyadi uJack Redford wakhuluma ngokulandelayo, ngesihloko esithi “Uyolusebenzisa Kanjani Ulimi Lwakho?” Yeka umonakalo ongadalwa inkulumo engenangqondo! (IzAga 18:21) Ulimi lungaqondiswa kanjani? “Kumelwe uqeqeshe ingqondo yakho kuqala,” kuphendula uMzalwan’ uRedford, “ngoba ulimi lubonakalisa lokho ingqondo nenhliziyo okuyikho.” (Mathewu 12:34-37) UJesu wanikeza isibonelo esihle kakhulu; wasebenzisa ulimi lwakhe ukuze adumise igama likaJehova. “Namuhla kunendlala yokuzwa amazwi kaJehova,” uMzalwan’ uRedford watshela ikilasi. “Niyawazi lawomazwi. ‘Ninolimi lwabafundi.’ Ngakho ngaso sonke isikhathi ulimi lwenu maluqondiswe ingqondo nenhliziyo okuzinikele ngokugcwele kuJehova.”—Isaya 50:4.
Ukubaluleka komthandazo kwagcizelelwa enkulumweni ethi “Ingabe Uhamba Njengokungathi Uhamba NoJehova?” U-Ulysses Glass, umbhalisi wesikole, waphawula: “Uma ubaba ubengase asebenze kanzima ukuze ondle umkhaya wakhe kodwa angalokothi akhulume nawo futhi angalokothi azwakalise izinkulumo ezingokomzwelo, umkhaya wakhe ubungaphetha ngokufanelekile ngokuthi isisusa sokusebenza kwakhe kanzima siyisibopho esingajabulisi kunokuba kube uthando. Kungokufanayo nangathi. Singase sibe matasa enkonzweni kaNkulunkulu. Kodwa uma singathandazi, khona-ke, simane sizinikezele emsebenzini kunokuba sizinikezele kuBaba wasezulwini onothando.”
UTheodore Jaracz, weNdikimba Ebusayo, wakhuluma ngesihloko esithi “Okwenza Abaningi Bahlanganyele Nabantu BakaNkulunkulu.” Unyaka ngamunye amakhulu ezinkulungwane athutheleka enhlanganweni kaJehova. (Zakariya 8:23) Yini ebonakalisa oFakazi BakaJehova njengabantu bakaNkulunkulu? Okokuqala, bamukela lonke iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:16) Okwesibili, abathathi-hlangothi kwezombangazwe. (Johane 17:16) Okwesithathu, bafakazela igama likaNkulunkulu. (Johane 17:26) Okwesine, babonakalisa uthando lokuzidela. (Johane 13:35; 15:13) Sinalezizimfanelo, ngesibindi ‘singamemezela ubukhosi balowo owasibiza ukuba siphume ebumnyameni singene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.’—1 Petru 2:9.
Ngemva kwalezinkulumo ezishukumisayo, bonke abafundi abangu-46 bathola ama-diploma. Babelwe emazweni angu-16 kuyo yonke imbulunga.
Isimiso Santambama Esihlukile
Ntambama iSifundo Se-Nqabayokulinda esifushanisiwe saqhutshwa uDonald Krebs weKomiti YaseBethel. Khona-ke abathweswe iziqu bethula ingxenye enesihloko esithi “Ukuhlakanipha Kuyamemeza Emigwaqweni.” (IzAga 1:20) Benza imiboniso yokuhlangenwe nakho okuvuzayo ababa nakho kokubili ekufakazeni kwasemgwaqweni nasendaweni yamabhizinisi. Ngempela, uJehova ubusisa labo ababa nesibindi ukuze bashumayele ngokwethukela. “Ngivamile ukucabanga ukuthi sinjengamasikela asezandleni zabavuni abayizingelosi,” kusho omunye wababethweswa iziqu. “Lapho amakhono ethu ebukhali kakhudlwana, yilapho lezozingelosi zingasisebenzisela ukwenza umsebenzi owengeziwe.” (Qhathanisa nesAmbulo 14:6.) Lengxenye yabafundi nayo yahlanganisa ngokuboniswa kwama-slide okwanikeza izilaleli uhambo lokufundisa oluya eBolivia, Malta, naseTaiwan—okungamanye amazwe amathathu abathweswa iziqu kulelikilasi abathunyelwa kuwo.
Ngokulandelayo, uWallace noJane Liverance—asebebe yizithunywa zevangeli iminyaka engu-17—babuzwa imibuzo. Ngo-October 1993 bamenyelwa e-Watchtower Farms, lapho uMzalwan’ uLiverance ekhonza khona manje njengomunye wabaqeqeshi baseGileyadi.
Kwalandela idrama enezigcawu ezine, inesihloko esithi “Ukuhlonipha Abafanelekayo Eminyakeni Yabo Yobudala.” Njengoba abantu beguga, ukwesaba ukuba yizinto ezingenamsebenzi nokushiywa dengwane kungakuqeda ukuzethemba. (IHubo 71:9) Ledrama eshukumisayo yabonisa indlela bonke ebandleni abangabasekela ngayo abanjalo abathembekile asebekhulile.
Ngemva kwengoma nomthandazo wokuphetha, bonke abangu-6 220 ababekhona eHholo Lomhlangano eJersey City nasemahholo axhumene nalo bazizwa beqabulekile. Imithandazo yethu inalabo abathweswe iziqu ezabelweni zabo ezintsha. Kwangathi bangaqhubeka bejabulela injabulo enkulu eza ngokupha.
[Ibhokisi ekhasini 26]
Imininingwane Yekilasi
Inani lamazwe amelelwe: 9
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 16
Inani labafundi: 46
Isilinganiso seminyaka: 33,85
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 16,6
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 12,2
[Ibhokisi ekhasini 27]
IMalta Inikezwa Ukunakekela Okukhethekile
ELOBUKHOLWA liye lavimbela iqiniso leBhayibheli eMalta iminyaka eminingi. Izithunywa zevangeli zokugcina ukuthunyelwa lapho, uFrederick Smedley noPeter Bridle, bathweswa iziqu ekilasini lesishiyagalombili emuva ngo-1947. Nokho, baboshwa futhi baxoshwa eMalta ngokushesha ngemva kokufika kwabo. I-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1948 iyabika: “Lezithunywa zevangeli ezimbili ziye zachitha isikhathi esiningi zisezinkantolo futhi zineziphathimandla zezwe kunesikhathi ezasichitha zenza imisebenzi yazo yenkonzo, ngenxa nje yokuphikisa kweSigaba Sabefundisi BamaRoma Katolika. Abapristi bathi iMalta ingeyamaKatolika futhi bonke abanye kumelwe baphume.” Manje, eminyakeni engaba ngu-45 kamuva, izithunywa zevangeli ezine eziphuma ekilasini laseGileyadi lama-96 zabelwe eMalta.
[Isithombe ekhasini 26]
Ikilasi Lama-96 Elithweswa Iziqu Le-Watchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Ehlers, P.; Giese, M.; Sellman, S.; Zusperregui, J.; Rowe, S.; Jackson, K.; Scott, T. (2) Liehr, T.; Garcia, I.; Garcia, J.; Fernández, A.; Davidson, L.; Liidemann, P.; Gibson, L.; Juárez, C. (3) Fouts, C.; Pastrana, G.; Claeson, D.; Fernández, L.; Walls, M.; Dressen, M.; Pastrana, F.; Burks, J. (4) Burks, D.; Scott, S.; Jackson, M.; Mauray, H.; Juárez, L.; Zusperregui, A.; Brorsson, C.; Rowe, C. (5) Sellman, K.; Liidemann, P.; Davidson, C.; Mauray, S.; Walls, D.; Dressen, D.; Schaafsma, G.; Liehr, S. (6) Claeson, T.; Gibson, T.; Giese, C.; Ehlers, D.; Fouts, R.; Schaafsma, S.; Brorsson, L.