Ongakwenza Ekukhulekeleni Komkhaya Nasesifundweni Somuntu Siqu
EKUQALENI kuka-2009, amabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ashintsha isimiso semihlangano yawo. Imihlangano emibili yaphakathi nesonto yahlanganiswa, futhi bonke bakhuthazwa ukuba ubusuku osebukhululekile babusebenzisele ukukhulekela komkhaya noma isifundo somuntu siqu. Ingabe ubulisebenzisa ngokunenzuzo leli lungiselelo elisha? Uzuza ngokugcwele yini kulo?
Abanye baye bazibuza ukuthi bangafundani ekukhulekeleni komkhaya. INdikimba Ebusayo ayifisi ukumisa indlela eyodwa ezolandelwa yiyo yonke imikhaya. Ngenxa yokuthi izimo ziyahlukahluka, kufanele inhloko ngayinye yomkhaya noma umuntu ngamunye ahlaziye ukuthi lesi sikhathi saphakathi nesonto angasisebenzisa kanjani ngendlela engcono kakhulu.
Abanye bebelungiselela imihlangano yebandla, kodwa ukukhulekela komkhaya akudingeki kusetshenziselwe lokho kuphela. Abanye bebefunda, bexoxa, baze balingise ukwaziswa okuseBhayibhelini, ikakhulukazi ukuze kuzuze izingane ezincane. Kungase kungadingeki futhi kungathakazelisi ukuba ngaso sonke isikhathi kusetshenziswe indlela yemibuzo nezimpendulo esetshenziswa emihlanganweni yebandla. Ukwenza kube nesimo esikhululekile kuvame ukusiza ekukhuthazeni ingxoxo nokucobelelana imibono. Isimo esinjalo sikhuthaza ikhono lokusungula, okungenza leso sikhathi sikhumbuleke futhi sijatshulelwe yibo bonke.
Ubaba othile onezingane ezintathu uyabhala: “Ebesikwenza kusekelwe kakhulu ekufundweni kweBhayibheli. Ngamunye wayefunda lezo zahluko kusengaphambili, izingane zikhethe izinto ezingazicwaninga futhi zisho lokho ezikutholile. UMichael [oneminyaka engu-7] uvame ukudweba isithombe noma ukubhala isigaba ngalokho akufundile. UDavid noKaitlyn [omunye uneminyaka engu-13, omunye unengu-15] baye babhale ukulandisa kweBhayibheli ngombono womuntu obukele. Ngokwesibonelo, lapho sifunda ngoJosefa echaza amaphupho ombhaki-zinkwa nomphathi-ndebe kaFaro, uKaitlyn wabhala le ndaba njengokungathi uyisiboshwa esasibukele njengoba kwenzeka zonke lezi zenzakalo.”—Gen., isahl. 40.
Yiqiniso, izimo ziyehlukahluka. Okungase kusebenze komunye umuntu noma umkhaya kungase kungasebenzi komunye. Ibhokisi elihambisana nalesi sihloko libonisa izinto eziningana ezingenziwa ngesikhathi sokukhulekela komkhaya noma sesifundo somuntu siqu. Cishe nawe ungacabanga ngezinye eziningi.
[Ibhokisi/Isithombe emakhasini 6, 7]
Imikhaya enezingane ezevile eshumini nambili:
• Fundani futhi nixoxe ngencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.
• Prakthizani izimo ezihlukahlukene njengokuthi “Ungenze njani uma . . . ?” (Bheka INqabayokulinda ka-May 15, 1996, ikhasi 14, izigaba 17-18.)
• Xoxani ngemigomo yesikhathi esifushane neyesikhathi eside.
• Njalo ngezikhathi ezithile, bukani futhi nixoxe nge-video esekelwe eBhayibhelini.
• Bhekani izihloko ze-Nqabayokulinda ezithi “Ezentsha.”
Imibhangqwana engenazo izingane:
• Xoxani ngezahluko 1, 3, 11-16 zencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.
• Xoxani ngenikuthole ngesikhathi nicwaninga ngamaphuzu okufundwa kweBhayibheli.
• Lungiselelani iSifundo SeBhayibheli Sebandla noma Se-Nqabayokulinda.
• Xoxani ngezindlela eningayandisa ngayo inkonzo yenu njengombhangqwana.
Abafowethu nodadewethu abangashadile noma labo abasemikhayeni ehlukene ngokwenkolo:
• Fundani izincwadi ezintsha ezikhululwe emihlanganweni yesigodi.
• Fundani izi-Ncwadi Zonyaka, eyamuva nezeminyaka edlule.
• Yenzani ucwaningo ngemibuzo evamile ensimini yakini.
• Lungiselelani izintshumayelo eningazisebenzisa enkonzweni yasensimini.
Imikhaya enezingane ezisencane:
• Lingisani izindaba eziseBhayibhelini.
• Dlalani imidlalo eshukumisa inkumbulo, njengaleyo esemakhasini 30 no-31 kuyi-Phaphama!
• Ngezinye izikhathi, yenzani izinto ezifuna nisebenzise iso lengqondo. (Bheka isihloko esithi “Ukufunda IBhayibheli—E-zoo!” kuyi-Phaphama! ka-March 8, 1996, amakhasi 16-19.)
• Cabangelani izihloko ze-Nqabayokulinda ezithi “Fundisa Izingane Zakho.”