Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 10/15 kk. 5-7
  • Masijabule Ndawonye!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Masijabule Ndawonye!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Jabula Namanye AmaKristu
  • Jabula Nalabo Ababhekene Nobunzima
  • Thokoza NgoJehova!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Thokozani Ethembeni LoMbuso!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • ‘Singajabula Izinsuku Zethu Zonke’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Hlala Ujabule Enkonzweni KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 10/15 kk. 5-7

Masijabule Ndawonye!

KUYA kuba nzima ukuthola injabulo nentokozo. Kwabaningi kubonakala kungenakwenzeka ukujabula nabanye. Ukuphila kwanamuhla, ikakhulu emadolobheni amakhulu, kwenza abantu babe onkom’ idla yodwa futhi bangasondelani.

U-Alberto Oliverio, uProfesa Wokusebenza Kwengqondo Nezinto Eziphilayo, uthi: “Isizungu siyinto evame kakhulu, . . . akungabazeki ukuthi ukuphila kwasemadolobheni amakhulu kubhebhethekisa ukungasondelani. Ezimweni eziningi, kusibangela ukuba singakunaki ukuphila komuntu esisebenza naye ehhovisi, kukamakhelwane, noma komuntu oma emnyango abheke izimpahla esitolo esisendaweni yakithi.” Ukungasondelani okunjalo kuvame ukubangela ukucindezeleka.

Nokho, isimo samaKristu esikanye nawo sihlukile, nomoya wawo uhlukile. Umphostoli uPawulu wabhala: “Jabulani ngaso sonke isikhathi.” (1 Thes. 5:16) Sinezizathu eziningi zokujabula nokuthokoza ndawonye. Sikhulekela uNkulunkulu oPhezukonke, uJehova; siqonda isigijimi seqiniso leBhayibheli; sinethemba lensindiso nelokuphila phakade futhi singasiza abanye ukuba bathole izibusiso ezifanayo.—IHu. 106:4, 5; Jer. 15:16; Roma 12:12.

Ukujabula nokuhlanganyela nabanye leyo njabulo kuyizici ezibonakalisa amaKristu eqiniso. Ngakho, akumangazi ukuthi uPawulu wabhalela abaseFilipi: “Ngiyathokoza futhi ngijabula kanye nani nonke. Manje ngendlela efanayo nani ngokwenu thokozani futhi nijabule kanye nami.” (Fil. 2:17, 18) Kula mazwi ambalwa nje, uPawulu ukhuluma kabili ngokujabula nangokuthokoza ndawonye.

Yiqiniso, amaKristu kudingeka agweme noma ikuphi ukuthambekela kokuzahlukanisa. UmKristu ozahlukanisayo ngeke akwazi ukujabula namanye amaKristu. Ngakho, singasilandela kanjani isikhuthazo sikaPawulu ‘sokuqhubeka sijabula eNkosini’ kanye nabafowethu?—Fil. 3:1.

Jabula Namanye AmaKristu

Lapho umphostoli uPawulu ebhalela abaseFilipi, cishe wayeyisiboshwa eRoma ngenxa yomsebenzi wakhe wokushumayela. (Fil. 1:7; 4:22) Noma kunjalo, ukuboshwa akuzange kuyinciphise intshiseko yakhe ngenkonzo. Kunalokho, wakujabulela ukukhonza uJehova ngokugcwele ngangokunokwenzeka ‘nokuthululwa njengomnikelo wokuphuzwa.’ (Fil. 2:17) Isimo sengqondo sikaPawulu sibonisa ukuthi injabulo ayixhomekile ezimweni zomuntu. Nakuba ayeboshiwe, wathi: “Ngizoqhubeka futhi ngijabula.”—Fil. 1:18.

UPawulu wayemise ibandla laseFilipi futhi wayebathanda kakhulu abafowabo ababekulo. Wayazi ukuthi ukuhlanganyela nabo injabulo ayeyithola ngokukhonza uJehova kwakuyobakhuthaza. Ngakho, wabhala: “Ngifisa ukuba nazi, bazalwane, ukuthi izindaba zami ziye zaphumela ekuqhubekeleni phambili kwezindaba ezinhle kunokuba kube ngenye indlela, kangangokuthi ukuboshwa kwami sekwaziwa obala ebuhlotsheni noKristu phakathi kwabo bonke abaQaphi Bombusi nabo bonke abanye.” (Fil. 1:12, 13) Ukubaxoxela okuhlangenwe nakho kwakhe okukhuthazayo kwakungenye yezindlela zokujabula nabafowabo. Kumelwe ukuba abaseFilipi, nabo, bajabula noPawulu. Nokho, ukuze bajabule naye, kwakungamelwe badikibaliswe yilokho uPawulu ayebhekene nakho. Kunalokho, kwakumelwe balingise isibonelo sakhe. (Fil. 1:14; 3:17) Ngaphezu kwalokho, abaseFilipi babengaqhubeka bembeka emithandazweni yabo futhi bamsize babuye bamsekele nganoma iyiphi indlela ababengasekela ngayo.—Fil. 1:19; 4:14-16.

Ingabe sibonisa umoya wokujabula njengoba kwenza uPawulu? Siyakulwela yini ukubona okuhle ezimweni esibhekana nazo ekuphileni nasenkonzweni yethu yobuKristu? Lapho sihlangene nabafowethu, kuhle ukukhuluma ngezinto ezisijabulisile emsebenzini wokufakaza. Akudingekile ukuba kuze kube okuhlangenwe nakho okuvusa amadlingozi. Mhlawumbe siye sakwazi ukuvusa isithakazelo ngesigijimi soMbuso sisebenzisa isingeniso esithile esiphumelelayo noma ngokubonisana nothile. Mhlawumbe sibe nengxoxo emnandi nomninikhaya ngevesi elithile leBhayibheli. Noma kungenzeka ukuthi abathile ensimini yethu baye baqaphela ukuthi singoFakazi BakaJehova futhi lokhu kukodwa kwanikeza ubufakazi obuhle. Ukuxoxela abanye okuhlangenwe nakho okunjalo kuyindlela yokujabula ndawonye.

Abantu bakaJehova abaningi baye bazidela futhi basazidela ukuze bafeze umsebenzi wokushumayela. Amaphayona, ababonisi abajikelezayo, izikhonzi zaseBethel, izithunywa zevangeli nezisebenzi zakwamanye amazwe bayazikhandla enkonzweni yesikhathi esigcwele futhi bathola injabulo ngokwenza lokho. Ingabe sijabula futhi sithokoze nabo? Uma kunjalo, masibonise ukuthi siyazazisa lezi ‘zisebenzi ezithandekayo ezikanye nathi ngenxa yombuso kaNkulunkulu.’ (Kol. 4:11) Lapho sihlangene emihlanganweni yebandla noma emihlanganweni emikhulu yamaKristu, singazikhuthaza ngokufudumele. Singalingisa nesibonelo sazo sentshiseko. Singenza ‘nethuba’ lokulalela okuhlangenwe nakho kwazo namazwi azo akhuthazayo ngokuzimemela emizini yethu, mhlawumbe ukuze sidle nazo.—Fil. 4:10.

Jabula Nalabo Ababhekene Nobunzima

Ukukhuthazelela ushushiso nokunqoba ubunzima kwaqinisa ukuzimisela kukaPawulu ukuhlale ethembekile kuJehova. (Kol. 1:24; Jak. 1:2, 3) Ukwazi ukuthi abazalwane baseFilipi cishe babeyobhekana nobunzima obufanayo futhi bakhuthazwe isibonelo sakhe sokukhuthazela kwamnikeza isizathu sokujabula nokuthokoza kanye nabo. Ngakho, wabhala: “Leli lungelo lanikezwa nina ngenxa kaKristu ukuba ningabi nje kuphela nokholo kuye, kodwa futhi nokuba nihlupheke ngenxa yakhe. Ngoba ninomshikashika ofanayo nalowo enawubona kimi nalowo futhi enizwa ngawo manje ngokuqondene nami.”—Fil. 1:29, 30.

Nanamuhla, amaKristu abhekana nokuphikiswa ngenxa yokufakaza. Ngezinye izikhathi lokho kuphikiswa kuhambisana nobudlova kodwa ezikhathini eziningi kucashile. Kungase kube ukumangalelwa ngamanga izihlubuki, inzondo evela emalungwini omkhaya, ukuhlekwa usulu osebenza nabo noma ofunda nabo esikoleni. UJesu waxwayisa ngokuthi lobu bunzima akufanele busimangaze noma busenze sidangale. Kunalokho buyizizathu zokujabula. Wathi: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi besho yonke inhlobo yento embi ngani, beniqambela amanga ngenxa yami. Jabulani nigxumagxume ngenjabulo, ngoba umvuzo wenu mkhulu emazulwini.”—Math. 5:11, 12.

Akufanele sesabe noma sithuthumele lapho sizwa ukuthi abafowethu bashushiswa ngonya emazweni athile. Kunalokho, kufanele sijabule ngokukhuthazela kwabo. Singabathandazela, sicele uJehova aqinise ukholo nokukhuthazela kwabo. (Fil. 1:3, 4) Nakuba kukuncane esingakwenzela labo bazalwane esibathandayo, singasiza esinabo ebandleni ababhekene nobunzima. Singaba nesithakazelo kubo futhi sibasekele. Singenza amathuba okujabula nabo ngokubamema ngezikhathi ezithile ukuba bazohlanganyela nathi ekuKhulekeleni Komkhaya kwakusihlwa, ngokuhamba nabo ensimini nangokuzijabulisa nabo.

Sinezizathu eziningi zokujabula ndawonye! Masimelane nomoya waleli zwe wokuzahlukanisa futhi siqhubeke sijabula nabafowethu. Ngokwenza lokho, ngeke nje sibe nesandla othandweni nasebunyeni bebandla kodwa siyobujabulela ngokugcwele ubuzalwane bethu bobuKristu. (Fil. 2:1, 2) Yebo, “jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi,” ngoba uPawulu uyasinxusa: “Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani!”—Fil. 4:4.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 6]

Globe: Courtesy of Replogle Globes

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela